UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Indlela Yokunikeza Izimpendulo Ezinhle
Izimpendulo ezinhle ziyalakha ibandla. (Ro 14:19) Ziyabazuzisa nalabo abazinikezayo. (IzA 15:23, 28) Ngakho-ke, kufanele sizame ukuphendula noma kanye emhlanganweni ngamunye. Yiqiniso, ngeke sikhonjwe ngaso sonke isikhathi lapho siphakamisa. Yingakho kungcono ukulungiselela izimpendulo eziningana.
Impendulo enhle . . .
ilula, icacile, futhi imfushane. Ezimweni eziningi, inganikezwa ngemizuzwana engu-30 noma ngaphansi
iba ngcono kakhulu uma uphendula ngamazwi akho
ayiphindi ngokungenasidingo impendulo esishiwo
Uma ukhonjwe kuqala, . . .
nikeza impendulo elula neshaya emhloleni
Uma impendulo isinikeziwe, ungase . . .
ubonise indlela umbhalo okhonjiwe ohlangana ngayo nendaba okuxoxwa ngayo
ubonise indlela le ndaba ekuthinta ngayo ukuphila kwethu
uchaze indlela esingakusebenzisa ngayo esikufundayo
ulandise isenzakalo esiqokomisa iphuzu elisemqoka lendaba okukhulunywa ngayo