Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 84
  • Ingabe UJesu Wayeshadile? Wayenazo Yini Izingane Zakubo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UJesu Wayeshadile? Wayenazo Yini Izingane Zakubo?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • Ingabe uJesu wayenezingane zakubo?
  • Imibono eyiphutha ngabafowabo bakaJesu
  • Umkhaya Wakubo KaJesu Kwakungobani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Lokho Esingakufunda Esibonelweni SikaMariya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ukuphila KukaJesu Esengumntwana Ekhaya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukuphila KukaJesu Kwasekhaya Esemncane
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 84
UJesu ufundisa isixuku esinamadoda, abesifazane nezingane

Ingabe UJesu Wayeshadile? Wayenazo Yini Izingane Zakubo?

Impendulo YeBhayibheli

IBhayibheli likwenza kucace ukuthi uJesu wayengashadile, ngisho noma lingakhulumi ngokuqondile ngesimo sakhe uma kuziwa endabeni yokushada.a Cabanga ngalokhu okulandelayo.

  1. IBhayibheli livamile ukukhuluma ngomndeni wakubo kaJesu nangabesifazane ababehamba naye phakathi nenkonzo yakhe, abama eceleni kwakhe ngesikhathi ebulawa, kodwa alikhulumi nhlobo ngokuthi wayenenkosikazi. (Mathewu 12:46, 47; Marku 3:​31, 32; 15:40; Luka 8:​2, 3, 19, 20; Johane 19:25) Ukuphela kwesizathu esizwakalayo esenza iBhayibheli lingasho lutho ngale ndaba ukuthi akazange ashade.

  2. Ngokuphathelene nalabo abahlala bengashadile ukuze benze okwengeziwe enkonzweni kaNkulunkulu, uJesu watshela abafundi bakhe: “Lowo ongase akwazi ukukutholela indawo [ukungashadi] makakutholele indawo.” (Mathewu 19:10-​12) Wababekela isibonelo labo abakhetha ukungashadi ukuze bazinikele ngokugcwele kuNkulunkulu.​—Johane 13:15; 1 Korinte 7:​32-​38.

  3. Ngaphambi nje kokuba afe, uJesu wahlela ukuba kunakekelwe unina. (Johane 19:25-​27) Ukube uJesu wayeshadile noma ukube wayenezingane, wayeyoqikelela ukuthi amalungu omndeni wakhe aseduze ngaleyo ndlela ayanakekelwa nawo.

  4. IBhayibheli lisebenzisa uJesu njengesibonelo emadodeni, kodwa alibhekiseli endleleni ayephatha ngayo inkosikazi engumuntu. Kunalokho, lithi: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo.” (Efesu 5:25) Ukube uJesu wayeshadile ngesikhathi esemhlabeni, ngokuqinisekile indlela ayephatha ngayo umkakhe yayiyosetshenziswa njengesibonelo kuleli vesi.

Ingabe uJesu wayenezingane zakubo?

Yebo, okungenani uJesu wayezalwa nezingane eziyisithupha. UJakobe, uJosefa, uSimoni, uJuda nodadewabo ababili. (Mathewu 13:54-​56; Marku 6:3) Lezi kwakuyizingane zakubo kaJesu ezizalwa uMariya, unina kaJesu, nomyeni wakhe uJosefa. (Mathewu 1:​25) IBhayibheli libiza uJesu ngokuthi “izibulo” likaMariya, okusikisela ukuthi wayenazo ezinye izingane.​—Luka 2:7.[2]

Imibono eyiphutha ngabafowabo bakaJesu

Ukuze basekele umbono wokuthi uMariya wahlala eyintombi ukuphila kwakhe konke, abanye baye bachaza igama elithi “abafowabo” ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, abanye banomuzwa wokuthi abafowabo bakaJesu kwakuyizingane zikaJosefa ayezithole emshadweni wakhe wangaphambili. Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi uJesu wazuza ilungelo elingokomthetho lobukhosi elalithenjiswe uDavide. (2 Samuweli 7:​12, 13; Luka 1:​32) Ukube uJosefa wayenamanye amadodana amadala kunoJesu, indodana endala kunawo wonke kwakuyoba iyona eyindlalifa engokomthetho kaJosefa.

Kungenzeka yini ukuthi abafowabo bakaJesu okukhulunywa ngabo babhekisela kubafundi bakaJesu, noma abafowabo abangokomoya? Lowo mqondo uyangqubuzana nemiBhalo, ngoba iBhayibheli lithi esikhathini esithile “eqinisweni, abafowabo babengenalo ukholo kuye.” (Johane 7:5) IBhayibheli liyabahlukanisa abafowabo bakaJesu kubafundi bakhe.​—Johane 2:​12.

Abanye bathi abafowabo bakaJesu empeleni kwakungabazala bakhe. Nokho, imiBhalo yesiGreki isebenzisa amagama ahlukile lapho ichaza “umfowabo” “isihlobo” “nomzala.” (Luka 21:16; Kolose 4:​10) Izazi zeBhayibheli eziningi ziyavuma ukuthi abafowabo nodadewabo bakaJesu kwakungabafowabo nodadewabo begazi. Ngokwesibonelo, i-Expositor’s Bible Commentary ithi: “Indlela engokwemvelo ukuzedlula zonke yokuqonda igama elithi ‘abafowabo’ . . . ukuthi leli gama libhekisela emadodaneni kaMariya noJosefa, okuwenza abe abafowabo bakaJesu ngonina.”b

a IBhayibheli liyabhekisela kuKristu njengomkhwenyana, kodwa umongo ukwenza kucace ukuthi lokhu kungokomfanekiso.​—Johane 3:​28, 29; 2 Korinte 11:2.

b Bheka nencwadi ethi The Gospel According to St. Mark, Uhlelo Lwesibili, kaVincent Taylor ikhasi 249, nethi A Marginal Jew​—Rethinking the Historical Jesus, kaJohn P. Meier, Umqulu 1, amakhasi 331-​332.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela