Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mrt isihloko 121
  • Ubani Ongamethemba?—Lithini IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubani Ongamethemba?—Lithini IBhayibheli?
  • Izihloko Ezengeziwe
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umuntu ongamethemba
  • Ukwethemba Abanye Kubalulekile Ukuze Ujabule
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Abantu Abasabethembi Osopolitiki—Lithini IBhayibheli?
    Izihloko Ezengeziwe
  • UJesu Uzoqeda Ubumpofu
    Izihloko Ezengeziwe
  • Ungabethemba Abafowenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
Bheka Okunye
Izihloko Ezengeziwe
mrt isihloko 121
Izithombe: Abantu abavame ukwethenjwa: 1. Usopolitiki ome phambi kombhobho. 2. Umpristi ogoqe izandla. 3. Usosayensi ophethe ibhodi lokubamba amaphepha.

Kwesokunxele: Olena Yefremkina/stock.adobe.com; center: lunamarina/stock.adobe.com; right: Rido/stock.adobe.com

HLALANI NILINDILE!

Ubani Ongamethemba?—Lithini IBhayibheli?

Abantu bayadumazeka lapho abantu ababathembayo bebaphoxa. Abaningi sebeyekile ukuthemba . . .

  • abaholi bamaqembu ezepolitiki ababeka izidingo zabo kuqala kunezidingo zabantu.

  • abezindaba abehluleka ukubika izindaba ngeqiniso nangaphandle kokuchema.

  • ososayensi abenza izinto ezingafaka umphakathi engozini.

  • abaholi benkolo abangene bagamanxa kwezepolitiki kunokuba bamelele uNkulunkulu.

Abantu benza kahle ngokuqapha ukuthi bathemba bani. IBhayibheli liyasixwayisa:

  • “Ningabeki ithemba lenu ezikhulwini, noma endodaneni yomuntu, engenakukwazi ukusindisa.”—IHubo 146:3.

Umuntu ongamethemba

 IBhayibheli liveza ukuthi umuntu ongamethemba: uJesu Kristu. Wayengeyona indoda elungile nje kuphela eyaphila emakhulwini eminyaka edlule. UNkulunkulu wabeka uJesu ukuba ‘abuse njengeNkosi . . . , noMbuso wakhe ngeke uphele.’ (Luka 1:32, 33) UJesu uyiNkosi yoMbuso KaNkulunkulu, uhulumeni obusayo njengamanje ezulwini.—Mathewu 6:10.

  • Ukuze ufunde ukuthi kungani ungamethemba uJesu, funda lesi sihloko “Ubani OyiNkosi YoMbuso KaNkulunkulu?” nesithi “Yini Eyofezwa UMbuso KaNkulunkulu?”

Incwadi ongayethemba

IBhayibheli lifundisa okuningi ngokuphila kukaJesu nangezinye izihloko eziningi ezibalulekile. Le ncwadi engafani nezinye inolwazi ongalwethemba. Ukuze uzitholele ngokwakho, sikukhuthaza ukuba ubhaliseesifundweni sethu seBhayibheli samahhala. Lesi sifundo sinazo zonke izinsiza-kufunda ozozidinga ezimahhala nothisha ozokusiza. Kwezinye zezinto ozozifunda, uzofunda ngohlobo lomuntu uJesu ayilo nokuthi yini aseyenzile, ayenzayo nasazoyenza esikhathini esizayo.

Zama Isifundo Sethu SeBhayibheli

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela