IBhokisi Lemibuzo
◼ Ingabe kuyafaneleka ukuba uFakazi KaJehova athole ukwelashwa nokunakekelwa esibhedlela noma ekhaya lasebekhulile eliphethwe yinhlangano yenkolo?
Kunezinhlangano ezihlukahlukene zenkolo eziphethe izibhedlela noma amakhaya asebekhulile anakekela impilo noma abantu abagula isikhathi eside. Ngokuvamile, izikhungo ezinjalo azihloselwe injongo yokuthuthukisa iBhabhiloni Elikhulu. (IsAm. 18:2, 4) Kungenzeka ekuqaleni zafakwa ngaphansi kwenhlangano yenkolo ukuze ziyingenisele imali. Namuhla, izibhedlela ezithile zibizwa ngamagama enkolo nje, kanti ezinye zisenezisebenzi ezingabefundisi.
Uma omunye woFakazi BakaJehova edinga ukunakekelwa esibhedlela noma ekhaya lasebekhulile, kumelwe azenzele isinqumo sokuthi uzokuya yini esikhungweni okungenzeka sizibandakanye nenhlangano yenkolo. Unembeza womuntu ungase umvumele ukuba enze kanjalo, kanti unembeza womunye ungase ungamvumeli. (1 Thim. 1:5) Kunezimo ezithile ezingase zibe nomthelela esinqumweni somuntu, futhi kuhle ukuzicabangela.
Ngokwesibonelo, isibhedlela noma ikhaya lasebekhulile elinegama lenkolo kungase kube yilo kuphela elikuleyo ndawo. Noma uma kunesinye isikhungo eduze, lesi okungenzeka sihlobene nenkolo singase sibe nedumela lokunakekela okusezingeni eliphezulu. Isibhedlela esinjalo esinegama lenkolo kungase kube yiso kuphela esikulungele ukunikeza uhlobo oluthile lokwelapha oludingekayo, noma singase sibe ukuphela kwesibhedlela lapho udokotela wakho engase akwazi ukukunakekela khona. Kanti, ngezinye izikhathi izibhedlela ezihlobene nenkolo zingase ziwuhloniphe umbono wakho njengomKristu endabeni yokusetshenziswa kwegazi, kuyilapho ezinye izibhedlela ezizimele noma zikahulumeni zingase zingenzi kanjalo. Ngakho lezi ezinye zezinto ongase uzicabangele lapho unquma ukuthi isiphi isibhedlela ozokuya kuso.
Uma unquma ukusebenzisa isibhedlela noma ikhaya lasebekhulile elihlobene nenkolo, izindleko ozikhokhayo ungase uzibheke njengokukhokhela nje inkonzo oyitholile. Ungase ukubheke njengokungathi leyo nkolo iqhuba ibhizinisi, futhi ngokukhokhela inkonzo ebhizinisini elinjalo uyobe ungenzi umnikelo oqondile wokuzithandela wokusekela inkolo yamanga. Uyobe ukhokhela nje umkhiqizo othile noma inkonzo.
Kuyiqiniso ukuthi njengomKristu, ezimweni ezinjalo kumelwe uqiniseke ukuthi awuhileleki ezenzweni ezithile zokukhulekela kwamanga. Futhi ngeke ubabize ngeziqu ezivamile ezinjengokuthi “Fata” noma “Sister,” abantu okungenzeka basebenza noma bavakashela leso sikhungo. (Math. 23:9) Kuyomelwe uqiniseke ukuthi lokhu kuyindaba nje yebhizinisi kuphela othola kulo ukwelashwa noma inkonzo ethile kwaphela.
Lapho ulaliswa esibhedlela, ungase usho ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova nokuthi ungathanda ukuba abadala bendawo bakuvakashele. Lokhu kuyoqinisekisa ukuthi uthola ukusekelwa okufanele ngokomoya lapho usesibhedlela.—1 Thes. 5:14.
Amalungu omkhaya akholwayo, abadala bebandla, nabanye ebandleni kufanele bazinakekele ngokucophelela izidingo ezingokomoya zabo bonke abazalwane nodade asebekhulile abasemakhaya abakhulile, ikakhulukazi uma engaphansi kwenhlangano yenkolo. Ukwenza lokhu ngenkuthalo kuyoba isikhuthazo esikhulu kwasebekhulile futhi kuyobasiza ukuba bangahileleki bengaqondile ezinkonzweni zenkolo, imikhosi noma ezinye izinto ezinjalo ezenziwa kulezo zikhungo.
Sicabanga ngala maphuzu, umuntu ngamunye kuyodingeka acabangele zonke izimo ezihilelekile abese ezenzela isinqumo sokuthi uyokuya kusiphi isibhedlela noma ikhaya lasebekhulile.—Gal. 6:5.