YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO
Vuma Osebenza Nabo Bakusize
UJehova usinikeze“yonke inhlangano” yabazalwane nodade ukuze asisize. (1Pe 5:9) Bangasisiza sikwazi ukubhekana nezinkinga ensimini yethu. Ngokwesibonelo, uPawulu wazuza ngosizo aluthola ku-Akhwila, uPrisila, uSila, uThimothewu nabanye.—IzE 18:1-5
Osebenza nabo ensimini bangakusiza kanjani? Bangakunikeza amacebiso okubhekana nokuphikiswa, bakusize uphindele koxoxe nabo, uqalise izifundo zeBhayibheli nokuziqhuba. Ungacela othile ebandleni ongakwazi ukukusiza. Nakanjani nobabili niyozuza futhi niyosizana nithole injabulo.—Fil 1:25.
BUKELANI IVIDIYO ETHI YAMUKELA USIZO LUKAJEHOVA UKUZE UTHOLE INJABULO NGOKWENZA ABAFUNDI—ABAFOWETHU, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
UNonto wamkhuthaza kanjani uMbali ukuba eze emhlanganweni?
Kungani kufanele sicele abanye abamemezeli ukuba basisize siqhube isifundo seBhayibheli?
Kudinga ibandla ukusiza othile afunde iqiniso
Yini umam’ uKhoza noMbali abafana ngayo ababeyithanda?
Osebenza nabo ensimini bangakufundisa maphi amakhono?