Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/99 k. 8
  • Yini Ongayisho KumHindu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Ongayisho KumHindu?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UbuHindu—Ukufuna Inkululeko
    Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu
  • Indlela Ongasabela Ngayo Kwabafuna Ukuvimba Ingxoxo
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Ukufakaza Kubantu Bazo Zonke Izilimi Nezinkolo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Ingabe Uyazisebenzisa Lezi Zincwajana?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
km 9/99 k. 8

Yini Ongayisho KumHindu?

1 Njengoba kungenzeka uyazi, kunamaHindu amaningi ahlala emazweni ahlukahlukene, kuhlanganise nakulo leli lakithi. Lokhu kusho ukuthi noma nini lapho usenkonzweni ungathuka usuhlangana nomHindu. Lapho kwenzeka, uyobhekana kanjani nakho?

2 Khumbula La Maphuzu: Izithunywa zevangeli eziye zafakaza ngempumelelo kumaHindu zithi akudingeki ukucwaninga ngokujulile ngobuHindu ukuze ukwazi ukunikeza ubufakazi obuphumelelayo. Intshumayelo yeqiniso elula nengacunuli ngokuvamile yenza kube khona ukusabela okuhle. Cela ukukhuluma nenhloko yekhaya kuqala. Uma ivuma ukulalela, kuyoba lula ukufakaza nakwamanye amalungu omkhaya. Njengoba amaHindu amaningi ecabanga ukuthi iBhayibheli liyincwadi yasemaZweni aseNtshonalanga, ungaluqeda lolo bandlululo ngokuchaza ukuthi ayithuthukisi isimiso sokwenziwa kwamakoloni noma iphakamise olunye uhlanga ngaphezu kolunye.

3 Sebenzisa Amathuluzi Afanele: Kuye kwalungiselelwa izincwajana ezimbili ezingangomagazini kucatshangwa ngokukhethekile ngawo amaHindu. Ethi Why Should We Worship God in Love and Truth? inyatheliswa ngesiGujarati nesiPunjabi. Ethi Our Problems—Who Will Help Us Solve Them? inyatheliswa ngezinye izilimi zamaNdiya ezingu-11. Zombili ziyatholakala ngesiNgisi. Incwajana ethi “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha” nethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? nazo ziye zaphumelela lapho kufakazwa kulabo abanesizinda sobuHindu. Incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? nencwadi ethi Ulwazi zingase zisetshenziswe ngokuphumelelayo ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli namaHindu kanye nabantu bezinye izizinda zenkolo.

4 Thola Into Enivumelana Ngayo: Akunzima ukuthola into eningavumelana ngayo namaHindu. Akholelwa ukuthi siphila esikhathini lapho ububi sebudlange khona kakhulu nokuthi uNkulunkulu uzosusa zonke izinkinga emhlabeni ngenhlekelele enkulu ezolandelwa inkathi yeqiniso. Ungabona ukuthi lezi zinkolelo zingahlotshaniswa kalula kangakanani nezimfundiso zeBhayibheli ezimayelana nezinsuku zokugcina, usizi olukhulu nezwe elisha elizayo. Njengoba amaHindu amaningi ebheka ukuphila njengochungechunge lwezinkinga ezingenawo amakhambi, anesithakazelo ezihlokweni ezikhuluma ngokuphila komkhaya, ubugebengu nokulondeka nokuthi yini eyenzekayo ekufeni. Nasi isibonelo sezintshumayelo ezimbili ezingase zisetshenziswe ngisho nalapho ukhuluma nabantu bezinye izinkolo nezizinda.

5 Lena ingase ikhange indoda enomkhaya:

◼ “Ngihambela abantu abakhathazekile ngesimo sokuphila kwemikhaya emazweni amaningi namuhla. Ucabanga ukuthi yini engasiza ekugcineni umkhaya unobunye? [Lindela impendulo.] Abanye abantu bayazi ukuthi imibhalo yamaHindu ithini ngomkhaya, kodwa abakaze babe nethuba lokuqhathanisa le mibhalo nalokho iBhayibheli elikushoyo ngale ndaba. Ngingathanda ukuhlanganyela nawe lokho okushiwo iBhayibheli kweyabaseKolose 3:12-14.” Ngemva kokufunda lo mbhalo, bonisa umninikhaya isahluko 15 sencwadi Ulwazi bese uthi: “Ngingakujabulela ukuchitha isikhashana ngifunda nawe lesi sihloko.”

6 Umuntu osemusha angase asabele kahle kulena:

◼ “Ngokungangabazeki uyakholelwa kuNkulunkulu. Ucabanga ukuthi iyini injongo kaNkulunkulu ngathi?” [Lindela impendulo.] Yibe usufunda uGenesise 1:28, bese uthi: “Emazweni amaningi umhlaba uminyene kakhulu futhi ugcwele izinkinga. Ucabanga ukuthi uMdali angazimisela ukusisiza sixazulule izinkinga zethu?” Ngemva kokuzwa impendulo, mbonise incwadi efanele.

7 Izintshumayelo ezingenhla zingashintshwa ukuze zifaneleke ezindaweni ezinabantu bezinye izizinda. Khumbula, umgomo wethu uwukuqala izifundo zeBhayibheli sisebenzisa incwadi Ulwazi.

8 Thola Imiphumela Emihle: Insizwa engumHindu eneminyaka engu-22 ubudala yaxoxa nodade owayefakaza emakethe futhi yacela isifundo seBhayibheli. Yamchazela ukuthi eminyakeni engu-8 edlule yezwa ngandleb’ enye ingxoxo yeBhayibheli eyayiphakathi kwalo dade nonina. Nakuba zayihlaba umxhwele izimpendulo eziwusizo zeBhayibheli ezinkingeni zesintu, unina wayengenasithakazelo futhi yaba nomuzwa wokuthi yayisencane kakhulu ukuthi ingaqhubeka neqiniso iyodwa. Manje njengoba isikhulile, yayifuna ukufunda okwengeziwe. Le nsizwa ayipholisanga maseko. Ngezinsuku nje ezingu-23, yayiqeda yonke incwadi Ulwazi, futhi yacela ukuba ibhapathizwe ngemva nje kwezinyanga ezine ihlangane nodade emakethe!

9 Intando kaNkulunkulu iwukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:4) Lokho kuhlanganisa amadoda nabesifazane abasezinkolweni ezingezona ezobuKristu, njengobuHindu. Uma kunamaHindu ensimini yenu, kungani ningawavakasheli ngokushesha futhi nisebenzise okunye kokusikisela okunikezwe kulesi sihloko?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela