Ilungiselelo Elenzelwe Izikhonzi EzingamaKristu
1. Iliphi ilungiselelo elisha elaqala ngo-1938, futhi ngayiphi injongo?
1 Ngo-1938, inhlangano kaJehova yaqala ilungiselelo elisha. Amabandla amaningana amenywa ukuba abe khona emihlanganweni yesifunda. Ngayiphi injongo? I-Informant (manje eyi-Nkonzo Yethu YoMbuso) ka-January 1939 yaphendula: “Le mihlangano iyingxenye yeNhlangano KaJehova Engokwasezulwini ukuze kufezwe inkonzo yakhe yoMbuso. Imfundo enikezwa lapho ibalulekile kumuntu ngamunye ukuze awenze ngendlela efanele umsebenzi awabelwe.” Uma sicabanga ngokwanda kwabamemezeli boMbuso kusukela kwabangu-58 000 kuphela ababekhona ngo-1938 kuya kwabangaphezu kuka-7 000 000 ngo-2009, kusobala ukuthi le mihlangano yesifunda iyayifeza indima yayo yokusiza izikhonzi ukuba ‘zenze umsebenzi eziwabelwe’!
2. Ikuphi ukwaziswa okuyokwethulwa emhlanganweni wethu wesifunda onyakeni omusha wenkonzo?
2 Isihloko Sonyaka Ozayo: Sibheke phambili esimisweni esizoqala ngo-September nesikhuthazo esizosithola kuso. Isihloko saso sithi “Aniyona Ingxenye Yezwe” futhi sithathwe kuJohane 15:19. Iziphi ezinye zezihloko eziyozuzisa izikhonzi ezingamaKristu ngokuqinisekile? NgoMgqibelo siyolalela inkulumo ethi “Inkonzo Yesikhathi Esigcwele Iyasivikela—Kanjani?” Siyojabulela nochungechunge olunezinkulumo ezintathu oluthi “Ungangcoliswa . . . ” “Isilo Sasendle,” “Isifebe Esikhulu,” nethi “Abathengisi Abahambayo.” NgeSonto siyozwa uchungechunge olunesihloko esithi “Thanda UJehova, Hhayi Izwe.” Ezinye izinkulumo zihlanganisa ethi “Qhubekani ‘Niyizihambi Nezakhamuzi Zesikhashana’” nesithi “Yima Isibindi! Ungalinqoba Izwe.”
3. Singathola ziphi izinzuzo ngokuba khona emhlanganweni wesifunda?
3 Ngemva kokuya emhlanganweni wesifunda muva nje, udade othile owayesencishelwe intshiseko ngenkonzo wabhala ukuthi isimiso samenza wahlola izimo zakhe futhi wazimisela “ukuphuma aye enkonzweni, ayeke ukubeka izaba!” Akungabazeki ukuthi isimiso esisha somhlangano wesifunda sonyaka omusha wenkonzo sizosisiza sonke ukuba sithande uJehova, hhayi izwe. (1 Joh. 2:15-17) Qiniseka ukuthi ukhona futhi uyalalelisisa ukuze uzuze ngokugcwele kuleli lungiselelo lothando elenzelwe izikhonzi ezingamaKristu!