YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO
Buza Imibuzo
UJehova, ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ ufuna siyijabulele inkonzo. (1Ti 1:11) Uma siwathuthukisa amakhono ethu siyojabula nakakhulu. Ukubuza imibuzo kungase kwenze othile athande ukuzwa lokho esikushoyo futhi kuyindlela engokwemvelo yokuqala ingxoxo. Imibuzo yenza abantu bacabangisise. (Mat 22:41-45) Ukubuza imibuzo bese silalela izimpendulo, kunjengokungathi sithi kumuntu, ‘Ubalulekile.’ (Jak 1:19) Izimpendulo zakhe zingasisiza sibone ukuthi singaqhubeka kanjani nengxoxo.
BUKANI IVIDIYO ETHI, THOLA INJABULO YOKWENZA ABAFUNDI—THUTHUKISA AMAKHONO AKHO—NGOKUBUZA IMIBUZO, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
UMbali ububonise kanjani ubuntu obuhle?
UNonto uyisebenzise kanjani imibuzo ukuze abonise ukuthi uyamkhathalela uMbali?
UNonto uyisebenzise kanjani imibuzo ukuze enze uMbali azithande nakakhulu izindaba ezinhle?
UNonto uyisebenzise kanjani imibuzo ukuze enze uMbali acabangisise?