Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 41
  • Ngingayilawula Kanjani Intukuthelo Yami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingayilawula Kanjani Intukuthelo Yami?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isivivinyo
  • Okwenza kubaluleke
  • Ongakwenza
  • Ngingayilawula Kanjani Intukuthelo Yami?
    I-Phaphama!—2009
  • Indlela Ongalawula Ngayo Intukuthelo
    I-Phaphama!—2015
  • Ngingayilawula Kanjani Intukuthelo Yami?
    I-Phaphama!—1987
  • Lithini IBhayibheli Ngentukuthelo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 41
Ubuso bomfana bubonisa: 1. Ukuzola; 2. Ukuphatheka kabi; 3. Intukuthelo

INTSHA IYABUZA

Ngingayilawula Kanjani Intukuthelo Yami?

  • Isivivinyo

  • Okwenza kubaluleke

  • Ongakwenza

  • Okushiwo ontanga yakho

Isivivinyo

  • Uvame kangakanani ukuthukuthela?

    • kuyivela-kancane

    • kaningana

    • nsuku zonke

  • Uthukuthela kakhulu kangakanani?

    • hhayi kakhulu

    • ngiyashisa

    • ngiyaqhuma

  • Ubani ovame ukumthukuthelela?

    • umzali

    • ingane yakithi

    • umngane

Uma ubona isidingo sokulawula intukuthelo yakho, lesi sihloko sizokusiza! Okokuqala, cabanga ngezinye izizathu ezenza kubaluleke ukuhlala uzolile lapho ucasulwa othile.

Okwenza kubaluleke

Impilo yakho. IzAga 14:30 zithi: “Inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba.” Ngokuphambene nalokho, i-Journal of Medicine and Life ithi, “intukuthelo ingaba nomthelela ezifweni zenhliziyo.”

Abangane bakho. IBhayibheli lithi: “Ungabi nabungane nanoma ubani othambekele entukuthelweni; futhi ungangeni nomuntu onesifuthefuthe sentukuthelo.” (IzAga 22:24) Ngakho uma ukuthola kuyinkinga ukulawula intukuthelo, ungamangali uma abantu bekugwema. Intokazi okuthiwa uJasmine ithi, “Uma ungafundi ukulawula intukuthelo yakho, uzolahlekelwa ubungane obuhle.”

Idumela lakho. U-Ethan oneminyaka engu-17 uthi, “Uma ungayilawuli intukuthelo yakho, abantu bazokwazi ngalokho, bese kuthonya indlela abakubheka ngayo.” Zibuze, ‘Ngifuna ukwaziwa kanjani—njengomuntu ozolile ongumenzi wokuthula noma njengomuntu onesififane?’ IBhayibheli lithi “Owephuzayo ukuthukuthela ugcwele ukuqonda, kodwa ongenaso isineke uphakamisa ubuwula.”—IzAga 14:29.

Abangane bomfana bayaqhela njengoba umfana ehluleka ukulawula intukuthelo yakhe

No one wants to be around someone with an explosive temper

Ongakwenza

Cabanga ngemiBhalo elandelayo nangalokho okushiwo abanye, bese uzibuza imibuzo ehambisana nakho.

  • IzAga 29:22: “Umuntu othambekele entukuthelweni ubhebhezela umbango, nanoma ngubani othambekele ekufuthekeni uba nezeqo eziningi.”

    “Ngesikhathi ngisanda kweva eminyakeni engu-12, ngangikuthola kunzima kakhulu ukulawula intukuthelo yami. Izihlobo zikababa nazo zinenkinga efanayo. Sikubiza ngofuzo lwasemndenini. Sikuthola kunzima ukulawula intukuthelo!”​—UKerri.

    Ingabe ngithambekele entukuthelweni? Uma ngikwamukela ukunconywa ngezimfanelo zami ezinhle, ingabe kunengqondo ukuba ngisole ufuzo ngokuba nale mfanelo embi?

  • IzAga 15:1: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elibangela ubuhlungu lenyusa intukuthelo.”

    “Isihluthulelo siwukufunda ukulawula imizwelo yakho. Uma uhlakulela ubumnene futhi ugxila kokuhle, uyokwazi ukuyilawula intukuthelo yakho futhi ngeke kube inkinga ukwenza kanjalo.”​—UDaryl.

    Kungani isinyathelo sokuqala engisithathayo lapho ngichukuluzwa, sibalulekile?

  • IzAga 26:20: “Lapho kungekho zinkuni umlilo uyacima.”

    “Ukuphendula kwami ngomusa, kuvame ukulehlisa igwebu kumuntu engikhuluma naye, futhi sobabili siyakwazi ukuxoxa ngaphandle kokuhilizisana.”​—UJasmine.

    Indlela engikhuluma futhi ngenze ngayo ingafana kanjani nokuthela uphethiloli emlilweni?

  • IzAga 22:3: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.”

    “Ngezinye izikhathi ngivele ngihambe ukuze ngibe nesikhathi sokucabanga ngokwenzekile, ukuze ngikwazi ukubhekana nakho sengizolile.”​—UGary.

    Kunini lapho kungase kube ukuhlakanipha khona ukubalekela isimo esishubile ngaphandle kokwenza omunye acabange ukuthi uyadikila?

  • Jakobe 3:2: “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.”

  • “Kufanele sizisole ngamaphutha ethu, kodwa siphinde sifunde kuwo. Lapho siwa, kudingeka sivuke ngokushesha futhi sizimisele ukwenza kangcono ngesikhathi esizayo.”​—UKerri.

Icebiso: Zibekele umgomo. Nquma isikhathi oyohlala uzolile ngaso—mhlawumbe inyanga yonke. Yibhale phansi intuthuko yakho.

OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

Alyssa

“Ngangivame ukucabanga ukuthi labo abehlela ngezansi ngaphandle kokuthukuthela babuthakathaka; manje sengiyabona ukuthi kungenzeka basuke bebonisa ukuthobeka—okungenye yezimfanelo ezibaluleke kakhulu esingaba nazo. Ukufunda ukulawula intukuthelo yami akulula, kodwa kuwufanele umzamo!”​—U-Alyssa.

Erik

“Ukudonsa umoya kaningana kunginika ithuba lokucabanga ngaphambi kokusabela ngendlela engizozisola ngayo kamuva. Empeleni ukuthukuthela akukaze kusombulule lutho. Eqinisweni, kungenza izinto zibe zimbi nakakhulu.”​—U-Erik.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela