Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/11 k. 8
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
km 1/11 k. 8

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda January 1

Funda uGenesise 2:16, 17, bese uthi: “Abanye bathi uNkulunkulu wayazi ukuthi u-Adamu uzokona. Abanye banomuzwa wokuthi isixwayiso sikaNkulunkulu sasiyobe siwubuzenzisi ukube wayazi ukuthi kwakuzokwenzekani. Wena ucabangani? [Lindela impendulo.] Lesi sihloko esiqala ekhasini 13 siyachaza ukuthi uNkulunkulu ulisebenzisa kanjani ikhono lakhe lokwazi ikusasa.”

Phaphama! January

“Abanye bakholelwa ukuthi ukholo olungokwenkolo lusekelwe kakhulu emzwelweni kunasezizathwini ezinengqondo. Wena ucabangani? [Lindela impendulo.] NgokweBhayibheli, ukholo olungokwenkolo akufanele lube yinto yokuthatheka. [Funda eyoku-1 Johane 4:1.] Lesi sihloko esiqala ekhasini 28 sichaza indlela esingahlola ngayo ukuthi ukholo lwethu lusekelwe ezizathwini ezinengqondo yini.”

INqabayokulinda February 1

“Isehlukaniso siyinto evamile namuhla. Ucabanga ukuthi iyini imbangela eyinhloko yalokhu? [Lindela impendulo.] Phawula lesi seluleko imibhangqwana eminingi esithole siwusizo. [Funda 1 Korinte 10:24.] Lo magazini uxoxa ngezinkinga eziyisithupha abayeni nomkabo abavame ukukhala ngazo futhi uyabonisa ukuthi kungasiza kanjani ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli.”

Phaphama! February

“Kubonakala sengathi kunesithakazelo esikhulu kuma-vampire nakubathakathi. Ingabe ucabanga ukuthi ukuhileleka ekusebenzelaneni nemimoya akuyona ingozi? [Lindela impendulo.] Phawula isixwayiso uNkulunkulu asinika u-Israyeli wasendulo. [Funda uDuteronomi 18:10-12.] Lo magazini ubonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngemimoya.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela