Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp23 No. 1 kk. 8-9
  • 2 | “Induduzo Evela EmiBhalweni”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 2 | “Induduzo Evela EmiBhalweni”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2023
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Okukushoyo
  • Indlela Lokhu Okungasiza Ngayo
  • Ukucindezeleka Kwentsha—Kubangelwa Yini? Yini Engasiza?
    I-Phaphama!—2017
  • Ukunqoba Ekulweni Nokucindezeleka
    I-Phaphama!—1987
  • Usizo Oluvela ‘KuNkulunkulu Wenduduzo’
    I-Phaphama!—2009
  • Imizwelo Ephambene Inganqotshwa Kanjani?
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2023
wp23 No. 1 kk. 8-9
Umkhulu uzindla ngalokho akufunda eBhayibhelini.

2 | ‘Induduzo Evela EmiBhalweni’

IBHAYIBHELI LITHI: “Ngoba zonke izinto ezalotshwa kusengaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.”​—ROMA 15:4.

Lokho Okukushoyo

IBhayibheli linamazwi aduduzayo asisiza sithole amandla futhi asikhuthaze sikwazi ukulwisana nemicabango engakhi. Umyalezo weBhayibheli uphinde usinikeze ithemba lokuthi ubuhlungu obungokomzwelo esibuzwayo maduzane buzophela.

Indlela Lokhu Okungasiza Ngayo

Sonke ngezinye izikhathi sike sizizwe sikhathazekile; kodwa labo abanesifo sokucindezeleka nokukhathazeka kakhulu bangase bakuthole kunzima ukubhekana nemizwa ebuhlungu nsuku zonke. Lingabasiza kanjani iBhayibheli?

  • IBhayibheli lingasisiza siyeke ukucabanga izinto ezimbi, sicabange izinto ezinhle. (Filipi 4:8) Lingasenza siduduzeke futhi sizole, sikwazi ukulawula imizwa yethu.​—IHubo 94:18, 19.

  • IBhayibheli lingasisiza siyeke ukucabanga ukuthi asilusizo lwalutho.​—Luka 12:6, 7.

  • Amavesi amaningi eBhayibheli asiqinisekisa ngokuthi asisodwa nokuthi uNkulunkulu, uMdali wethu, uyiqonda ngokuphelele indlela esizizwa ngayo.​—IHubo 34:18; 1 Johane 3:19, 20.

  • IBhayibheli lithembisa ukuthi uNkulunkulu uzoyiqeda imicabango esizwisa ubuhlungu. (Isaya 65:17; IsAmbulo 21:4) Lesi sithembiso singasinikeza amandla okuqhubeka sikhuthazela uma silwisana nemicabango nemizwelo esizwisa ubuhlungu.

Indlela IBhayibheli Elimsiza Ngayo UJessica

Indlela Okungithinta Ngayo Ukuba Nesifo Sokucindezeleka

UJessica uyazumeka ephethe iBhayibheli elivuliwe.

“Ngesikhathi ngineminyaka engu-25, odokotela bathi nginesifo sokucindezeleka esibi (severe depression). Ngangihlushwa ukucabanga izinto ezibuhlungu ezazenzeke kudala. Odokotela bangisiza ngaqonda ukuthi ukucindezeleka kwami kwakubangelwa ukucabanga izinto ezimbi ezazenzeke ekuphileni kwami. Nakuba ngangidla imithi efanele, ngangisadinga ukwelulekwa ukuze ngikwazi ukubona indlela yokucabanga engafanele futhi ngiyilungise.”

Indlela IBhayibheli Elingisiza Ngayo

“Ngesikhathi ngisacindezeleka kakhulu, ngangiba novalo, ngikhathazeke kakhulu ngize ngiqwashe. Ngokuvamile, ebusuku ingqondo yami yayivele iyaluze. Kunjengoba incwadi yeHubo 94:19 ichaza, uNkulunkulu angasiduduza lapho sikhungethwe izinkathazo. Ngakho ngangibeka iBhayibheli nencwadi engibhala kuyo amavesi eBhayibheli angikhuthazayo eduze kombhede wami. Uma kungalaleki, ngangifunda iBhayibheli ukuze ngivumele uJehova angiduduze.

“IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sinqobe imicabango ephikisana nalokho esikwaziyo ngoNkulunkulu. Esikhathini esedlule ngangiqiniseka ngokuthi angilusizo lwalutho futhi angithandeki. Ngiye ngafunda ukuthi lokho akuvumelani nalokho okufundiswa iBhayibheli, elichaza uNkulunkulu njengoBaba onothando nonozwela futhi okhathalela ngamunye wethu. Kunokuba ngilawulwe imicabango yami, ngakwazi ukuyilawula kancane kancane. Ngiyazama ukuzibheka ngendlela uNkulunkulu angibheka ngayo. Lokho kwaba yisinyathelo esibalulekile esangisiza ngalwisana nokuzibheka njengongelusizo lwalutho.

“Ngilangazelela isikhathi lapho zonke izinto ezibuhlungu ezake zasehlela siyobe singasazikhumbuli nokucabanga okungafanele kuyobe kungasekho. Ukwazi ukuthi izifo zokuphazamiseka kwengqondo ziyobe zingasekho kuyangiqinisa, kungenze ngamukele ukuthi kunezinto engingeke ngikwazi ukuzenza okwamanje, kunginikeze nethemba elimangalisayo lekusasa lapho ngiyobe ngingasenaso isifo sokucindezeleka.”

Ukuze Uthole Olunye Usizo:

Ngena ku-jw.org/zu ufunde isihloko esithi: “Usizo Oluvela ‘KuNkulunkulu Wenduduzo,’” kuyi-Phaphama! kaJulayi 2009.

Funda incwadi yamaHubo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela