Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwfq isihloko 15
  • Siyini Isifundo SeBhayibheli Esilungiselelwe OFakazi BakaJehova?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siyini Isifundo SeBhayibheli Esilungiselelwe OFakazi BakaJehova?
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kwenzekani kulesi sifundo seBhayibheli?
  • Kuyakhokhwa yini kulesi sifundo?
  • Kuthatha isikhathi esingakanani ukufunda?
  • Ngingaqala kanjani?
  • Ngingakwazi ukuzwa amanzi ngobhoko?
  • Uma ngivuma ukufundelwa iBhayibheli, ngeke yini ngiphoqwe ukuba nami ngibe uFakazi KaJehova?
  • Ngingalisebenzisa yini iBhayibheli lami?
  • Ngingabacela yini abanye ukuba babe khona lapho ngifunda?
  • Kuthiwani uma ngake ngafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova? Ngingakwazi yini ukuphinde ngifunde?
  • Ninazo yini izindlela zokuthi umuntu azifundele yedwa, engabi bikho omfundisayo?
  • Ukufunda IBhayibheli Nabantu Bonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ukuthandile yini okufundile?
    Phila Kuze Kube Phakade!​—Isethulo Sezifundo ZeBhayibheli
  • Indlela Yokusebenzisa Amavidiyo Okuqala Isifundo SeBhayibheli
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Ungathanda Yini Ukwazi Okwengeziwe NgeBhayibheli?
    Ungathanda Yini Ukwazi Okwengeziwe NgeBhayibheli?
Bheka Okunye
Imibuzo Evame Ukubuzwa
ijwfq isihloko 15
UFakazi KaJehova usebenzisa incwajana ethi “Phila Kuze Kube Phakade” ukuze aqhube isifundo seBhayibheli nenye insizwa.

Siyini Isifundo SeBhayibheli Esilungiselelwe OFakazi BakaJehova?

OFakazi BakaJehova banendlela enhle kakhulu engakusiza wazi ukuthi lifundisani iBhayibheli. Uhlelo lwethu lokufunda iBhayibheli lungakusiza ukuba:

  • Ube nokuphila okujabulisayo

  • Ube umngani kaNkulunkulu

  • Ufunde ngalokho iBhayibheli elikuthembisayo ngekusasa

Kuleli khasi

  • Kwenzekani kulesi sifundo seBhayibheli?

  • Kuyakhokhwa yini kulesi sifundo?

  • Kuthatha isikhathi esingakanani ukufunda?

  • Ngingaqala kanjani?

  • Ngingakwazi ukuzwa amanzi ngobhoko?

  • Uma ngivuma ukufundelwa iBhayibheli, ngeke yini ngiphoqwe ukuba nami ngibe uFakazi KaJehova?

  • Ngingalisebenzisa yini iBhayibheli lami?

  • Ngingabacela yini abanye ukuba babe khona lapho ngifunda?

  • Kuthiwani uma ngake ngafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova? Ngingakwazi yini ukuphinde ngifunde?

  • Ninazo yini izindlela zokuthi umuntu azifundele yedwa, engabi bikho omfundisayo?

Kwenzekani kulesi sifundo seBhayibheli?

Okufundisayo uzokusiza ujwayelane neBhayibheli, ngokwezihloko zalo. Uzosizwa incwadi enezifundo zeBhayibheli ethi Phila Kuze Kube Phakade ukuze wazi izimfundiso zeBhayibheli kancane kancane, wazi nendlela elingakusiza ngayo. Thola eminye imininingwane ngokubuka le vidiyo.

Kuyakhokhwa yini kulesi sifundo?

Cha. OFakazi BakaJehova balandela isiqondiso uJesu asinika abafundi bakhe: “Namukele ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:8) Ngaphezu kwalokho, izinto ofundiswa ngazo ngeke kudingeke uzikhokhele, ezihlanganisa ikhophi yeBhayibheli nencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade!

Kuthatha isikhathi esingakanani ukufunda?

Sezizonke izifundo zingu-60. Kulele kuwe ukuthi nifunda okungakanani, abafundi abaningi bathanda ukufunda isifundo esisodwa noma ngaphezulu ngeviki.

Ngingaqala kanjani?

  1. 1. Gcwalisa ifomu elikuyi-inthanethi. Imininingwane yakho oyifakayo sizoyisebenzisela ukuthi uFakazi KaJehova axhumane nawe njengoba ucelile, ngeke siyisebenzisele okunye.

  2. 2. UFakazi KaJehova uzokuthinta. Okufundisayo uzochaza indlela enizofunda ngayo, aphendule noma imuphi umbuzo owubuzayo.

  3. 3. Yenza amalungiselelo nomuntu okufundisayo. Ningafunda ngokoqobo noma ngocingo, nge-video call, ngeposi, noma nge-email. Ukufunda kuvame ukuthatha isikhathi esingangehora, isikhathi enizosisebenzisela ukufunda sinqunywa yizimo zakho.

Ngingakwazi ukuzwa amanzi ngobhoko?

Yebo. Uma ufuna ukwenza lokho, gcwalisa ifomu elitholakala kuyi-inthanethi. Uma uthintwa uFakazi KaJehova, mtshele ukuthi okwamanje usafisa ukuzama nje ukuze ubone ukuthi uzokuthanda yini ukufunda. Uzobe esesebenzisa incwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade! enezifundo ezintathu eziyisethulo, ukuze akusize ubone ukuthi uzokuthanda yini ukufunda.

Izinto zokufunda, ezihlanganisa incwajana ethi “Phila Kuze Kube Phakade” kanye “neBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.”

Uma ngivuma ukufundelwa iBhayibheli, ngeke yini ngiphoqwe ukuba nami ngibe uFakazi KaJehova?

Cha. OFakazi BakaJehova bayakuthanda ukufundisa abantu ngeBhayibheli, kodwa asilokothi sicindezele umuntu ukuba ajoyine inkolo yethu. Esikhundleni salokho, sikuveza ngenhlonipho okushiwo yiBhayibheli, siyazi ukuthi umuntu nomuntu unelungelo lokukhetha ukuthi yini azoyikholelwa.—1 Petru 3:15.

Ngingalisebenzisa yini iBhayibheli lami?

Yebo, ungasebenzisa noma yiliphi iBhayibheli olithandayo. Nakuba sithanda ukusebenzisa elithi IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele elihunyushwe ngendlela ecacile nenembile, siyazi ukuthi abantu abaningi bathanda ukusebenzisa amaBhayibheli asebewajwayele.

Ngingabacela yini abanye ukuba babe khona lapho ngifunda?

Yebo. Ungabiza wonke umuntu ekhaya noma abangani bakho ofuna babe khona.

Kuthiwani uma ngake ngafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova? Ngingakwazi yini ukuphinde ngifunde?

Yebo. Eqinisweni, ungase uyithande ngisho nakakhulu indlela okufundwa ngayo manje ngoba isithuthukisiwe ukuze ihambisane nezidingo zabantu. Sekulula ukwakha isithombe engqondweni nokuxoxa kunasezinhlelweni zokufunda iBhayibheli ebesizisebenzisa ngokudlule.

Ninazo yini izindlela zokuthi umuntu azifundele yedwa, engabi bikho omfundisayo?

Yebo. Nakuba abafundi abaningi bezuza kangcono uma befundiswa othile, abanye bancamela ukuqala ngokuthi bazifundele bona bebodwa. Ingxenye ethi Amathuluzi Okutadisha IBhayibheli inohlu lwamathuluzi amahhala angakusiza uzifundele iBhayibheli. Nawa amathuluzi angase akusize:

  • Amavidiyo EBhayibheli. Lezi zifundo ezimfishane zikhuluma ngezimfundiso zeBhayibheli ezibalulekile.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli. Lana kunentilibathwa yemibuzo yeBhayibheli.

  • Amavesi EBhayibheli Ayachazwa. Thola incazelo yamavesi nezinkulumo zeBhayibheli ezaziwayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela