ISIFUNDO 2
Ukukhuluma Ngendlela Engokwemvelo
2 Korinte 2:17
OKUFANELE UKWENZE: Khuluma ngendlela engokwemvelo eveza ukuthi uzizwa kanjani ngezilaleli zakho nangendaba oxoxa ngayo.
INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:
Thandaza futhi ulungiselele kahle. Cela ukuba uJehova akusize ungagxili kuwe kodwa ugxile emyalezweni okumelwe uwudlulise. Wazi kahle amaphuzu ayinhloko ofuna ukuwadlulisa. Khuluma ngamazwi akho, ungamane nje ufunde okubhaliwe.
Khuluma ngokusuka enhliziyweni. Cabanga ngokuthi kungani izilaleli zakho zidinga ukukuzwa lokho ozokusho. Gxila kuzo. Uma wenza kanjalo indlela oma ngayo, ukunyakaza komzimba wakho nokubukeka kobuso bakho, kuzobonisa ubungane nemfudumalo.
Zibheke izilaleli zakho. Bheka izilaleli emehlweni uma lokho kwamukelekile kubantu okhuluma nabo. Lapho ukhuluma, bheka umuntu ngamunye ezilalelini zakho kunokumane uzijeqeze.