Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuba Nomzila Kamagazini
Okwenza Kubaluleke: Abantu abaningi abafunda omagazini bethu abakuthandi ukufunda nathi iBhayibheli. Mhlawumbe bayakujabulela ukuba senkolweni abakuyo noma banomuzwa wokuthi abanaso isikhathi sokufunda. Nokho, njengoba bebafunda njalo omagazini bethu, kungenzeka kwakheke isifiso sokufunda iZwi likaNkulunkulu. (1 Pet. 2:2) Isihloko esithile singase sibathinte inhliziyo noma izimo zabo zingase zishintshe. Ukubahambela njalo, singahlali isikhathi eside kuyobenza bakhululeke futhi kusenze sifunde izinto ezibathakazelisayo nezibakhathazayo. Ngokuhamba kwesikhathi, kungase kuqale isifundo seBhayibheli.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Yenza uhlu lwalabo okungenzeka babe semzileni wakho kamagazini. Bahambisele omagazini bamuva futhi ubatshele ukuthi uzobalethela nabenyanga elandelayo.