Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/94 k. 2
  • Hlobo Luni Lomoya Olubonisayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Hlobo Luni Lomoya Olubonisayo?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Londoloza Umoya Omuhle Webandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Hlobo Luni Lomoya Owubonisayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • “Vuthani Emoyeni”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ingabe ‘Ukukhuthalele Ukungenisa Izihambi’?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 11/94 k. 2

Hlobo Luni Lomoya Olubonisayo?

1 UPawulu waphetha incwadi yakhe eyayiya ebandleni laseFilipi ngalamazwi esikhuthazo: “Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube-nomoya [eniwubonisayo, NW].” (Fil. 4:23) Wabatusa ngenxa yesithakazelo sabo esiqotho ekushumayeleni izindaba ezinhle kanye nokukhathalela kwabo okufudumele, kothando inhlalakahle yomunye nomunye.—Fil. 1:3-5; 4:15, 16.

2 Kufanele kube isifiso sethu ukubonisa umoya ofanayo ebandleni lethu. Lapho sonke sibonisa intshiseko, umusa, nomoya wokwamukela izihambi, lokhu kwakha umoya oba sobala kulabo ababukelayo. Umoya owakhayo nowothando wenza kube nobunye nentuthuko engokomoya. (1 Kor. 1:10) Umoya ongakhi ubangela ukudumazeka nokungenzi izinto ngenhliziyo yonke.—IsAm. 3:15, 16.

3 Abadala Bayahola: Abadala banomthwalo wemfanelo wokugcina umoya omuhle, owakhayo kubo ngokwabo nasebandleni. Ngani? Ngoba isimo sabo sengqondo kanye nokuziphatha kwabo kungalithonya ibandla. Siyakwazisa ukuba nabadala abashisekayo enkonzweni yasensimini, abasibingelela bemoyizela ngokufudumele besho namazwi omusa, futhi abakhayo ngeseluleko sabo, kungakhathaliseki ukuthi sinikezwa ngasese no-ma endaweni yesikhulumi.—Heb. 13:7.

4 Yiqiniso, sonke kufanele sifeze ingxenye yethu ukuze senze ibandla libe nobungane, umoya wokwamukela izihambi, lishiseke, futhi libe nomqondo ongokomoya. Ngabanye, singabonisa imfudumalo nothando ebudlelwaneni bethu nabanye. (1 Kor. 16:14) Akufanele kube nokwehlukana ngokobudala, uhlanga, imfundo, noma ngokwezimo zezimali phakathi kwethu. (Qhathanisa neyabase-Efesu 2:21.) Ngenxa yethemba lethu, singabonisa umoya wenjabulo, umoya wokungenisa izihambi ngokungagodli, kanye nentshiseko enkonzweni.—Roma 12:13; Kol. 3:22, 23.

5 Bonke ababa nobudlelwane nathi, kuhlanganise nabasanda kuhlanganyela, kufanele benziwe bazizwe bamukelekile futhi baluzwe uthando nokuzinikela kobuzalwane. Ngenkonzo yethu nangokubonisa kwethu izimfanelo ezinhle zobuKristu, sinikeza ubufakazi bokuthi ibandla ‘liyinsika nesisekelo seqiniso.’ (1 Thim. 3:15) Siyalondeka ngokomoya ngenxa ‘yokuthula kukaNkulunkulu’ okulondoloza izinhliziyo namandla ezingqondo zethu. (Fil. 4:6, 7) Kwangathi sonke singazikhandla ngenkuthalo ekuboniseni uhlobo lomoya ozosiqinisekisa ukuba sijabulele umusa kaJehova ongasifanele ngeNkosi uJesu Kristu.—2 Thim. 4:22.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela