Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/12 kk. 6-9
  • Imibuzo Emine Okufanele Uyicabangele Ngazo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Emine Okufanele Uyicabangele Ngazo
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngezingosi Zokuxhumana Nabantu?—Ingxenye 1
    I-Phaphama!—2011
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngezingosi Zokuxhumana Nabantu?—Ingxenye 2
    I-Phaphama!—2011
  • Yini Ekhangayo Ngazo?
    I-Phaphama!—2012
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 2/12 kk. 6-9

Imibuzo Emine Okufanele Uyicabangele Ngazo

Njengoba kunjalo nganoma ikuphi ukusetshenziswa kwe-Internet, zikhona izingozi nasezingosini zokuxhumana.a Unalokho engqondweni, cabangela le mibuzo elandelayo.

1 Ukusebenzisa Ingosi Yezokuxhumana Kuyithinta Kanjani Imininingwane Yami Eyimfihlo?

“Lapho kukhona amazwi amaningi asiphuthi iseqo, kodwa obamba izindebe zakhe wenza ngokuqonda.”—IzAga 10:19.

Okufanele ukwazi. Uma ungaqaphile, imininingwane yakho, izithombe, izinto ozishoyo (imiyalezo emifushane eya kubangane bakho), nezimpendulo zakho (eziya kubangane bakho) kungaveza okuningi ngawe. Ngokwesibonelo, kungembula izinto ezinjengokuthi uhlalaphi, utholakala nini ekhaya (nokuthi kunini lapho ungatholakali khona), indawo osebenza kuyo noma isikole ofunda kuso. Ikheli lakho kuhlanganise nomyalezo omfushane onjengothi, “Kusasa siya eholidini!” kwanele ukutshela isela ukuthi lingagadla kuphi futhi nini.

Eminye imininingwane—njengekheli lakho le-e-mail, usuku lwakho lokuzalwa noma inombolo yakho yocingo—kungakwenza uchayeke ekuhlukunyezweni, ekuxhashazweni nasekwebiweni kwemininingwane yakho. Noma kunjalo, abaningi bavele bayembule imininingwane enjalo ezingosini zokuxhumana.

Abantu bayalibala ukuthi uma beke bafaka okuthile kuyi-Internet, sekuchayeke emphakathini. Ngisho noma bengachaza ukuthi izinto abazibhalile ziqondene “Nabangane Babo Kuphela,” abakwazi ukulawula lokho abangane babo abangakwenza ngalokho kwaziswa. Ngempela, noma yini ebhalwe engosini yokuxhumana nabantu kufanele ibhekwe njengento yomphakathi noma engatholakala kalula kubo bonke abantu.

Ongakwenza. Jwayelana kahle nendlela yokuvikela izinto eziyimfihlo engosini oxhumana nabantu kuyo futhi uyisebenzise. Yenza ukuba kube abantu obaziyo nobethembayo kuphela abakwazi ukufunda izinto ozibhalile nababuka izithombe zakho.

Ngisho noma kunjalo, qonda ukuthi lokho okufaka engosini kungatholwa abantu abaningi kunalabo okuhloselwe bona. Lihlole njalo ikhasi obhala kulo engosini futhi uzibuze ukuthi izinto ozibhalile ngeke yini izikhohlakali zizisebenzise ukuze zithole ukuthi uhlalaphi noma zebe imininingwane yakho. Ngisho naphakathi kwabangane bakho, ungayibhali imininingwane engadalula izinto zakho eziyimfihlo noma izimfihlo zomunye umuntu. (IzAga 11:13) Uma kunokwaziswa okubucayi ofuna ukukudlulisela kothile, sebenzisa enye indlela yokuxhumana. “Ukukhuluma ocingweni kuyindlela engcono kakhulu yokugcina udaba luphakathi kwakho noxoxa naye,” kusho owesifazane osemusha okuthiwa uCameron.

Iphuzu eliyinhloko. Owesifazane okuthiwa uKim uyifushanisa kahle le ndaba. Uthi, “Uma unakisisa ukuthi wenzani, ungakwazi ukugcina izinto ziyimfihlo ngezinga elithile engosini yokuxhumana. Ngeke ikufake enkingeni ngaphandle uma uyivumela.”

2 Ukusebenzisa Ingosi Yezokuxhumana Kusithinta Kanjani Isikhathi Sami?

“Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—Filipi 1:10.

Okufanele ukwazi. Izingosi zokuxhumana zingadla isikhathi sakho futhi zikuphazamise emisebenzini ebaluleke kakhulu. Njengoba owesifazane okuthiwa uKay ekubeka, “uma unamakheli amaningi uchitha isikhathi esiningi engosini yokuxhumana futhi kungaba lula ukuba umlutha wayo.” Cabangela lokho okushiwo abanye abathi babebanjwe yilolu gibe.

“Kunzima ukushiya ingosi yezokuxhumana uma usuphakathi, ngisho nalapho ungathandi ngempela ukuyisebenzisa. Ivele ingayekeki.”—U-Elise.

“Ziningi izinto ongazenza—imidlalo, izivivinyo, ikhasi elibonisa abathandi bomculo othile—ingasaphathwa eyokubheka imininingwane yabangane bakho.”—UBlaine.

“Ivele ikubambe ungaboni, uyobona ngomama wakho esefika ekubuza ukuthi izitsha azigeziwe ngani.”—U-Analise.

“Ngizithola ngilangazelela ukufika ekhaya ngokushesha ukuze nje ngibone ukuthi ubani ophendulile kulokho engikubhalile. Ngemva kwalokho kudingeka ngibaphendule bonke, bese ngibheka nezithombe ezintsha abazifakile. Uma ngisengosini ye-Internet ngangivele ngingafuni lutho futhi ngicasuka lapho ngiphazanyiswa. Abanye engibaziyo bahlale besengosini ye-Internet ngaso sonke isikhathi—noma bevakashele abanye emakubo ngisho nasebusuku imbala!”—UMegan.

Ongakwenza. Isikhathi sibaluleke kakhulu ukuba singavele sisisaphaze nje. Khona-ke, kungani ungahleli indlela yokusisebenzisa njengoba ubuyokwenza ngemali? Okokuqala, bhala phansi isikhathi onomuzwa wokuthi ungakwazi ukusichitha kule ngosi yezokuxhumana. Ngemva kwenyanga bheka ukuthi ukwazile yini ukwenza njengoba ubuhlelile. Lungisa lapho kudingeka khona.

Uma ungumzali futhi izingane zakho ezevile eshumini nambili zichitha isikhathi esiningi ezingosini zokuxhumana, zama ukuthola ukuthi iyini imbangela yalokho. Ngokwesibonelo, encwadini yakhe ethi Cyber-Safe Kids, Cyber-Savvy Teens, uNancy E. Willard uphawula ukuthi ukusebenzisa kakhulu ingosi yezokuxhumana kuhlobene nokukhathazeka, ukucindezeleka nokuzinyeza. Uyabhala, “Intsha eningi ikhathazeka kakhulu ngendlela abanye abayibheka ngayo. Uma kuwukuthi intsha ilinganisa ukubaluleka kwayo ngokubheka izinga exhumana ngalo nabangane ngezobuchwepheshe, lokhu kungayenza ibe imilutha.”

Ungavumeli izingosi zokuxhumana—nanoma ikuphi okunye ukusetshenziswa kwe-Internet—kukuphazamise ekuhlakuleleni ubungane namalunga omkhaya wakho. UDon Tapscott uyabhala encwadini yakhe ethi Grown Up Digital: “Enye yezinto ezixakayo nge-Internet ukuthi nakuba yenza kube lula ngamalunga omkhaya angahlali ndawonye ukuba axhumane, kodwa ingawagcina eqhelelene uma ehlala ndawonye.”

Iphuzu eliyinhloko. Intombazane okuthiwa u-Emily ithi: “Ngicabanga ukuthi ukuthintana nabantu ngengosi yokuxhumana kuyindlela enhle kakhulu. Kodwa njengoba kunjalo nangezinye izinto, kudingeka wazi ukuthi uyivala nini.”

