Sebenzisa Ingosi Yethu Enkonzweni—“Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli”
Ingxenye ye-jw.org ethi “Izimfundiso ZeBhayibheli” inesihloko esithi “Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli.” Uma siyazi le mibuzo evame ukubuzwa, singatshela abaninikhaya abayibuzayo ukuba bangene engosini yethu ukuze bathole izimpendulo zayo ezingokomBhalo. Le mibuzo ingasetshenziselwa nokuqala izingxoxo enkonzweni. Singakhetha umbuzo ovame ukubuzwa abantu ensimini yethu, sicele umbono womninikhaya bese simtshela lokho okushiwo iBhayibheli sisebenzisa amaphuzu akuyi-jw.org. Ngemva kwalokho, singamchazela noma simbonise ukuthi sikutholephi lokho kwaziswa. Noma singamcela azifundele impendulo ngokuqondile engosini. Inkosikazi yombonisi ojikelezayo iye yasebenzisa lesi sethulo esiphumelelayo: “Abantu abaningi bayazibuza, ‘Ingabe kufanele sisole uNkulunkulu ngokuhlupheka kwethu?’ Ungathanda yini ukuthola impendulo ngemizuzwana engu-51?” Ube esedlala isihloko esilalelwayo esiphendula lo mbuzo asidawunilode kumakhalekhukhwini wakhe. Uphetha ngokwethula isahluko 11 sencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.