Fakaza Ngokuzethemba Ensimini Yamabhizinisi
1. Kungani kungafanele siphelelwe yithemba uma kusethusa ukufakaza ensimini yamabhizinisi?
1 Ingabe kuyakwethusa ukufakaza ensimini yamabhizinisi? Uma kunjalo, ungaphelelwa yithemba, ngoba noPawulu owayeyisikhonzi esinesibindi, kwadingeka ukuba ‘aqunge isibindi’ ukuze ashumayele. (1 Thes. 2:2) Sizoxoxa ngezinselele nangokusikisela okusebenzayo kokuzinqoba.
2. Kungani kungafanele sikhathazeke ngokuthi sizocasula izisebenzi?
2 Ingabe Izisebenzi Ziyocasuka Uma Ziphazanyiswa? Abantu abaningi abasebenza ezindaweni zebhizinisi bakhonza umphakathi futhi bakulindele ukuphazamiseka. Ngokuvamile bayosabela kahle, ngoba bangase bakubheke njengomuntu ongase abe yikhasimende. Ngokugqoka ngendlela ehloniphekile nangokuba nobungane, uyobenza bakuphathe kahle.
3. Singakugwema kanjani ukucasula amakhasimende?
3 Ingabe Kuyodingeka Ngishumayele Phambi Kwamakhasimende Amaningi? Uma kungenzeka, khetha isikhathi lapho izitolo zingagcwele kakhulu, njengalapho zisanda kuvulwa. Linda kuze kube yilapho umphathi noma umabhalane eseyedwa ngaphambi kokuba uye kuye. Intshumayelo yakho mayibe mfushane.
4. Yini esingayisho lapho sisebenza ensimini yamabhizinisi?
4 Yini Okufanele Ngiyisho? Khuluma nomuntu ophethe uma kunezisebenzi eziningana. Ungase uthi: “Kunzima ukuthola osomabhizinisi emakhaya, ngakho sikuvakashele khona lapha emsebenzini. Ngiyazi ukuthi uyasebenza, ngakho ngizoba mfushane.” Ukuze kungabi sengathi singabadayisi, ngokuvamile kungcono ukungalikhulumeli ilungiselelo lomnikelo ngaphandle kwalapho sibuziwe ukuthi siwusekela kanjani umsebenzi wethu ngokwezimali. Kuye ngohlobo lwebhizinisi, ungase ucele imvume kumphathi yokukhuluma kafushane nezisebenzi. Phinda intshumayelo efanayo nakuzo. Uma isisebenzi sibonakala simatasa, fushanisa intshumayelo yakho bese usishiyela ipheshana. Uma kungelula ukukhuluma nezisebenzi, mhlawumbe ungase uvunyelwe ukushiya izincwadi endaweni yezisebenzi yokuphuza itiye noma kwenye indawo ezivame ukuyisebenzisa.
5. Iziphi izizathu ezikhona zokuhlanganyela ekushumayeleni ngesibindi endaweni yamabhizinisi?
5 UJesu noPawulu bashumayela ngokuzethemba kubantu abasezindaweni zebhizinisi, nawe ungakwenza lokho. (Math. 4:18-21; 9:9; IzE. 17:17) Cela uJehova akusize ube nenhliziyo ezolile futhi ube nesibindi. (IzE. 4:29) Akulula ukuba ungabatholi abantu ezindaweni zebhizinisi, ngakho kungani ungayizami le ndlela yokufakaza ekhiqizayo?