AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 20-21
“Noma Ubani Ofuna Ukuba Mkhulu Phakathi Kwenu Kumelwe Abe Yisikhonzi Senu”
Ababhali nabaFarisi abaqhoshayo babekuthanda ukuqashelwa nokubingelelwa ezimakethe
Ababhali nabaFarisi abaqhoshayo babefisa ukuhlaba abanye umxhwele nokuvelela. (Math 23:5-7) UJesu wayehlukile. ‘INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza.’ (Math 20:28) Ingabe sigxila ezingxenyeni zenkonzo ezingase zisenze siqashelwe noma sidunyiswe? NgokukaJesu, umuntu uba mkhulu lapho enzela abanye imisebenzi ethile. Imisebenzi enjalo ayibonwa abantu—ibonwa uJehova kuphela. (Math 6:1-4) Isikhonzi esithobekile . . .
sihlanganyela ekuhlanzweni nasekunakekelweni kweHholo LoMbuso
sithatha isinyathelo sokusiza asebekhulile nabanye
sinikela ngezimali ukuze sisekele imisebenzi yoMbuso