Izenzo ZoFakazi BakaJehova Ezikhathini Zanamuhla
INorway
Zibone ngeso lengqondo ushumayela izindaba ezinhle ezweni elinemifula ephahlwe amawa, izintaba, iqhwa nezinyamazane—lapho kuba khona ukukhanya okubenyezelayo esibhakabhakeni enyakatho ebusika. Linjalo izwe laseNorway. Funda ngabafowethu ababehamba ngesikebhe nangezinto zokuhamba eqhweni ukuze baye kubantu abasezindaweni ezicezile, nangomzalwane owaya esifundweni eshaya ngoCetshwayo. Funda nangendlela amaKristu alubonisa ngayo ukholo nesibindi ngaphansi kwejoka lamaNazi.
IRwanda
Uthando lokuzidela uJesu athi luyoba uphawu lwabafundi bakhe luyabonakala emlandweni waleli zwe lase-Afrika. Naphezu kwenzondo yobuhlanga eyaholela ekuqothulweni kohlanga okushaqisayo, abantu bakaJehova babebeka ukuphila kwabo engozini futhi ngezinye izikhathi bafe ukuze bavikelane. Lona umlando ongalibaleki wokukhuthazelela ushushiso nokuvinjelwa, nombiko wobuqotho ngaphansi kobunzima, uvivinyo nokwesaba okukhulu.