ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 19
INGOMA 6 Amazulu Amemezela Inkazimulo KaNkulunkulu
Lingisa Izingelosi Ezithembekile
“Dumisani uJehova, nonke nina zingelosi zakhe.”—IHU. 103:20.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Izifundo esingazifunda esibonelweni sezingelosi ezithembekile.
1-2. (a) Sihluke kanjani ezingelosini? (b) Yini esifana ngayo nezingelosi?
NGESIKHATHI uJehova ekudonsela eqinisweni, wakudonsela emndenini wabakhulekeli bakhe abanothando nabavela ezinhlangeni ezihlukahlukene, okuhlanganisa nezigidi zezingelosi ezithembekile. (Dan. 7:9, 10) Lapho sicabanga ngezingelosi singase sicabange ngendlela ezihluke ngayo kithi. Ngokwesibonelo, izingelosi kudala zaba khona kunabantu. (Jobe 38:4, 7) Zinamandla kakhulu kunathi. Zingcwele futhi zilunge ngezinga esingeke sakwazi ukulifinyelela thina bantu abanesono.—Luka 9:26.
2 Nokho, naphezu kwezinto esihluke ngazo ezingelosini, ziningi izinto esifana ngazo nezingelosi. Ngokwesibonelo, njengezingelosi singakwazi ukulingisa izimfanelo zikaJehova ezinhle. Njengezingelosi, sinenkululeko yokuzikhethela. Njengazo, sinamagama, ubuntu obungafani nemisebenzi ehlukahlukene. Njengezingelosi, sinesidingo sokukhonza uMdali wethu.—1 Pet. 1:12.
3. Yini esingayifunda ezingelosini ezithembekile?
3 Njengoba sinezinto eziningi esifana ngazo nezingelosi, isibonelo sazo esihle singasikhuthaza futhi sisifundise. Empeleni, ziningi izifundo ezinhle esingazifunda kuzo. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi singakulingisa kanjani ukuthobeka kwezingelosi ezithembekile nendlela ezithanda ngayo abantu, ukukhuthazela kwazo nomsebenzi eziwenzayo ukuze zigcine ibandla lihlanzekile.
IZINGELOSI ZITHOBEKILE
4. (a) Izingelosi zibonisa kanjani ukuthi zithobekile? (b) Kungani izingelosi zithobekile? (IHubo 89:7)
4 Izingelosi ezithembekile zithobekile. Nakuba zingomakad’ ebona, zinamandla futhi zihlakaniphile, zilalela iziqondiso zikaJehova. (IHu. 103:20) Njengoba zifeza izabelo zazo, azilokothi ziqhoshe ngezinto ezizenzayo noma zibukise ngamandla azo angaphezu kwavamile. Zenza intando kaNkulunkulu ngenjabulo ngisho noma zingadunyiswa ngokubizwa ngamagama.a (Gen. 32:24, 29; 2 AmaKh. 19:35) Azilwamukeli udumo okufanele luye kuJehova. Kungani izingelosi zithobeke kangaka? Kungenxa yokuthi ziyamthanda uJehova futhi zimhlonipha ngokujulile.—Funda iHubo 89:7.
5. Enye ingelosi yakubonisa kanjani ukuthobeka lapho ikhuza umphostoli uJohane? (Bheka nesithombe.)
5 Cabanga ngale ndaba elandelayo ebonisa ukuthobeka kwezingelosi. Ngawo-96 C.E., ingelosi engabizwanga ngegama yethula umbono omangalisayo kumphostoli uJohane. (IsAm. 1:1) Wenzenjani uJohane lapho ebona lowo mbono? Wazama ukukhulekela ingelosi. Nokho, leso sidalwa somoya esiqotho samvimba ngokushesha, sathi: “Qaphela! Ungakwenzi lokho! Ngimane nje ngiyinceku kanye nawe nabafowenu . . . Khulekela uNkulunkulu!” (IsAm. 19:10) Yayithobeke ngempela leyo ngelosi! Yayingafuni ukudunyiswa noma ukunconywa. Ngokushesha yatshela uJohane ukuba akhulekele uJehova uNkulunkulu kuphela. Ngesikhathi esifanayo ayizange imbukele phansi uJohane. Nakuba ingelosi yayinamandla kunoJohane futhi isikhonze uJehova isikhathi eside kunaye, ngokuzithoba yathi lo mphostoli uyinceku kanye nayo. Nakuba ingelosi kwakudingeka imkhuze uJohane, ayizange imthethise noma imphathe ngokhahlo lo mphostoli osekhulile. Kunalokho, yakhuluma naye ngomusa. Kungenzeka yayiqonda ukuthi uJohane wayemangazwe yizinto ayezibonile.
Ingelosi yabonisa ukuthobeka lapho ikhuluma noJohane futhi imkhuza (Bheka isigaba 5)
6. Singakulingisa kanjani ukuthobeka kwezingelosi?
6 Singakulingisa kanjani ukuthobeka kwezingelosi? Nathi singafeza izabelo zethu ngaphandle kokuqhosha noma ukuzama ukuzifunela udumo ngezinto esizenzile. (1 Kor. 4:7) Ngaphezu kwalokho, akufanele sizibone sibakhulu kunabanye uma kuwukuthi sesikhonze uJehova isikhathi eside kunabo noma sinamalungelo athile. Empeleni, lapho senza okuningi enkonzweni kaJehova, yilapho kufanele sizibheke khona njengabancane. (Luka 9:48) Njengezingelosi, sifuna ukukhonza abanye. Asifuni ukwenza abanye bacabange ukuthi sibaluleke kakhulu kunabo.
7. Singakubonisa kanjani ukuthobeka lapho kudingeka sikhuze othile noma simeluleke?
7 Singabonisa ukuthobeka nalapho kudingeka sikhuze othile noma simeluleke—esikholwa naye noma ingane yethu. Lapho seluleka othile kungase kudingeke siqine. Kodwa njengengelosi eyakhuza uJohane ngomusa, singakwazi ukunika umuntu iseluleko esiqinile ngaphandle kokumenza azizwe engelutho. Uma singaziboni sibakhulu kunabanye, siyonika umuntu iseluleko esisekelwe eBhayibhelini ngendlela enenhlonipho nebonisa uzwela.—Kol. 4:6.
IZINGELOSI ZIYABATHANDA ABANTU
8. (a) NgokukaLuka 15:10, izingelosi zibonisa kanjani ukuthi ziyabathanda abantu? (b) Izingelosi zidlala yiphi indima emsebenzini wokushumayela? (Bheka nesithombe esisekhasini 1.)
8 Izingelosi zinendaba nezinto ezenzeka kubantu. Ziyabathanda abantu. Ziyajabula lapho isoni siphenduka—okuwukuthi, lapho imvu elahlekile ibuyela kuJehova noma lapho umuntu eshintsha izindlela zakhe ukuze akhonze uJehova. (Funda uLuka 15:10.) Izingelosi zinesandla nasemsebenzini wokushumayela ngoMbuso. (IsAm. 14:6) Nakuba zingabashumayezi abantu ngokuqondile, zingase ziqondise ummemezeli kumuntu ofuna ukufunda ngoJehova. Yiqiniso, ngeke sisho ngokuqiniseka ukuthi izingelosi zibe nesandla kunoma ubani ebesimshumayeza. Phela uJehova angazisebenzisa nezinye izindlela—njengomoya wakhe ongcwele—ukuze asize abantu noma aqondise izinceku zakhe. (IzE. 16:6, 7) Noma kunjalo, usebenzisa izingelosi zakhe ukuba zisisize lapho sishumayela. Ngakho lapho sishumayela izindaba ezinhle, singaqiniseka ngokuthi izingelosi zizosisiza.—Bheka ibhokisi elithi “Imithandazo Yabo Yaphendulwa.”b
Indoda nomkayo baqeda ukushumayela ngenqola. Njengoba besendleleni beya ekhaya, umkayo ubona owesifazane obukeka ecindezelekile. Uyaqonda ukuthi izingelosi zingasiqondisa kulabo okungenzeka bafuna usizo olungokomoya. Lokho kumenza akhulume nalona wesifazane amduduze (Bheka isigaba 8)
9. Singayilingisa kanjani indlela izingelosi ezithanda ngayo abantu?
9 Singayilingisa kanjani indlela izingelosi ezithanda ngayo abantu? Lapho sizwa isaziso esithi othile ubuyiselwe ekuhlanganyeleni, singajabula njengezingelosi. Singamenza aqiniseke ukuthi siyamthanda futhi siyajabula ngokuthi usephinde wakhonza uJehova. (Luka 15:4-7; 2 Kor. 2:6-8) Singalingisa izingelosi nangokwenza konke esingakwenza emsebenzini wokushumayela. (UmSh. 11:6) Njengoba nje izingelosi zisisekela lapho sishumayela izindaba ezinhle, singafuna izindlela esingasekela ngazo abafowethu nodadewethu enkonzweni yabo. Ngokwesibonelo, singahlela yini ukushumayela nommemezeli osanda kuhlanganyela? Singakwazi yini ukusekela abafowethu nodadewethu abakhulile noma abagulayo ukuze nabo babe nengxenye enkonzweni?
10. Singafundani kulokho okwenzeka kuSara?
10 Kuthiwani uma izimo zethu zisivimbela ukuba senze ebesingafisa ukukwenza? Sisengazithola izindlela esingasebenza ngazo nezingelosi emsebenzini wokushumayela. Cabanga ngalokho okwenzeka kuSara,c udade waseNdiya. Ngemva kokuphayona iminyaka engaba ngu-20, uSara wagula kakhulu futhi wayehlale esembhedeni ngenxa yokugula. Wayecindezeleke kakhulu futhi kube kufanele. Ngenxa yokusekelwa ngothando umndeni wakhe ongokomoya nokufunda iBhayibheli njalo, kancane kancane uSara waphinde wajabula. Yiqiniso ukuthi kwakudingeka athole izindlela ezintsha zokwenza inkonzo yakhe. Njengoba ayengasakwazi ngisho nokuhlala abhale izincwadi, wayengashumayela ngocingo kuphela. Ngakho wafonela izimpindelo zakhe, zamtshela ngabanye ababengathanda ukutadisha iBhayibheli. Waba yini umphumela? Ngezinyanga ezimbalwa nje, uSara wayesenezifundo zeBhayibheli ezingu-70—wayengeke esakwazi ukuziqhuba zonke! Ngakho ezinye wazidlulisela kwabanye ebandleni. Abaningi balabo bafundi sebeba khona emihlanganweni. Kumele ukuba izingelosi zijabula kakhulu ngokusebenza nabafowethu nodadewethu, abanjengoSara, abenza konke abangakwenza emsebenzini wokushumayela!
IZINGELOSI ZIYAKHUTHAZELA
11. Izingelosi ezithembekile zikubonise kanjani ukukhuthazela okumangalisayo?
11 Izingelosi ezithembekile ziyizibonelo ezinhle kakhulu zokukhuthazela. Zikhuthazelele ukungabi nabulungisa nokubona izinto ezimbi izinkulungwane zeminyaka. Zabona uSathane nezingelosi eziningi ezake zakhonza kanye nazo zivukela uJehova. (Gen. 3:1; 6:1, 2; Jude 6) IBhayibheli lisitshela ngenye ingelosi ethembekile okwadingeka imelane nedemoni elinamandla. (Dan. 10:13) Ngaphezu kwalokho, kuwo wonke umlando wesintu, izingelosi zibone inani elincane kakhulu labantu likhetha ukukhonza uJehova ngeqiniso. Ngaphezu kwakho konke lokho, lezi zingelosi eziqotho ziyaqhubeka zikhonza uJehova ngenjabulo nangentshiseko. Ziyazi ukuthi ngesikhathi esifanele, uNkulunkulu uyokuqeda konke ukungabi nabulungisa.
12. Yini engasisiza sikhuthazele?
12 Singakulingisa kanjani ukukhuthazela kwezingelosi? Njengezingelosi, singase sibone ukungabi nabulungisa noma sibhekane nokuphikiswa. Njengazo, siyaqiniseka ukuthi ngesikhathi esifanele uNkulunkulu uzobuqeda bonke ububi. Ngakho, njengezingelosi ezithembekile ‘asiyeki ukwenza okuhle.’ (Gal. 6:9) UNkulunkulu uthembisa ukuthi uzosisiza sikhuthazele. (1 Kor. 10:13) Singathandaza kuJehova, simcele asiphe umoya wakhe osisiza sibekezele futhi sijabule. (Gal. 5:22; Kol. 1:11) Kuthiwani uma ubhekana nokuphikiswa? Methembe ngokuphelele uJehova, ungesabi. UJehova uyohlale ekusekela futhi ekuqinisa.—Heb. 13:6.
