UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
AmaKristu Angempela Abonakala Ngothando—Jabulela Iqiniso
KUNGANI KUBALULEKILE: Kumelwe silingise uJesu, simemezele iqiniso ngokuphathelene nenjongo kaNkulunkulu. (Joh 18:37) Kumelwe sijatshuliswe iqiniso, sikhulume iqiniso futhi sicabange nganoma yini eyiqiniso, naphezu kokuphila ezweni eligcwele abantu abanamanga nabangalungile.—1Ko 13:6; Fil 4:8.
INDLELA YOKUKWENZA:
Zimisele ukungayilaleli noma ukungayisakazi inhlebo elimazayo.—1Thes 4:11
Ungajatshuliswa usizi lomunye umuntu
Jatshuliswa izinto ezinhle nezikhuthazayo
BUKELA IVIDIYO ETHI ‘YIBANI NOTHANDO PHAKATHI KWENU’—JABULELA IQINISO, HHAYI UKUNGALUNGI BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
Kungayiphi indlela uDudu ‘ajabula’ ngayo “ngokungalungi”?
U-Amanda wayishintsha kanjani ingxoxo yabo noDudu yaba eyakhayo?
Iziphi ezinye zezinto ezinhle esingaxoxa ngazo?
Jabulela iqiniso, hhayi ukungalungi