3 Ukusebenzisa Ingosi Yezokuxhumana Kulithinta Kanjani Idumela Lami?

“Idumela elihle nokuhlonishwa kubaluleke kakhulu kunesiliva negolide.”—IzAga 22:1, “Contemporary English Version.”

Okufanele ukwazi. Okufaka engosini yezokuxhumana kukwakhela idumela okuyoba nzima ukulishintsha. (IzAga 20:11; Mathewu 7:17) Abaningi abaziqapheli izingozi ezingaba khona. Owesifazane osemusha okuthiwa uRaquel uthi, “Kubonakala sengathi lapho abantu besebenzisa ingosi yokuxhumana bayayeka ukusebenzisa ingqondo. Basho izinto ngokuvamile abebengeke bazisho. Abanye abaqapheli ukuthi ngokubhala umyalezo owodwa ongafaneleki, bangonakalisa idumela labo elihle.”

Ukulimaza idumela lakho elihle engosini yezokuxhumana kungaba nemiphumela ehlala njalo. Incwadi ethi Grown Up Digital ithi: “Kunezigameko eziningi zabantu abasebenzisa ingosi yokuxhumana abalahlekelwa imisebenzi noma abangaqashwa lapho befake isicelo somsebenzi ngenxa yalokho abasuke bekufake kuleyo ngosi.”

Ongakwenza. Bheka ikhasi lakho engosini yokuxhumana futhi uzame ukulibheka ngendlela abanye abangalibheka ngayo. Zibuze le mibuzo: ‘Ingabe yile ndlela ngempela engifuna ukubhekwa ngayo? Uma othile ebengabheka izithombe zami engizifakile bese kudingeka achaze uhlobo lomuntu engiyilo ngokwalokho akubonayo, imaphi amagama abengase afike engqondweni yakhe? “Udlala ngothando”? “Uyakhanga ngokobulili”? “Uthanda ubumnandi”? Uma ngifake isicelo somsebenzi futhi lowo ongase abe umqashi wami ehlola izithombe ezisekhasini lami, ingabe yilolo hlobo lomuntu engingathanda ukubonakala ngiyilo kuye? Ingabe lezi zithombe ngempela zibonisa izindinganiso engiphila ngazo?’

Uma usemusha zibuze: ‘Kuthiwani uma abazali bami, uthisha noma omunye umuntu omdala engimhloniphayo ubengabona okusekhasini lami? Ingabe bengingaba namahloni ngalokho abangase bakubone noma bakufunde?’

Iphuzu eliyinhloko. Uma kuziwa endabeni yedumela lakho, khumbula amazwi omphostoli uPawulu: “Uyovuna kona kanye okuhlwanyelayo.”—Galathiya 6:7, Good News Translation.

4 Ukusebenzisa Ingosi Yezokuxhumana Kubuthinta Kanjani Ubuhlobo Bami Nabanye?

“Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”—IzAga 13:20.

Okufanele ukwazi. Abangane bakho bayayithonya indlela ocabanga ngayo nowenza ngayo. (1 Korinte 15:33) Ngakho, kunengqondo ukukhetha abantu owakha nabo ubungane engosini yokuxhumana. Abanye bamukela amashumi ngisho namakhulu ezicelo zobungane ezivela kubantu abangabazi kahle—noma abangabazi nhlobo. Abanye bathola ukuthi abanye babantu abasohlwini lwabo lwabangane abafaneleki. Cabanga ngalokho abanye abaye bakusho.

“Uma umuntu evuma ukuba umngane wanoma ubani nje, nakanjani uyongena enkingeni.”—U-Analise.

“Abaningi engibaziyo bayavuma ukwakha ubungane nabantu abangafuni ngempela ukuba abangane babo kodwa bathi basuke bengafuni ukubadumaza ngokusishaya indiva isicelo sabo.”—ULianne.

“Kuyefana nokuchitha isikhathi ngokoqobo nalabo bantu. Kufanele uqaphele ukuthi obani abangane bakho.”—U-Alexis.

Ongakwenza. Zenzele ‘isimiso sokwakha ubungane.’ Ngokwesibonelo, abanye bazibekele imingcele ethile endabeni yabangane:b

“Ngivumela abantu engibaziyo kuphela ukuba babe abangane bami—hhayi nje engike ngababona—kodwa engibazi ngempela.”—UJean.

“Ngakha ubungane nabantu osekuyisikhathi eside ngibazi. Angilokothi ngamukele abantu engingabazi.”—UMonique.

“Ngithanda ukufaka abantu engibaziyo kuphela ohlwini lwabangane bami nabaphila ngezindinganiso ezifanayo nezami.”—URae.

“Uma ngicelwa umuntu engingamazi ukuba ngibe umngane wakhe, ngivele ngisishaye indiva leso sicelo. Kulula kanjalo nje. Bonke abangane bami abantu engibaziyo nabasuke sebengabangane bami kakade ekuphileni okuvamile.”—UMarie.

“Uma umngane eqala ukufaka izithombe noma ukubhala izinto engizithola zingabazeka, angibi neze namahloni okumsula ohlwini lwabangane bami. Ngisho noma kuwukubuka lokho abakubhalile nje kuphela, bangabangane ababi.”—UKim.

“Ngenkathi ngisasebenzisa ingosi yezokuxhumana, nganginesimiso esiqine ngempela sokuvikela imininingwane eyimfihlo. Ngangingabavumeli abangane babangane bami ukuba babone engikubhalile noma izithombe engizifakile—ngangivumela abangane bami kuphela. Ngangenza kanjalo ngoba ngangingaqiniseki ngokuthi abangane babangane bami bangaba abangane abakahle yini kimi. Ngangingabazi futhi ngingalazi nedumela labo.”—UHeather.

Iphuzu eliyinhloko. Encwadini yakhe ethi CyberSafe, uDkt. Gwenn Schurgin O’Keeffe wabhala: “Isiqondiso esingcono esokuba wakhe ubungane nabantu obaziyo kuphela nabasuke bengabangane bakho kakade ekuphileni okuvamile.”c

[Imibhalo yaphansi]

a Ayikho ingosi yokuxhumana nabantu etuswa noma egxekwa i-Phaphama! AmaKristu kufanele aqiniseke ukuthi ukusebenzisa kwawo i-Internet akungqubuzani nezimiso zeBhayibheli.—1 Thimothewu 1:5, 19.

b Kulesi sihloko sixoxa ngobungane nje obuvamile, hhayi ubudlelwano bezebhizinisi.

c Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngezingosi zokuxhumana, bheka i-Phaphama! ka-July 2011, amakhasi 24-27, neka-August 2011, amakhasi 10-13.

[Ibhokisi ekhasini 8]

UNGAKHOHLWA UKUYIVALA INGOSI!

Uma ushiya ingosi ingavaliwe wena ungekho, kungenzeka abantu bafake izinto kuyo. Ummeli uRobert Wilson uthi, lokho “kufana ncamashí nokushiya isikhwama sakho semali noma umakhalekhukhwini endaweni yomphakathi. Noma ubani angavele afike azifakele noma yini.” Isiphi iseluleko asinikezayo? “Qiniseka ukuthi uyayivala ingosi.”

[Ibhokisi ekhasini 8]

INGABE UZIBIZELA INKATHAZO?

Ucwaningo olwenziwe yi-Consumer Reports lwembula ukuthi abaningi abasebenzisa ingosi yokuxhumana “bazibeka engozini engaholela ekugqekezweni kwezindlu zabo, ukwebiwa kwemininingwane yabo nokuzingelwa abathile. Abangamaphesenti angu-15 babebhale izindawo abahlala kuzo noma ukuthi bahlela ukuvakashela kuphi, abangamaphesenti angu-34 babebhale usuku lwabo lokuzalwa ngokugcwele kanti abangamaphesenti angu-21 alabo abanezingane babebhale amagama ezingane zabo bafaka nezithombe zazo.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela