“Ngizozithatha lzincwadi Zakho Uma Nawe Uthatha Ezami”
Basho njalo abanye abaninikhaya. Njengoba singashintshanisani nabantu ngezincwadi zethu zeBhayibheli sithathe ezabo zenkolo ezifundisa amaphutha, singabaphendula kanjani ngesu lokungacunuli? (Roma 1:25) Singase sithi: “Ngiyabonga. Le ncwadi yakho ithini ngesisombululo sezinkinga zesintu? [Lindela impendulo. Uma ekucela ukuba ufunde incwadi yakhe ukuze uthole impendulo, ungamkhumbuza ukuthi wena awuzange umnike incwadi ungamtshelanga ukuthi ikhuluma ngani. Ungabe usumfundela noma umcaphunela uMathewu 6:9, 10.] UJesu wabonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyokwenza ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe la emhlabeni. Ngakho, izincwadi zenkolo engizifundayo yilezo eziqokomisa uMbuso kaNkulunkulu kuphela. Ngicela ukukubonisa eBhayibhelini ezinye zezinto uMbuso kaNkulunkulu ozozenza.”