IGEORGIA
Ngangicabanga Ukuthi Sengiphumelele Ekuphileni
UMadona Kankia
UNYAKA AZALWA NGAWO 1962
UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1990
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wayeyilungu leQembu LamaKhomanisi eGeorgia, usize abaningi ukuba bafunde iqiniso. Ngo-2015, wathweswa iziqu ekilasini lokuqala leSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso eTbilisi.
LAPHO ngizwa ngamaqiniso eBhayibheli ngo-1989, ngangiyilungu eliqavile leQembu LamaKhomanisi endaweni yangakithi, eSenaki, futhi ngangivame ukuhlala eMkhandlwini wePhalamende eGeorgia, ofana nephalamende lanamuhla. Ngangithembisene umshado nensizwa ethile, ngakho ngangicabanga ukuthi sengiphumelele ekuphileni.
Umama nobaba bangifundisa ukuthanda uNkulunkulu. Ngakho, ngangikholelwa kuYe nakuba ngangiyilungu leQembu LamaKhomanisi. Lapho ngiqala ukutadisha iBhayibheli, ngathola izimpendulo ezanelisayo zayo yonke imibuzo yami, ngakho nganquma ukunikezela ukuphila kwami kuJehova. Kodwa umndeni wami, abangane, engangisebenza nabo nengangithembisene naye umshado babengavumelani nesinqumo sami.
Izinkolelo zami ezintsha zazingahambisani nomsebenzi wami wezepolitiki futhi zenza izihlobo zami zangilahla. Kwakungasekho engangingakwenza, kwakufanele ngihambe ekhaya, ngihlukane nomuntu engangithembisene naye umshado futhi ngesule emsebenzini kanye naseQenjini LamaKhomanisi naseMkhandlwini wePhalamende. Ngemva kokubhapathizwa, abangane nomndeni bangicindezela nakakhulu. Ngenxa yokuthi ngangaziwa endaweni yangakithi, ngathuthela edolobheni laseKutaisi, lapho ngaqala khona ukuphayona ngokushesha.
Uma abantu bengibuza ukuthi kwakufanele yini ngithwale kanzima kangaka ngenxa yezinkolelo zami, ngibatshela ngaphandle kokunqikaza ukuthi ngijabule kakhulu ngezinqumo engazenza. Nakuba abazali bami babengaziqondi izinqumo zami, ave ngibonga ngokuthi bangifundisa ukuthanda uNkulunkulu nomakhelwane. Lokhu kuye kwangisiza kakhulu ekuphileni.