Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-November
“Ingabe ucabanga ukuthi abantu abazama ukulalela uNkulunkulu banenjabulo eyengeziwe? [Lindela impendulo.] Lesi sihloko sinamaphuzu amahle.” Nika umninikhaya ikhophi ye-Nqabayokulinda ka-November 1, bese ufunda futhi nixoxe ngendaba engaphansi kwesinye sezihlokwana ezisemakhasini 16-17. Funda okungenani umBhalo owodwa. Mhambisele umagazini, bese uhlela ukubuya ukuze nixoxe ngempendulo yombuzo olandelayo.
INqabayokulinda November 1
“Abanye abantu banomuzwa wokuthi umbono weBhayibheli ngocansi uyisidala futhi ubeka imigoqo ngokungadingekile. Abanye bavumelana neBhayibheli. Wena ucabangani? [Lindela impendulo.] Phawula lokho lo magazini okushoyo ngomthombo wezindinganiso zeBhayibheli. [Funda eyisi-2 Thimothewu 3:16.] Lo magazini ubonisa indlela iBhayibheli eliyiphendula ngayo imibuzo eyishumi evame ukubuzwa ngokuphathelene nocansi. Uchaza indlela ezisizuzisa ngayo izindinganiso zeBhayibheli.”
Phaphama! November
“Uma siyibhekisisa kahle indawo yonke, lokhu kuholela kusiphi isiphetho—esokuthi ukhona uMdali noma esokuthi yonke into yaba khona ngengozi? [Lindela impendulo.] Nakhu okwashiwo umlobi weBhayibheli othile lapho ebuka indawo yonke. [Funda eyabaseRoma 1:20.] Lo magazini uchaza lokho ososayensi abaye bakuthola ngengqamuzana lomuntu elisinikeza ukukhanya okuthile kule ndaba.”