Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/14 kk. 2-4
  • Khumbulani Labo Abasemakhaya Asebekhulile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Khumbulani Labo Abasemakhaya Asebekhulile
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bahlala Bodwa Kodwa Asibakhohliwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Ukunakekela Asebegugile—Inkinga Ekhulayo
    I-Phaphama!—1991
  • Kufuneka Izifundo ZeBhayibheli Ezengeziwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
km 6/14 kk. 2-4

Khumbulani Labo Abasemakhaya Asebekhulile

1. Kungani kunesidingo sokufinyelela labo abasemakhaya asebekhulile ngezindaba ezinhle?

1 Abantu abaningi babhekene nemiphumela ewohlozayo yokuguga. (UmSh. 12:​1-7) Abanye asebekhulile bahlala emakhaya asebekhulile, ngakho akulula ngaso sonke isikhathi ukubathola lapho sishumayela endlini ngendlu. Lokhu kwenzeka ngisho nasemazweni lapho abazali asebekhulile bethuthela emizini yezingane zabo noma izihlobo. Nakuba kungenzeka babe nenkinga yokuhamba noma yokukhumbula izinto, asebekhulile nabanye abahlala emakhaya asebekhulile bangakwazi ukufunda, ukwazisa nokuthanda uJehova. Singabafinyelela kanjani ukuze sihlanganyele nabo izindaba ezinhle ‘zethemba elijabulisayo’?​—Thithu 2:13.

2. Singazithola kanjani izikhungo ezinakekela asebekhulile ukuze sikwazi ukuzivakashela?

2 Indlela Ongaqala Ngayo: Ngokuvamile ungakwazi ukuthola izikhungo ezinakekela asebekhulile ngokuzicinga ebhukwini lezingcingo. Bheka ngaphansi kohlu oluthi “amakhaya asebekhulile” noma “amakhaya alabo abadinga ukunakekelwa (nursing homes).” Umbonisi wenkonzo angahola ekwenzeni izinhlelo zokuba abamemezeli abafanelekayo bavakashele isikhungo ngasinye. Ngokuhlela okuhle nangokuncika kuJehova, ungakwazi ukuqala iqembu lesifundo seBhayibheli.​—IzAga 21:5; 1 Joh. 5:​14, 15.

3, 4. (a) Ubani okufanele sikhulume naye ukuze siqale isifundo seqembu? (b) Singalichaza kanjani ilungiselelo lesifundo?

3 Indlela yokuqala isifundo incike ekutheni nhloboni yesikhungo leso. Ezikhungweni ezinkulu ezihlalisa asebekhulile nezisebenzi eziningi, kungcono ukukhuluma nesisebenzi esiphendula izingcingo ucele ukukhuluma nomphathi wakhona. Emakhaya amancane asebekhulile​—amakhaya ahlalisa asebekhulile abambalwa anezisebenzi ezimbili noma ezintathu​—kungangcono ukuhlela isikhathi sokukhuluma ngokuqondile nomnikazi wendawo.

4 Esimweni ngasinye, chaza ukuthi unikela ngesikhathi sakho ukuze ukhuthaze abantu abathanda ukufunda nokuxoxa ngeBhayibheli. Buza ukuthi bakhona yini abahlala khona abangathanda ukuxoxa ngeBhayibheli njengeqembu isikhathi esingaba imizuzu engu-30 isonto ngalinye. Ungasebenzisa izincwadi ezihlukahlukene, kodwa abaningi bathole ukuthi incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli nethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila zithandwa kakhulu. Ungase ubonise umphathi wendawo lezi zincwadi. Ungaxoxa naye ngosuku, isikhathi nendawo eniyofundela kuyo futhi leyo mininingwane ingase ibhalwe ekhalendeni lemisebenzi eyenziwayo ekhaya lasebekhulile. Ungesabi ukusho ukuthi unguFakazi KaJehova. Ngesikhathi esifanayo, siza umphathi aqonde ukuthi nizobe ningasonti, kodwa nifunda iBhayibheli.

5. Yikuphi ukusikisela okuwusizo okuyokwenza isifundo sijabulise futhi sizuzise?

5 Indlela Yokuqhuba Isifundo: Indlela oqhuba ngayo isifundo ixhomeke ezimweni nasendaweni enifundela kuyo, ngakho zivumelanise nezimo futhi ubonise ukuqonda. Umqhubi wesifundo kumelwe aphathe amakhophi amaningi encwadi efundwayo, aphinde ahambe nawo lapho isifundo sesiphelile. Abanye kungase kudingeke abaphathele ezohlelo olubhalwe ngokugqamile. Izigaba zingafundwa, kubuzwe imibuzo futhi kunikezwe izimpendulo ngendlela evamile. Labo abathandayo nabakwaziyo bangacelwa ukuba bafunde izigaba noma imiBhalo. Yenza isifundo siphile, yiba owakhayo futhi ube nobungane. Ngemvume yomphathi, ngezikhathi ezithile ningabuka enye yama-video enhlangano esenza sikholelwe eBhayibhelini noma eqokomisa izifundo zokulandisa okuthile kweBhayibheli. Ningakwazi ukuqala nokuphetha isifundo ngomthandazo olula. Abanye abamemezeli baze bacule nezingoma zoMbuso.

6. Kungasingathwa kanjani ukuphikisa?

6 Kuthiwani uma othile ephikisa okuthile enifunda ngakho noma okushiwo phakathi nesifundo? Sebenzisa ukuqonda lapho uphendula. (Kol. 4:6) Mhlawumbe ungamfundela umBhalo omfushane oyicacisa kahle indaba emkhathazayo. Uma ungenakukwazi ukwenza kanjalo, kungaba ngcono ukuncoma uvo lwakhe bese ucela ukuxoxa naye ngemva kwesifundo seninodwa.

7. Yini ongayenza uma ofundayo enombuzo noma ebonisa isithakazelo esikhethekile?

7 Ngezinye izikhathi, omunye angase abuze umbuzo noma azwakalise isifiso sokwazi okwengeziwe. Omunye udade usebenzisa le ndlela: “Umbuzo omuhle kakhulu lowo. Kodwa njengoba lowo kungumbuzo wakho oseceleni, ake siqede ukufunda kuqala. Siyobe sesixoxa ngawo sisobabili.” Ezikhathini eziningi ungakwazi ukuhlela ukuqhuba isifundo seBhayibheli nomuntu othakazelayo ngesinye isikhathi kwenye indawo.

8. Kufanele zibikwe kanjani izifundo zamaqembu nezinye izifundo zeBhayibheli eziqalwa nomuntu ngamunye?

8 Ngokuvamile kungcono kakhulu uma isifundo seqembu siqhutshwa oFakazi ababodwa. Noma yimuphi ummemezeli oba nengxenye esifundweni angasibika isikhathi. Lapho isifundo sesiqhubeka kahle, ummemezeli oholayo angabika impindelo eyodwa njalo lapho eqhuba isifundo, abike nesifundo seBhayibheli esisodwa inyanga ngayinye. Izifundo zeBhayibheli eziqalwa nomuntu ngamunye okwaziyo ukuqonda nokufunda zingabikwa ngendlela ejwayelekile.

9, 10. Yiziphi izimfanelo ezidingekayo kulabo abahilelekile kulo msebenzi? Chaza.

9 Indlela Yokusigcina Siqhubeka: Kungcono ukuba nosuku nesikhathi esimisiwe sesifundo seqembu. Abanakekelwayo nezisebenzi bayolindela ukuba siqhutshwe njalo futhi siqalwe siphinde siphele ngesikhathi. (Math. 5:37) Ngakho kudingeka ukuzinikela, inkuthalo nokuhleleka. Okwenziwe abanye kubonisa ukuthi kungcono uma abamemezeli ababili abafanelekayo bebambisana ekuqhubeni leso sifundo seqembu. (UmSh. 4:​9, 10) Ezikhungweni ezinkulu, kungase kudingeke abamemezeli abengeziwe.

10 Kubalulekile ukuba nobungane nesithakazelo esiqotho kumuntu ngamunye. (Fil. 2:4) Ekuhambeleni kokuqala, zinike isikhathi sokwazi umuntu ngamunye okhona eqenjini. Bhala futhi uzame ukubamba amagama abo ngekhanda ngaphambi kokuqhuba isifundo esilandelayo. Nokho, abanye abantu asebekhulile abathandi ukubizwa ngamagama abo ngumuntu abangamazi. Isineke nozwela kuyokwenza wonke umuntu okhona azizwe amukelekile futhi ethandwa.

11. Abaqhuba isifundo seqembu bangayibonisa kanjani inhlonipho ezisebenzini nasezihlotsheni zalabo asebekhulile?

11 Kubalulekile nokubonisa inhlonipho nomusa ezisebenzini nasezihlotsheni zalabo asebekhulile. Uma isifundo sesiqhubeka, kuwukuhlakanipha ukungasishintshi isikhathi nendlela yokufunda ngaphambi kokukhuluma nomphathi walapho. Ngezikhathi ezithile, buza umphathi uzwe uvo lwakhe mayelana nokuthi isifundo siqhubeka kanjani. Lapho amalungu omndeni evakasha ngesikhathi enifunda ngaso, thatha isinyathelo kuqala sokuzazisa kubo. Wachazele injongo yokuqhutshwa kwesifundo seBhayibheli. Baqinisekise ngesithakazelo sakho esiqotho elungwini lomndeni wabo. Bacele ukuba bahlale nani balalele.

