Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb19 Febhuwari k. 3
  • Uyabubona Yini Ubuntu BukaNkulunkulu Endalweni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyabubona Yini Ubuntu BukaNkulunkulu Endalweni?
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
  • Indaba Ethi Ayifane
  • The Wonders of Creation Reveal God’s Glory
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Funda Okwengeziwe NgoJehova Ngokubuka Indalo Yakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Sebenzisa Indalo Ukuze Ufundise Izingane Zakho NgoJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Nezela Umbala Othile Ekuphileni Kwakho
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
mwb19 Febhuwari k. 3

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Uyabubona Yini Ubuntu BukaNkulunkulu Endalweni?

Uyayibona yini imisebenzi yoMdali lapho ubuka imbali emibalabala, isibhakabhaka esinezinkanyezi eziningi noma impophoma ehazayo? Indalo esiyibonayo ibembula kahle ubuntu bukaJehova nakuba singamboni. (Ro 1:20) Uma sima kancane sicabange ngalokhu esikubonayo, siyakwazi ukubona amandla kaJehova, uthando, ukuhlakanipha, ubulungisa kanye nokuphana kwakhe.—IHu 104:24.

Yimiphi eminye yemisebenzi kaJehova emihle oyibonayo usuku ngalunye? Ngisho nalapho uhlala edolobheni, ungase uzibone izinyoni nezihlahla. Ukubukisisa indalo kaJehova kungasisiza sinciphise ukukhathazeka, kusisize singagxili ezinkingeni esinazo futhi kusenze simethembe nakakhulu uJehova ukuthi uzokwazi ukusinakekela kuze kube phakade. (Math 6:25-32) Uma unezingane, zisize zibubone ubuntu bukaJehova obungenakuqhathaniswa. Lapho siya ngokuya siyithanda indalo esiyibonayo, sizosondela nakakhulu kuMdali.—IHu 8:3, 4.

BUKELA IVIDIYO ETHI UBUHLE BENDALO BEMBULA INKAZIMULO KANKULUNKULU—UKUKHANYA NOMBALA, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Amakhemikhali abizwa ngokuthi ama-pigment asisiza kanjani ukuba sibone imibala?

  • Yini eyenza into ibonakale imibalabala futhi icwebezela?

  • Kungani sibona imibala ehlukahlukene esibhakabhakeni?

  • Imiphi imibala ekhangayo yendalo oyibone ngalapho ohlala khona?

  • Kungani kufanele siziphe isikhathi sokubukisisa indalo?

Imbali ebomvana, uvemvane oluhlaza okwesibhakabhaka, izithelo ezinemibala ehlukahlukene nelanga emkhathizweni

Ukukhanya nombala kwembulani ngobuntu bukaJehova?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela