YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO
Sebenzisa IZwi LikaNkulunkulu
IZwi likaNkulunkulu linamandla! (Heb 4:12) Lingathinta ngisho nezinhliziyo zabantu abangamazi uNkulunkulu. (1Th 1:9; 2:13) Siyajabula kakhulu lapho othile ebonga ngeqiniso leBhayibheli esimbonise lona.
BUKANI IVIDIYO ETHI KUJABULELE UKWENZA ABAFUNDI—THUTHUKISA IKHONO LAKHO—SEBENZISA AMANDLA EZWI LIKANKULUNKULU BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
UNonto walisebenzisa kanjani iZwi likaNkulunkulu ukuze asize uMbali abone ukuthi kungani kubalulekile ukuhlola iZwi likaNkulunkulu?
UNonto walisebenzisa kanjani iZwi likaNkulunkulu ngokufunda umBhalo ngokuzwakalayo bese eveza iphuzu eliyinhloko evesini?
Yini ebonisa ukuthi umbhalo wayithinta inhliziyo kaMbali futhi ucabanga ukuthi kwamthinta kanjani uNonto?