IZINGELOSI ZIYASIZA EKUGCINENI IBANDLA LIHLANZEKILE
13. Izingelosi zinasiphi isabelo esikhethekile phakathi nezinsuku zokugcina? (Mathewu 13:47-49)
13 Phakathi nezinsuku zokugcina, uJehova unike izingelosi isabelo esikhethekile. (Funda uMathewu 13:47-49.) Izigidi zabantu ezivela emhlabeni wonke ziyazithanda izindaba ezinhle. Abanye balabo bantu benza izinguquko ekuphileni kwabo ukuze babe amaKristu aqotho, kuyilapho abanye bengazenzi. Izingelosi zabelwe ‘ukuhlukanisa ababi kwabalungile.’ Lokhu kusho ukuthi zabelwe ukusiza ekugcineni ibandla lihlanzekile. Lokhu akusho ukuthi noma ubani oyeka ukuzihlanganisa nathi nganoma yisiphi isizathu akasoze abuya ebandleni; akusho nokuthi azisoze zaba khona izinkinga ebandleni. Nokho, singaqiniseka ukuthi izingelosi zisebenza kanzima ukuze zisize ekugcineni amabandla ehlanzekile.
14-15. Singayilingisa kanjani indlela izingelosi ezikhathalela ngayo ukuhlanzeka kwebandla ngokokuziphatha nangokomoya? (Bheka nezithombe.)
14 Singayilingisa kanjani indlela izingelosi ezikhathalela ngayo ukuhlanzeka kwebandla? Ngokwenza ingxenye yethu ekugcineni ibandla lethu lihlanzekile ngendlela esiziphatha ngayo nangokomoya. Ukuze senze lokho, silwela ukuqapha izinhliziyo zethu ngokukhetha abangani abahle nangokwenqaba noma yini engalimaza ubuhlobo bethu noJehova. (IHu. 101:3) Singasiza nesikholwa nabo ukuba bahlale bethembekile kuJehova. Ngokwesibonelo, yini okufanele siyenze uma sithola ukuthi esikholwa naye wenze isono esikhulu? Ngenxa yokuthi siyamthanda lowo muntu, siyomkhuthaza ukuba akhulume nabadala. Uma ehluleka ukwenza kanjalo, siyobatshela thina abadala ngalokho okwenzekile. Sifuna noma ubani esikholwa naye obuthaka ngokomoya athole usizo ngokushesha!—Jak. 5:14, 15.
15 Ngokudabukisayo, abanye abenza izono ezinyanyekayo kumele basuswe ebandleni. Ezimweni ezinjalo, ‘siyayeka ukuzihlanganisa’ nabo.d (1 Kor. 5:9-13) Leli lungiselelo liyasiza ekugcineni ibandla lihlanzekile. Ngaphezu kwalokho, ngokukhetha ukungazihlanganisi nalabo abasusiwe empeleni sisuke sibabonisa umusa. Ukulalela kwethu uJehova kungabasiza bafune ukubuyiselwa. Uma benza kanjalo, sijabula noJehova kanye nezingelosi zakhe.—Luka 15:7.
Yini okufanele siyenze uma sithola ukuthi esikholwa naye wenze isono esikhulu? (Bheka isigaba 14)e
16. Yiziphi izindlela ozozama ngazo ukulwela ukulingisa izingelosi?
16 Kuyilungelo elikhulu ngempela ukuthi uJehova uyasivumela ukuba sifunde ngezingelosi futhi sisebenze kanye nazo! Masilingise izimfanelo zazo ezinhle: ukuthobeka kwazo, indlela ezithanda ngayo abantu, ukukhuthazela kwazo nendlela ezikhathalela ngayo ukuhlanzeka kwebandla ngokokuziphatha nangokomoya. Uma silingisa izingelosi ezithembekile, nathi singaba ingxenye yomndeni wabakhulekeli bakaJehova kuze kube phakade.
INGOMA 123 Ukuzithoba Ngobuqotho
a Kunezigidigidi zezingelosi, kodwa zimbili kuphela ezibizwa ngamagama eBhayibhelini—uMikayeli noGabriyeli.—Dan. 12:1; Luka 1:19.
b Ungathola okwengeziwe ngaphansi kwesihloko esithi “Izingelosi,” nesihlokwana esithi “isiqondiso sezingelosi (izibonelo)” kuyi-Watch Tower Publications Index ngesiNgisi.
c Igama lishintshiwe.
d Njengoba kwachazwa eMbikweni Wendikimba Ebusayo Ka-2024 #2, uma umuntu osusiwe ebandleni eza emhlanganweni webandla, ummemezeli angasebenzisa unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli ukuze anqume ukuthi angambingelela yini kafushane umuntu osusiwe futhi amamukele lapho eze emhlanganweni webandla.
e INCAZELO YEZITHOMBE: Udade ukhuthaza umngani wakhe ukuba akhulume nabadala. Kodwa lapho umngani wakhe ehluleka ukwenza kanjalo ngemva kwesikhathi esithile, lo dade utshela abadala ngalokho okwenzekile.