Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-February
“Abantu abaningi banomuzwa wokuthi nguDeveli oyimbangela yobubi obusemhlabeni. Kodwa bayazibuza: ‘Wavelaphi uDeveli? Ingabe wadalwa nguNkulunkulu?’ Wena ucabangani? [Lindela impendulo.] Phawula lokhu okushiwo lapha.” Mbonise isihloko esingemuva kuyi-Nqabayokulinda ka-February 1, bese nixoxa ngesigaba sokuqala kanye nomBhalo okhonjiwe. Mhambisele omagazini, bese uhlela ukubuya ukuze nixoxe ngombuzo olandelayo.
INqabayokulinda February 1
“Singathanda ukuzwa uvo lwakho ngomuntu othile ohlonishwa kakhulu amaKristu, amaJuda namaSulumane. Lowo muntu uMose. Yini efika kuqala engqondweni yakho uma uzwa igama lakhe? [Lindela impendulo.] Nakuba enza amaphutha, iyathakazelisa indlela iBhayibheli elimchaza ngayo. [Funda uDuteronomi 34:10-12.] Lo magazini ukhuluma ngezimfanelo zakhe ezintathu ezinhle nendlela esingamlingisa ngayo.”
Phaphama! February
“Sekuvamile kulezi zinsuku ukuba abantu bathuthele kwamanye amazwe beyofuna ukuphila okungcono. Ucabanga ukuthi bahlale bekuthola lokho abakufunayo? [Lindela impendulo.] Ukuthuthela kwelinye izwe akuyona into entsha. Phawula lesi sibonelo esisithola encwadini yokuqala ngqá yeBhayibheli. [Funda uGenesise 46:5, 6.] Lo magazini ukhuluma ngale mibuzo.” Bonisa umninikhaya imibuzo esekupheleni kwekhasi 6.