YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO
Thinta Inhliziyo
Ukulalela uNkulunkulu kusuka enhliziyweni. (IzA 3:1) Ngakho lapho sifundisa, kumelwe sikulwele ukuthinta izinhliziyo zalabo abasilalele. Kanjani?
Akumelwe umane ufundise umfundi amaqiniso eBhayibheli, kodwa msize abone ukuthi angawasebenzisa kanjani ekuphileni kwakhe futhi aqinise ubuhlobo anabo noJehova. Msize aqonde indlela izimfundiso zeBhayibheli ezibonisa ngayo uthando, ubuhle nokulunga kukaNkulunkulu. Ngobuhlakani nangomusa mbuze imibuzo ezomsiza ahlole indlela azizwa ngayo ngalokho akufundayo. Msize acabange ngendlela ukuphila kwakhe okungathuthuka ngayo uma eshintsha indlela yakhe yokucabanga noma eyeka imikhuba emibi. Lapho ubona indlela umfundi amthanda ngayo uJehova uyojabula nakakhulu.
BUKANI IVIDIYO ETHI THUTHUKISA AMAKHONO AKHO UKUZE UTHOLE INJABULO NGOKWENZA ABAFUNDI—UKUFINYELELA INHLIZIYO BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Kungani uNonto abuza uMbali ukuthi: “Uke wacabanga ngalokho esikhulume ngakho ngoMsombuluko?”
UNonto umsize kanjani uMbali waqonda indlela izimiso zeBhayibheli ezibonisa ngayo ukuthi uJehova uyamthanda?
Uma sithinta izinhliziyo zabafundi, siyobakhuthaza ukuba baqhubeke besondelana noJehova
UNonto umsize kanjani uMbali wacabanga ngokuthi angabonisa kanjani ukuthi uyamthanda uNkulunkulu?