Izenzo ZoFakazi BakaJehova Ezikhathini Zanamuhla
IRomania
Izinhloli, izimpimpi, abazalwane bamanga, ukuhlukunyezwa, ukuboshwa, nokufukuziswa—lezi ezinye zezindlela ezingaphumelelanga uSathane azama ngazo ukudangalisa oFakazi BakaJehova nokuqeda inhlangano yabo eRomania. Funda ngo-Ioan, owathandaza ngokuzwakalayo phambi kwamasosha ayezomdubula. Yizwa ngoTeodor okwathi ekanye nabanye oFakazi, bacula izingoma zoMbuso ngenkathi kuqathaka amabhomu ngapha nangapha kwabo. Funda ngabantu abahamba ngezinyawo bengafake zicathulo amakhilomitha angaba yikhulu beya emihlanganweni. Thola nokuthi kungani umfana omncane ababaza, “Ha, baba, unuka njengetekisi losuku!”
IZambia
Ukuvinjelwa uhulumeni, ukuxoshwa kwezithunywa zevangeli, nokuxoshwa esikoleni—lezi ezinye zezinselele abafowethu ababhekana nazo eZambia. Kulokhu kulandisa uzofunda ngentombazane yesikole eyazivikela ngesibindi izindaba ezinhle enkantolo, ngombaleki okhubazekile owahamba “washesha ukwedlula izinkozi,” nangomFundi WeBhayibheli wangezinsuku zokuqala owabhaxabulwa ngemvubu. Funda ngeLand Rover eyasha yangqongqa, isiduli esiqhumayo, nangendawo yokuhlanganyela eyayifana nehhashi elimnyama. Omiyane, izibawu, izinyoka, namabhubesi konke uzokuthola kule ndaba ebonisa indlela abafowethu abashikashikeka ngayo ukuze bamemezele izindaba ezinhle kulo lonke leli zwe elihle lase-Afrika.