Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • Namuhla

UMsombuluko, Julayi 28

Lowo onobunye nani mkhulu kunalowo onobunye nezwe.—1 Joh. 4:4.

Uma uzizwa wesaba, zindla ngalokho uJehova asazokwenza esikhathini esizayo lapho uSathane engasekho. Umboniso owenziwa emhlanganweni wesifunda ka-2014 wabonisa ubaba exoxa nomndeni wakhe ngendlela eyesi-2 Thimothewu 3:​1-5 engase ifundeke ngayo uma lawo mavesi echaza ukuthi kuyoba njani ePharadesi: “Ezweni elisha kuyoba isikhathi esijabulisa kakhulu. Ngoba abantu bayothanda abanye, bathande ingcebo engokomoya, babe abanesizotha, abathobekile, abathanda uNkulunkulu, abalalela abazali, ababongayo, abathembekile, abathanda imindeni yabo, abathanda ukwenza isivumelwano, abakhuluma izinto ezinhle ngabanye, abanokuzithiba, abanomoya ophansi, abathandi bokuhle, abanokwethenjelwa, abathanda ukwamukela imibono yabanye, abamnene, abathanda uNkulunkulu kunokuba abathandi benjabulo, abesaba uNkulunkulu ngobuqotho; namathela kulaba bantu.” Uyaxoxa yini nomndeni wakho noma okholwa nabo ngokuthi kuyoba njani ukuphila ezweni elisha? w24.01 6 ¶13-14

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025

ULwesibili, Julayi 29

Ngikwamukele.—Luka 3:22.

Kusiqinisa idolo ukwazi ukuthi uJehova uyabamukela abantu bakhe njengeqembu! IBhayibheli lithi: “UJehova uyajabula ngabantu bakhe.” (IHu. 149:4) Nokho, ngezinye izikhathi abanye bangase badikibale kangangokuba bangaze bazibuze, ‘UJehova uyangamukela yini mina?’ Abakhulekeli bakaJehova abaningana bangezikhathi zeBhayibheli nabo bake bahlushwa imicabango enjalo. (1 Sam. 1:​6-10; Jobe 29:​2, 4; IHu. 51:11) IBhayibheli likubonisa ngokucacile ukuthi abantu abanesono bangamukelwa uJehova. Kanjani? Kumele sibonise ukholo kuJesu Kristu sibhapathizwe. (Joh. 3:16) Ngaleyo ndlela sibonisa obala ukuthi siphendukile ezonweni zethu nokuthi sithembise uNkulunkulu ukuthi sizokwenza intando yakhe. (IzE. 2:38; 3:19) UJehova uyajabula lapho senza lezi zinto ukuze sibe abangani bakhe. Uma nje siqhubeka senza konke esingakwenza ukuze siphile ngokuvumelana nesifungo sethu sokuzinikezela, uJehova uyasamukela asibheke njengabangani bakhe.—IHu. 25:14. w24.03 26 ¶1-2

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025

ULwesithathu, Julayi 30

Ngeke siyeke ukukhuluma ngezinto esizibonile nesizizwile.—IzE. 4:20.

Singabalingisa abafundi ngokuqhubeka sishumayela ngisho noma iziphathimandla zithi asiyeke. Singaqiniseka ukuthi uJehova uzosisiza sifeze inkonzo yethu. Ngakho thandazela isibindi nokuhlakanipha ucele uJehova akusize ukuze ubhekane nezinkinga. Abaningi kithi bayagula, banezinkinga ezingokomzwelo, bashonelwe umuntu abamthandayo, banezinkinga zemindeni, bayashushiswa, noma banezinye izinkinga. Izinto ezifana nobhubhane nezimpi zenze kwaba nzima nakakhulu ukubhekana neziningi zalezi zinkinga. Thulula isifuba sakho kuJehova. Mtshele izinto obhekene nazo ngendlela obungatshela ngayo umngani oseduze. Qiniseka ukuthi uJehova ‘uzokusiza.’ (IHu. 37:​3, 5) Ukuphikelela emthandazweni kuzosisiza ‘sikhuthazele osizini.’ (Roma 12:12) UJehova uyazi ukuthi abantu abamkhonzayo babhekene nani—“uyakuzwa ukukhalela kwabo usizo.”—IHu. 145:​18, 19. w23.05 5-6 ¶12-15

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela