Umhlangano Wesifunda Wokusisiza Ukuba Silondoloze Ingokomoya Lethu
1. Iliphi elinye ilungiselelo uJehova alenzile ukuze asisize sifeze umyalo wokusakaza izindaba ezinhle?
1 UJehova usinika intilibathwa yokwaziswa, ukuqeqeshwa nesikhuthazo esisidingayo ukuze sihlanganyele emyalweni waphezulu wokusakaza izindaba ezinhle. (Math. 24:14; 2 Thim. 4:17) Umhlangano wethu wesifunda waminyaka yonke ungelinye lalawo malungiselelo. Isimiso esisha sonyaka wenkonzo ka-2010 sizothuthukisa isihloko esithi “Londoloza Ingokomoya Lakho,” esisekelwe kwabaseRoma 8:5 nakuJude 17-19. Lo mhlangano uhlelelwe ukuqala ngesonto lika-August 31, 2009.
2. (a) Umhlangano wesifunda uyosizuzisa ngaziphi izindlela? (b) Imihlangano yesifunda edlule isisize kanjani enkonzweni?
2 Yeka Ukuthi Uyosizuzisa Kanjani: Lesi simiso siyosiqaphelisa ngezingozi ezinjengeziphazamiso ezisongela ukudla isikhathi sethu futhi ziphambukise umbono wethu kulokho okubaluleke ngempela. Siyofunda ukuthi singalwa kanjani nomoya wokuyekelela, futhi siyocabangela nokuthi umuntu ongokomoya ubonakala ngani. Uchungechunge lwangeSonto luyobonisa indlela abantu ngabanye kuhlanganise namaqembu emikhaya abangathatha ngayo izinyathelo zokuqinisa ingokomoya kulesi sikhathi esinokucindezeleka okwandayo nokuvivinywa kokholo okunzima. Lesi simiso siyosisiza ukuba sivikele izinhliziyo silondoloze nengokomoya lethu, futhi sizikhumbule ngokucacile izibusiso ezinkulu ezigcinelwe labo abalondoloza ingokomoya labo.
3. Uyoba nini umhlangano wenu wesifunda olandelayo, futhi yini okufanele uyenze?
3 Ngokushesha lapho sewazi ukuthi umhlangano wenu wesifunda olandelayo uyoba nini futhi kuphi, yenza amalungiselelo okuba khona nokulalelisisa zonke izingxenye zesimiso sezinsuku ezimbili. Qiniseka ngokuthi uJehova ubusisa izandla zabakhutheleyo.—IzAga 21:5.
4. Yini esiqinisekayo ukuthi siyoyithola emhlanganweni wethu wesifunda ozayo?
4 Ngempela, uJehova unguMlungiseleli wezipho ezinhle. Lesi simiso esilungiselelwe isigaba senceku ethembekile siyoba yilokho kanye esikudingayo ukuze siqhubeke njengezikhonzi ezingamaKristu. Siyambonga uJehova ngawo wonke amalungiselelo akhe othando ukuze asisize ‘sikubambe ngokuqinile ukulivuma kwasobala ithemba lethu ngaphandle kokuntengantenga.’—Heb. 10:23-25; Jak. 1:17.