Ukwelapha Kwezinga Eliphakeme Kakhulu—Kuyini?
“Noma isiphi isiguli eselashwa ngaphandle kwegazi empeleni sisuke sihlinzwa ngendlela ephambili kakhulu ongase uyicabange.” Yilokho okwashiwo uDkt. Michael Rose, umqondisi wezokwelapha futhi ongudokotela obulala izinzwa. Yiziphi izinqubo nezindlela zokwelapha okungase kuthiwe “ukwelapha ngaphandle kwegazi”? Kufanele wazi ukuze wenze izinqumo unolwazi ngendaba yokwelashwa nokuhlinzwa. Bukela i-video ethi No Blood—Medicine Meets the Challenge. Ngemva kwalokho, vivinya ukuqonda kwakho ngemibuzo elandelayo.—Phawula: Ngenxa yokuthi kule video kunezigcawu ezimfushane zokuhlinzwa kwabantu, abazali kufanele basebenzise ukuqonda lapho beyibukela nezingane ezisencane.
(1) Yisiphi isizathu esiyinhloko sokuba oFakazi BakaJehova benqabe ukumpontshelwa igazi? (2) Uma kuziwa kwezokwelashwa, yini oFakazi BakaJehova abayifisayo? (3) Yiliphi ilungelo eliyisisekelo iziguli ezinalo? (4) Kungani kunengqondo futhi kubonisa ukuhluzeka ukukhetha ezinye izindlela zokwelashwa esikhundleni sokumpontshelwa igazi? (5) Lapho umuntu opha kakhulu, iziphi izinto ezimbili ezibalulekile odokotela abangazenza? (6) Yiziphi izimiso ezine zezinqubo zokwelapha ngaphandle kwegazi? (7) Odokotela (a) bangakunciphisa kanjani ukopha, (b) bangawonga kanjani amangqamuzana abomvu egazi, (c) bangawukhuthaza kanjani umzimba ukuba ukhiqize igazi, futhi (d) bangawubuyisela kanjani umthamo wegazi eliphumile? (8) Chaza inqubo eyaziwa ngokuthi (a) i-hemodilution (b) ne-cell salvage. (9) Yini okufanele ufune ukuyichazelwa nganoma iyiphi inqubo yokwelapha esetshenziswa esikhundleni sokumpontshelwa igazi? (10) Ingabe izinqubo zokuhlinzwa ezinkulu neziyinkimbinkimbi zingenziwa ngaphandle kokumpontshelwa igazi? (11) Iyiphi intuthuko enhle eyenziwa emkhakheni wezokwelapha?
Ukwamukela ezinye zezindlela zokwelapha ezikule video kuyisinqumo somuntu siqu, okufanele umuntu ngamunye asenze ngokuvumelana nonembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. Ingabe usunqumile ukuthi iziphi izinqubo zokwelashwa ezisebenza esikhundleni sokumpontshelwa igazi okulungele ukuzamukela wena nezingane zakho? Amalungu omkhaya angebona oFakazi nawo kufanele aziswe ngokugcwele ngesinqumo sakho nezizathu zalokho.—Bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 2004 neka-October 15, 2000.