Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwfq isihloko 33
  • Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaProthestani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaProthestani?
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayinkolo YamaProthestani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ingxenye 17—kusukela ngo—1530 Kuqhubeke UbuProthestani—Ingabe BuyiNguquko?
    I-Phaphama!—1989
  • Ukukhalela Izinguquko
    I-Phaphama!—2004
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
Imibuzo Evame Ukubuzwa
ijwfq isihloko 33
Omunye woFakazi BakaJehova uxoxa nomakhelwane ngezinkolelo zakhe eziseBhayibhelini

Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaProthestani?

Cha. OFakazi BakaJehova bangamaKristu kodwa abawona amaProthestani. Kungani sisho kanjalo?

UbuProthestani buye bachazwa ngokuthi “inhlangano yenkolo ephikisana nobuRoma Katolika.” Nakuba kuyiqiniso ukuthi njengoFakazi BakaJehova asivumelani nezimfundiso zeSonto LobuKatolika, asizibheki njengamaProthestani ngenxa yalezi zizathu ezilandelayo:

  1. Izinkolelo eziningana zobuProthestani ziyaphikisana nalokho okufundiswa iBhayibheli. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lifundisa ukuthi “kukhona uNkulunkulu oyedwa,” hhayi uZiqu-zintathu. (1 Thimothewu 2:5; Johane 14:28) Liphinde lifundise ngokucacile ukuthi uNkulunkulu akabajezisi ababi esihogweni somlilo kodwa uyobabhubhisa phakade.​—IHubo 37:9; 2 Thesalonika 1:9.

  2. Asiphikisani noma sizame ukushintsha iSonto LobuKatolika, nanoma iliphi elinye iqembu lenkolo. Kunalokho sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, sizama ukusiza abanye ukuba babe nokholo ezindabeni ezinhle. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Esikukhathalela kakhulu ukufundisa abantu abaqotho iqiniso ngoNkulunkulu nangeZwi lakhe iBhayibheli hhayi ukushintsha amaqembu ezinkolo.​—Kolose 1:9, 10; 2 Thimothewu 2:24, 25.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela