‘Igama LikaNkulunkulu Malingcweliswe’
1. Sithini isihloko somhlangano wesifunda wonyaka wenkonzo ka-2012 futhi sisekelwe kuphi?
1 Yeka ilungelo esinalo lokubizwa ngegama loMbusi Wendawo Yonke, uJehova! UNkulunkulu ngokwakhe owasinika ilungelo lokubizwa ngegama lakhe, futhi njengoFakazi BakaJehova siye sabizwa ngegama laKhe elingafani nelamuntu ikakhulukazi kusukela ngo-1931. (Isaya 43:10) INdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, uJesu, yayilazisa kakhulu igama likaNkulunkulu, ilibeka endaweni yokuqala emthandazweni oyisibonelo. (Math. 6:9) Isihloko somhlangano wethu wesifunda wonyaka wenkonzo ka-2012 sisekelwe kula mazwi kaJesu. Sithi “Igama LikaNkulunkulu Malingcweliswe.”
2. Yikuphi ukwaziswa okufanele sikulangazelele?
2 Esiyokuzwa: NgoMgqibelo, inkulumo ethi “Yenzani Igama LikaNkulunkulu Laziwe Njengezikhonzi Zesikhathi Esigcwele” iyochaza ukuthi kungani inkonzo yesikhathi esigcwele iyindlela yokuphila enomvuzo. Siyobuye silalele nochungechunge oluthi “Qapha Ukuba Ungalethi Isihlamba Egameni LikaJehova,” oluyosisiza sigweme ukuba sengozini yokubanjwa izingibe ezine. Esihlokweni esithi “Kungani Kumelwe Igama LikaNkulunkulu Lingcweliswe” kuyophendulwa imibuzo ethi, Yini eyosisiza sishumayele ngentshiseko lapho abantu bebonakala bengenaso isithakazelo kangako? nothi, Yini eyosisiza sifeze inkonzo yethu ngokuphumelelayo? NgeSonto siyojabulela uchungechunge olunezingxenye ezine olumayelana nokuthi singalingcwelisa kanjani igama likaNkulunkulu ngemicabango, inkulumo, izinqumo nangokuziphatha kwethu. Abasebasha eqinisweni bayoyijabulela ngokukhethekile inkulumo yeningi enesihloko esithi “UJehova Uyongcwelisa Igama Lakhe Eliphakeme E-Armagedoni.”
3. Yiliphi ilungelo esinalo futhi lesi simiso siyosisiza kanjani?
3 Maduze uJehova uzothatha isinyathelo sokungcwelisa igama lakhe. (Hez. 36:23) Okwamanje, sinelungelo elimangalisayo lokusekela noma yini emelelwa yigama likaJehova elingcwele. Siyaqiniseka ukuthi lesi simiso somhlangano wesifunda siyosisiza ngabanye ukuba sigcwalise umthwalo wethu obalulekile njengabaphathi begama likaNkulunkulu.