AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ISAYA 63-66
Amazulu Amasha Nomhlaba Omusha Kuyoletha Injabulo Enkulu
Isithembiso sikaNkulunkulu sokuvuselela izinto esiku-Isaya isahluko 65 siqiniseke kangangokuthi uJehova ukhuluma ngaso njengokungathi sesiyagcwaliseka
UJehova udala amazulu amasha nomhlaba omusha, lapho izinto zangaphambili zingasakhunjulwa khona
Ayini amazulu amasha?
Awuhulumeni omusha oyoletha ukulunga emhlabeni
Wamiswa ngo-1914 lapho uKristu ebekwa esihlalweni njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu
Uyini umhlaba omusha?
Uwumphakathi wabantu abavela kuzo zonke izizwe, izilimi nezinhlanga abazithoba ngokuzithandela ekubuseni kukahulumeni omusha wasezulwini
Kungayiphi indlela izinto zangaphambili zingeke zikhunjulwe?
Izimbangela zezinkumbulo ezibuhlungu—ukuhlukumezeka emzimbeni, engqondweni nasemizwelweni—ziyobe zingasekho
Abantu abathembekile bayokujabulela ngokugcwele ukuphila futhi bayoba nezinkumbulo ezimnandi zosuku ngalunye