Uyazazi Yini Izinto Ongakhetha Phakathi Kwazo?
Ziyanda izikhungo zezokwelapha emhlabeni wonke esezihlinza ngaphandle kokusebenzisa igazi. Ingabe uzazi ngokugcwele izinto ezikhona ongakhetha phakathi kwazo emkhakheni wezokwelapha ngaphandle kwegazi? Kudingeka uzazi ukuze wenze izinqumo ezisekelwe olwazini endabeni yokwelashwa nokuhlinzwa. Bukela i-video ethi No Blood—Medicine Meets the Challenge. Ngemva kwalokho, hlaziya ngomthandazo lokho okufundile usebenzisa imibuzo engezansi.—Phawula: Ngenxa yokuthi kule video kunezigcawu ezimfushane zokuhlinzwa kwabantu, abazali kufanele basebenzise ukuqonda lapho beyibukela nezingane ezisencane.
(1) Siyini isizathu esiyinhloko esenza oFakazi BakaJehova benqabe ukumpontshelwa igazi? (2) Uma kuziwa kwezokwelashwa, yini oFakazi BakaJehova abayifisayo? (3) Yiliphi ilungelo eliyisisekelo iziguli ezinalo? (4) Kungani kunengqondo futhi kubonisa ukuhluzeka ukukhetha ezinye izindlela zokwelashwa esikhundleni sokumpontshelwa igazi? (5) Lapho umuntu opha kakhulu, iziphi izinto ezimbili ezibalulekile odokotela abangazenza? (6) Iziphi izimiso ezine zezinqubo zokwelapha ngaphandle kwegazi? (7) Odokotela (a) bangakunciphisa kanjani ukopha, (b) bangawonga kanjani amangqamuzana abomvu egazi, (c) bangawukhuthaza kanjani umzimba ukuba ukhiqize igazi, futhi (d) bangawubuyisela kanjani umthamo wegazi eliphumile? (8) Chaza inqubo eyaziwa ngokuthi (a) i-hemodilution (b) ne-cell salvage. (9) Yini okufanele ufune ukuyichazelwa nganoma iyiphi inqubo yokwelapha esetshenziswa esikhundleni sokumpontshelwa igazi? (10) Ingabe izinqubo zokuhlinzwa ezinkulu neziyinkimbinkimbi zingenziwa ngaphandle kokumpontshelwa igazi? (11) Iyiphi intuthuko enhle eyenziwayo emkhakheni wezokwelapha?
Umuntu kufanele azinqumele ukuthi uyazamukela yini ezinye zezindlela zokwelapha eziboniswa kule video ngokuvumelana nonembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. Ingabe usunqumile ukuthi iziphi izindlela zokwelapha ozimisele ukuzamukela wena nezingane zakho, wabe usugcwalisa ikhadi i-DPA? Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe mayelana nalezi zindaba, bukeza ngokucophelela “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 2004 neka-October 15, 2000. Yibe ususebenzisa amafomu asesenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2007 esithi “Kufanele Ngizibheke Kanjani Izingxenyana Zegazi Nezinqubo Zokwelapha Ezihilela Ukusetshenziswa Kwegazi Lami?,” ukuze unqume ukuthi iziphi izinto wena oyozamukela noma oyozenqaba. Ekugcineni, qiniseka ukuthi lokho okukhethayo ukubhala ngokucacile ekhadini i-DPA. Abameleli bezokwelapha obakhethayo nanoma imaphi amalungu omkhaya angebona oFakazi kufanele bachazelwe ngokugcwele ngesinqumo sakho.
[Ibhokisi ekhasini 3]
• Ingabe usunqumile ukuthi iziphi izinqubo zokwelashwa okulungele ukuzamukela wena nezingane zakho?
• Ingabe uyaliphatha ikhadi i-DPA eligcwalisiwe uma kwenzeka kuphakama izimo eziphuthumayo?