Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 73
  • Ngingenzenjani Uma Ngihlukunyezwa Kuyi-Internet?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingenzenjani Uma Ngihlukunyezwa Kuyi-Internet?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okufanele ukwazi
  • Ongakwenza
  • Ngenzenjani uma ngixhashazwa?
    Intsha Iyabuza
  • Yini Engingayenza Uma Ingane Yami Ihlushwa Yisiqhwaga?
    Usizo Lomndeni
  • Ngingabhekana Kanjani Neziqhwaga Esikoleni?
    Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha
  • Ukugqashula Emkhubeni Wokuqinela Abanye
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 73
Umfana ucindezelekile ngenxa yomyalezo awuthumelelwe abantu abamhlukumeza kuyi-Internet

INTSHA IYABUZA

Ngingenzenjani Uma Ngihlukunyezwa Kuyi-Internet?

  • Okufanele ukwazi

  • Ongakwenza

  • Okushiwo ontanga yakho

Okufanele ukwazi

Kulula ukuhlumeza abanye kuyi-Internet. Incwadi i-CyberSafe ithi i-Internet “yenza kube lula ngisho nangezingane ezinamahloni ukuhlukumeza abanye ngoba basuke bengabonani ubuso nobuso.”

Kunabantu okulula ukuba bahlukumezeke kuyi-Internet. Kuhlanganisa abanamahloni, ababonakala behlukile kanye nabangazethembi.

Ukuhlukunyezwa ngale ndlela kunemiphumela emibi. Kungenza abanye bacindezeleke futhi bazizwe benesizungu, abanye baze bazibulale ngisho nokuzibulala.

Ongakwenza

Okokuqala, zibuze ‘Ingabe ngempela kuwukuhlukumeza?’ Abanye abantu basho izinto ezingakulimaza, kodwa bengaqondile. Uma lokho kwenzeka, ukulandela lesi seluleko seBhayibheli kungasisiza:

“Ungasheshi ukucasuka emoyeni wakho, ngoba ukucasuka kuhlala esifubeni seziphukuphuku.”—UmShumayeli 7:9, footnote.

Kodwa uma umuntu ehlupha othile ngamabomu, emehlisa isithunzi ngezinto azishoyo noma emesabisa, lokho kuwukuhlukumeza.

Uma uhlukunyezwa khumbula lokhu: Okushoyo kungenza izinto zibe ngcono noma zibe zimbi kakhulu. Zama ukusebenzisa la macebiso alandelayo.

Vele umzibe umuntu okuhlukumezayo. IBhayibheli lithi: “Noma ubani ogodla amazwi akhe unolwazi, nomuntu onokuqonda unomoya ozolile.”—IzAga 17:27.

Nasi esinye isizathu esenza kusebenze lokho okushiwo iBhayibheli: Encwadini yakhe i-Cyberbullying and Cyberthreat, uNancy Willard uthi: “Umgomo wabantu abahlukumeza abanye ukubenza bacasuke. Uma sebecasukile kuba lula ngalabo ababahlukumezayo ukuba babalawule.”

Iphuzu elibalulekile: Ngezinye izikhathi kungcono ukuvele ungasho lutho.

Ungazami ukuziphindiselela. IBhayibheli lithi: “Ningabuyiseli okubi ngokubi noma ukuthukwa ngokuthuka.”—1 Petru 3:9.

Nasi esinye isizathu esenza kusebenze lokho okushiwo iBhayibheli: Incwadi i-Cyber-Safe Kids, Cyber-Savvy Teens ithi, “Uma ucasuka, wenza abantu bafune ukukuhlukumeza nakakhulu.” Ukuziphindiselela kungenza kubonakale sengathi nawe unomthelela ekuhlukunyezweni kwakho.

Iphuzu elibalulekile: Ungenzi izinto zibe zimbi nakakhulu.

Yenza okuthile. IBhayibheli lithi: “Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi.” (Roma 12:21) Kukhona ongakwenza ukuze uxazulule le nkinga, ngaphandle kokwenza isimo sibe sibi nakakhulu.

Ngokwesibonelo:

  • Mubhlokhe umuntu okuthumela leyo miyalezo. Incwadi i-Mean Behind the Screen ithi, “Uma ungawufundi umyalezo, ngeke ukulimaze.”

  • Ngisho noma ungayifundi imiyalezo, yigcine ukuze ibe ubufakazi. Kungaba izinto ezikuhlukumezayo ozithunyelwa ngefoni, ngezokuxhumana nge-internet noma ngezinye izindlela.

  • Tshela lowo okuhlukumezayo ukuba ayeke. Ungamthumela omunye wemiyalezo engezansi ecacile, kodwa ungabonisi ukucasuka:

    • “Ungabe usangithumela eminye imiyalezo.”

    • “Susa izinto ozifakile.”

    • “Uma ungayiyeki le nto oyenzayo, ngizothatha izinyathelo.”

  • Zethembe. Gxila kokwazi ukukwenza, hhayi ezintweni ongakwazi ukuzenza. (2 Korinte 11:6) Abantu abahlukumeza abanye kuyi-Internet bayafana nabantu abayiziqhwaga, bathanda ukuhlupha labo ababonakala bengakwazi ukuzivikela.

  • Tshela umuntu omdala. Qala ngokutshela abazali bakho. Ungatshela nabanikazi bewebusayithi esetshenziswa umuntu okuhlukumezayo. Uma isimo siba sibi kakhulu, wena nabazali bakho ningabikela uthisha omkhulu, amaphoyisa noma nifune usizo lwabameli.

Iphuzu elibalulekile: Kukhona ongakwenza ukuze uqede ukuhlukunyezwa noma ukunciphise.

Okushiwo ontanga yakho

UNatalie

“Sikhona yini isidingo sokuqhubeka usebenzisa iwebusayithi ohlukunyezwa kuyo? Iyakusiza noma iyakulimaza? Ungakwazi yini ukumbhlokha lowo muntu? Ngokuvamile, kukhona ongakwenza ukuze uphume kuleyo nkinga.”—UNatalie.

UDarius

“Uma kukhona abakuthumelela imiyalezo ekuhlukumezayo kuyi-Internet, tshela umuntu omdala. Ungasabi ukuthi uma ubaceba kuzothiwa ‘uyatefa’ noma wenzisa okwengane. Lawo mazwi awachazi uhlobo lomuntu oyilo. Kudinga isibindi ukutshela abantu ukuthi uyahlukunyezwa.”​—UDarius.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela