Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukufakaza Ensimini Yamabhizinisi
Kungani Kubalulekile: Njengoba abantu abaningi besebenza amahora amaningi, ngokuvamile indlela enhle kakhulu yokubafinyelela ngesigijimi soMbuso iwukufakaza kubo lapho besebenza khona. Ukufakaza ensimini yamabhizinisi kungajabulisa futhi kukhiqize, ngoba akunakwenzeka sifike kungenamuntu futhi izisebenzi zivame ukuba nomusa kulabo ezibabheka njengamakhasimende. Ukuze baphumelele, abamemezeli kumelwe bahlulele kahle futhi babe yisibonelo endleleni abagqoka nabazilungisa ngayo. (2 Kor. 6:3) Ngakho-ke, umbonisi wenkonzo kufanele ahlole ngokucophelela ukuthi amasimu asetshenzwa obani futhi kanjani.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Phakathi nokuKhulekela Komkhaya kwenu okulandelayo, prakthizani intshumayelo emfushane eningayisebenzisa uma nisebenza insimu yamabhizinisi.