12, 13. Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa izinzuzo zokufakaza emakhaya asebekhulile.

12 Imiphumela: Ababonisi abajikelezayo namabandla abika imiphumela ekhuthazayo ngalolu hlobo lwenkonzo. Kwesinye isimo, engxoxweni yokuqala kwaba khona abangaba ngu-20 abanakekelwayo. Lokhu kwaholela ezifundweni zeBhayibheli eziyisithupha nomuntu ngamunye. Omunye wabo wagcina ebhapathiziwe. Kwesinye isikhungo, isifundo sakhuthaza ugogo oneminyaka engu-85 ukuba ahlanganyele nebandla futhi azwakalise isifiso sakhe sokubhapathizwa. Lapho kwesinye isikhungo kunqunywa ukuqinisa ezokuphepha​—siqede isifundo seqembu esiqhutshwa oFakazi BakaJehova​—asebekhulile bakhononda kumphathi wesikhungo! Ekugcineni, isifundo saphinde saqalwa futhi ngemva kwalokho lelo qembu laba nabantu abangu-25 kuya ku-30.

13 Uthando esilubonisa labo abasemakhaya asebekhulile alugcini nje ngokuthinta ngokujulile labo abahlala kulezi zikhungo. Ngokwesibonelo, kuyinto evamile ngezisebenzi ukuba zibe khona futhi zize ziphendule lapho kuqhutshwa isifundo. Umzamo esiwenzayo wokubabonisa isithakazelo esiqotho labo abasemakhaya asebekhulile unikeza ubufakazi obuhle nasemphakathini. (1 Pet. 2:12) Ngemva kokuchazelwa injongo yesifundo, omunye umphathi wathi: “Benikuphi sonke lesi sikhathi? Ningaqala nini?” Omunye wabhala: “Lesi sifundo seqembu ngingakhuthaza ngenhliziyo yami yonke ukuba siqhutshwe kunoma isiphi isikhungo salabo abanakekelwayo kule ndawo. OFakazi BakaJehova benza le nkonzo yamahhala njengengxenye yomsebenzi wabo wokukhonza umphakathi.” Elinye ikhaya lasebekhulile eHawaii lanikeza oFakazi BakaJehova uMklomelo Wenkonzo Yokuzithandela owababiza ngokuthi “bayigugu elikhulu” kulabo abahlala khona.

14. Kungani kufanele sizikhandle ukuze sisize labo abasemakhaya asebekhulile?

14 UJehova umema asebekhulile ukuba bamdumise. (IHu. 148:​12, 13) Leso simemo sihlanganisa nalabo abasemakhaya asebekhulile. Ingabe akhona amakhaya asebekhulile ensimini yenu lapho asebekhulile bengazuza khona ngokuzwa izindaba ezinhle? Ngosizo lwabadala bebandla nabaphathi bamakhaya asebekhulile, singakwazi ukunikeza ubufakazi obuhle kulabo abasemakhaya asebekhulile. Uma sikhumbula asebekhulile, silingisa uJehova.​—IHu. 71:​9, 18.

Isifundo Seqembu Ekhaya Lasebekhulile

  • Khuluma nesisebenzi esiphendula izingcingo noma umqondisi wendawo lapho ufika uzoqhuba isifundo.

  • Phathela iqembu amakhophi anele encwadi ezofundwa. Phatha izincwadi ngesikhwama esifanelekayo, uphinde uzithathe lapho seniqedile ukufunda.

  • Yiba okhululekile, ube nobungane futhi ungeneke. Babize ngamagama noma izibongo zabo.

  • Fundani futhi nixoxe ngesigaba esisodwa ngesikhathi.

  • Sebenzisa imibuzo emifushane. Bancome bonke ngezimpendulo zabo.

  • Hlela isikhathi nendawo lapho imibuzo ephathelene nezinkolelo noma ephikisayo ingasingathwa khona ngasese nomuntu obuzile.

  • Phendula imibuzo yezisebenzi neyezihlobo ngendlela elula neqondile.

  • Wasebenzise kahle amathuba avelayo okuqala izifundo zeBhayibheli zomuntu siqu nabanakekelwayo, izihlobo nezisebenzi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela