Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/95 k. 12
  • Hambisa Izikhokhelo Ngazo Zonke Izikhathi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Hambisa Izikhokhelo Ngazo Zonke Izikhathi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Basebenzise Kahle Omagazini Bethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Hambisa Omagazini Lapho Ushumayela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Yiba Nesithakazelo Komagazini Ngo-October
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Omagazini Bamemezela UMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 10/95 k. 12

Hambisa Izikhokhelo Ngazo Zonke Izikhathi

1 Sinesizathu esihle sokwazisa INqabayokulinda ne-Phaphama! Yibaphi abanye omagazini abakhanga kangaka emhlabeni wonke? Kulenyanga sizoqokomisa omagazini emsebenzini wethu wokushumayela, futhi yeka ukwaziswa okunamandla omagazini baka-October abakuqukethe! Ngokuvamile izikhokhelo eziningi sizihambisa emsebenzini wendlu ngendlu; nakuba kunjalo, sifuna ukukulungela nokuzihambisa ngazo zonke izikhathi ezifanelekile.

2 Lapho uhambisa “INqabayokulinda” ka-October 1 ungase uvuse isithakazelo ngesihloko esithi “Izwe Elingenayo Impi—Nini?” ngokuba uthi:

◼ “Abantu abaningi bayazibuza ukuthi kungani izwe elingenayo impi libonakala lingafinyeleleki naphezu kwayo yonke imizamo yabantu. Ucabangani ngalamazwi asekhasini 5 le-Nqabayokulinda ka-October 1? [Funda umusho wokuqala esigabeni ngasinye kwezimbili zokuqala ngaphansi kwesihlokwana esithi “Inkolo—Isithiyo Esikhulu,” bese ulindela impendulo.] Yiqiniso, lokhu akusho ukuthi kuyohlala kunezimpi. Phawula isithembiso sikaNkulunkulu lapha ku-Isaya 9:6, 7.” Ungafunda lombhalo eBhayibhelini lakho noma njengoba ucashuniwe esihlokweni se-Nqabayokulinda. Chaza kafushane ukuthi INqabayokulinda imemezela uMbuso kaJehova njengowukuphela kwethemba lomhlaba onokuthula, bese uhambisa isikhokhelo. Uma isikhokhelo singathathwa, hambisa umagazini kanye nomngane wawo i-Phaphama! bese ukhuthaza lowo muntu ukuba abafunde.

3 Lapho uhambisa i-“Phaphama!” ka-October 22 ungase uthi:

◼ “Ucabangani ngalombuzo osesembozweni salomagazini: ‘Kungani Ukuphila Kukufushane Kangaka?’ [Lindela impendulo.] Lolu chungechunge lwezihloko ludonsela ukunakekela kulokho izazi zesayensi zanamuhla nabanye abakushoyo ngokuguga, bese lugxila kulokho uMdali wethu akuthembisile ngokuphathelene namathemba okuphila okuphakade. Ngingakujabulela ukukushiyela lomagazini nomngane wawo ngomnikelo ka-R1,60.”

4 Lapho uthola abantu abathambekele enkolweni, kungani ungaqokomisi isihloko esiku-“Nqabayokulinda” ka-October 15? Lentshumayelo ingase imenze asabele kahle:

◼ “Ngingathanda ukuthola umbono wakho kulombuzo: Ingabe kungenzeka ukuthanda uNkulunkulu futhi simesabe ngesikhathi esifanayo?” Lindela impendulo, bese ufunda umbhalo osekela isihloko esithi “Kungani Kufanele Wesabe UNkulunkulu Weqiniso Manje?” (UmSh. 12:13) Sebenzisa omunye wemifanekiso esekhasini 247 lencwadi ethi Ukubonisana, bese uhambisa isikhokhelo, noma omagazini ababili ngomnikelo ka-R1,60.

5 Lapho usebenza endlini ngendlu, ungazidluli izitolo. Labo ngokuvamile abahambela izitolo bachaza lomsebenzi njengojabulisayo nokhiqizayo. Ungase uzame intshumayelo elula njengalena lapho uhambisa i-“Phaphama!” ka-October 8:

◼ “Siyazi ukuthi abantu bezamabhizinisi bayakuthanda ukuhlala benolwazi ngezindaba ezithinta umphakathi wakubo. Ngiyaqiniseka ukuthi lezi zihloko zizokuthakazelisa.” Yibe usuhlanganyela naye kafushane iphuzu elisesihlokweni esithi “Ukuba Umzali Ongayedwa Ophumelelayo.” Chaza ilungiselelo lesikhokhelo.

6 Gcina umbhalo obhalwe kahle wendlu ngendlu, futhi uphindele kuzo zonke izindawo ohambise okuthile kuzo. Lapho uphindela, hambisa isikhokhelo sikamagazini owodwa noma ababili. Masizimisele futhi sikuphaphamele ukuhambisa omagazini bethu, ikakhulukazi izikhokhelo, ngazo zonke izikhathi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela