Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 152
  • Lithini IBhayibheli Ngentukuthelo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lithini IBhayibheli Ngentukuthelo?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Zikhona yini izizathu ezizwakalayo zokuthukuthela?
  • Kunini lapho ukuthukuthela kungafanele khona?
  • Ungayilawula kanjani intukuthelo?
  • Ingabe Ukuthukuthela Akulungile Ngaso Sonke Isikhathi?
    I-Phaphama!—1994
  • Ukubhekana Nentukuthelo—Eyakho Neyabanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Intukuthelo—Iyini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Into Eyinkinga Ngentukuthelo
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 152
Inqindi

Lithini IBhayibheli Ngentukuthelo?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli lifundisa ukuthi ukungayilawuli intukuthelo kuyingozi, kulowo oyifukamelayo nakulabo abamzungezile. (IzAga 29:22) Nakuba ngezinye izikhathi kungenzeka kube nezizathu ezizwakalayo zokuthukuthela, iBhayibheli lithi labo abaqhubeka ‘benesifuthefuthe sentukuthelo’ ngeke basindiswe. (Galathiya 5:​19-​21) IBhayibheli lineziqondiso ezingasiza umuntu akwazi ukulawula intukuthelo.

  • Zikhona yini izizathu ezizwakalayo zokuthukuthela?

  • Kunini lapho ukuthukuthela kungafanele khona?

  • Ungayilawula kanjani intukuthelo?

  • Amavesi eBhayibheli akhuluma ngentukuthelo

Zikhona yini izizathu ezizwakalayo zokuthukuthela?

Yebo. Ngezinye izikhathi siyaba nazo izizathu zokuthukuthela. Ngokwesibonelo, indoda ethembekile uNehemiya ‘yathukuthela kakhulu’ lapho izwa ngokucindezelwa kwabantu eyayikhonza nabo uNkulunkulu.​—Nehemiya 5:6.

NoNkulunkulu uyathukuthela ngezinye izikhathi. Ngokwesibonelo, lapho abantu bakhe endulo bephula isivumelwano ababesenze naye base beqala ukukhonza abanye oNkulunkulu, ‘intukuthelo kaJehova yabavuthela.’ (AbaHluleli 2:13, 14) Noma kunjalo, uNkulunkulu akaziwa ngokuba nentukuthelo. Uma ethukuthela kusuke kunesizathu esihle, futhi intukuthelo yakhe uyayilawula ngaso sonke isikhathi.​—Eksodusi 34:6; Isaya 48:9.

Kunini lapho ukuthukuthela kungafanele khona?

Intukuthelo yimbi uma singekho isizathu esizwakalayo sayo nalapho ingalawulwa, okuyinto abantu abanesono abavame ukuyenza. Ngokwesibonelo:

  • UKhayini ‘wathukuthela kakhulu’ lapho uJehova engawamukeli umhlatshelo wakhe. UKhayini wavumela ukuba intukuthelo ikhule, waze wabulala umfowabo.​—Genesise 4:​3-8.

  • Umprofethi uJona “wavutha ngentukuthelo” lapho uJehova ebonisa abaseNineve umusa. UNkulunkulu wakulungisa ukucabanga kukaJona, embonisa ukuthi ‘kwakungalungile ukuvutha kwakhe ngentukuthelo’ nokuthi kwakufanele abonise umusa kulabo ababezisola ngobubi babo.​—Jona 3:10–​4:​1, 4, 11.a

Lezi zibonelo zibonisa ukuthi, “intukuthelo yomuntu ayikufezi ukulunga kukaNkulunkulu.”​—Jakobe 1:​20.

Ungayilawula kanjani intukuthelo?

  • Cabanga ngezingozi zokungayilawuli intukuthelo. Abanye bangase bacabange ukuthi ukuveza intukuthelo kubonisa ukungesabi. Empeleni, umuntu ohlukela ukulawula intukuthelo usuke ebonisa ubuthaka. ‘Umuntu ongayibambi intukuthelo yakhe unjengomuzi ofohliwe, ongenalo udonga.’ (IzAga 25:28; 29:11) Kodwa lapho silawula intukuthelo yethu, sisuke sibonisa isibindi sangempela nokuqonda. (IzAga 14:29) IBhayibheli lithi: “Owephuza ukuthukuthela ungcono kunendoda enamandla.”​—IzAga 16:32.

  • Funda ukulawula intukuthelo ngaphambi kokwenza into ozozisola ngayo. IHubo 37:8 lithi: “Hlukana nentukuthelo uyeke ukufutheka. Ungafuthelani ukuba nje wenze okubi.” Phawula ukuthi uma sizizwa sithukuthela, singakwazi ukuyidlulisa into esicasulayo ngaphambi kokuba size ‘senze okubi.’ Njengoba sifunda encwadini yabase-Efesu 4:​26, “thukuthelani, kodwa ningoni.”

  • Uma kungenzeka, hamba uma uzizwa usuqala ukuthukuthela. IBhayibheli lithi: “Ukuqala kombango kunjengomuntu ovulela amanzi; ngakho ngaphambi kokuba kuqhume ingxabano, hamba.” (IzAga 17:14) Nakuba kuwukuhlakanipha ukulungisa indaba ngokushesha, kodwa zinikeni isikhathi sokwehlisa umoya ngaphambi kokuzama ukulungisa indaba.

  • Thola amaqiniso ngendaba. UmBhalo wezAga 19:11 uthi: “Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe.” Kuwukuhlakanipha ukuthola wonke amaqiniso ngendaba ngaphambi kokufinyelela iziphetho. Uma sizinika isikhathi sokuthola wonke amaqiniso, siyogwema ukuthukuthela ngokungadingekile.​—Jakobe 1:​19.

  • Thandazela ukuthula kwengqondo. Umthandazo ungakusiza uthole “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.” (Filipi 4:7) Umthandazo ungenye yezindlela esingacela ngazo umoya ongcwele kaNkulunkulu, ongasisiza sibe nokuthula, ukubekezela, nokuzibamba.​—Luka 11:13; Galathiya 5:​22, 23.

  • Bakhethe kahle abangane bakho. Sivame ukufana nabantu esichitha nabo isikhathi sethu. (IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33) Yingakho iBhayibheli lisixwayisa: “Ungabi nabungane nanoma ubani othambekele entukuthelweni; futhi ungangeni nomuntu onesifuthefuthe sentukuthelo.” Isizathu? “Ukuze ungajwayelani nezindlela zakhe futhi ngokuqinisekile uthathele umphefumulo wakho ugibe.”​—IzAga 22:24, 25.

Amavesi eBhayibheli akhuluma ngentukuthelo

IzAga 16:32: “Owephuza ukuthukuthela ungcono kunendoda enamandla.”

Incazelo: Ukulawula intukuthelo kuwuphawu lwesibindi.

IzAga 17:14: “Ukuqala kombango kunjengomuntu ovulela amanzi; ngakho ngaphambi kokuba kuqhume ingxabano, hamba.”

Incazelo: Uma kuphakama imimoya, suka kuleyo ndawo.

IzAga 19:11: “Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe.”

Incazelo: Singakugwema ukuthukuthela ngokungadingekile ngokuthola wonke amaqiniso ngendaba ngaphambi kokufinyelela iziphetho.

IzAga 22:24, 25: “Ungabi nabungane nanoma ubani othambekele entukuthelweni; futhi ungangeni nomuntu onesifuthefuthe sentukuthelo, ukuze ungajwayelani nezindlela zakhe.”

Incazelo: Uma sichitha isikhathi sethu nabantu abathukuthela kalula, nathi singafana nabo.

IzAga 29:11: “Isiphukuphuku siyidedela yonke intukuthelo yaso.”

Incazelo: Kuwukuhlakanipha ukulawula imizwa yethu kunokuba siyivumele isilawule.

Galathiya 5:22, 23: “Izithelo zomoya ziluthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.”

Incazelo: Umoya ongcwele, noma amandla kaNkulunkulu, ungasisiza sinqobe intukuthelo.

Efesu 4:26: “Thukuthelani, kodwa ningoni.”

Incazelo: Kungenzeka singakwazi ukugwema ukuthukuthela ngaso sonke isikhathi, kodwa singayilawula intukuthelo.

Jakobe 1:​19: “Wonke umuntu kumelwe asheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela.”

Incazelo: Singayinciphisa intukuthelo ngokuba izilaleli ezinhle.

a Kubonakala sengathi uJona wakwamukela ukulungiswa wayeka ukuthukuthela, ngoba kamuva uNkulunkulu wamsebenzisa ekubhaleni ingxenye yeBhayibheli ebizwa ngegama lakhe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela