Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w23 Febhuwari k. 31
  • Izenzo Zabanye Zababonisa Uthando

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izenzo Zabanye Zababonisa Uthando
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amachashaza Ashintsha Ukuphila
    Indlela Iminikelo Yenu Esetshenziswa Ngayo
  • ULouis Braille—Waletha Ukukhanya Ezigqileni Zobumnyama
    I-Phaphama!—2000
  • Abantu Abathembekile Badumisa UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ukuphila Ngobumpumputhe
    I-Phaphama!—2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
w23 Febhuwari k. 31

[kusuka kwesobunxele kuya kwesokudla] UMarcelo, uYomara, noHiver. Ngamunye wabo uphethe umqulu weNguqulo Yezwe Elisha ye-braille yesiSpanishi

Izenzo Zabanye Zababonisa Uthando

UYOMARA nabafowabo​—uMarcelo noHiver—​bahlala esigodini esincane eGuatemala. UYomara waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi futhi ngokuhamba kwesikhathi abafowabo nabo bamjoyina. Kodwa kwakunenkinga. Bobathathu babengaboni, bengakwazi nokufunda i-braille. Ngakho, owayebaqhubela isifundo wayebafundela izigaba namavesi eBhayibheli.

Ukuya emihlanganweni nako kwakuyinselele. Babengakwazi ukuhamba bodwa baye eHholo LoMbuso, okwakuthatha imizuzu engu-40 ukuya kulo. Kodwa abazalwane ebandleni bahlela ukubasiza ukuze baye kuyo yonke imihlangano. Lapho lezi zelamani seziqale ukwenza izinkulumo zabafundi emhlanganweni waphakathi neviki, abazalwane bazisiza ukuba zizibambe ngekhanda izabelo zazo.

Ngo-Meyi 2019, imihlangano yebandla yaqala ukwenziwa esigodini abahlala kuso. Ngaleso sikhathi kwase kufike indoda nomkayo abangamaphayona bezohlala kuleso sigodi. Bazibekela umgomo wokufundisa lezi zelamani ukufunda nokubhala i-braille, nakuba kwabona babengakwazi. Baya emtapweni wolwazi ukuze bafunde ukuthi ifundwa kanjani i-braille nokuthi bangabafundisa kanjani abanye ukuyifunda.

UMarcelo ephendula emhlanganweni webandla

Ngezinyanga ezimbalwa, lezi zelamani zase zikwazi ukufunda i-braille ngokushelelayo futhi lokho kwazisiza zathuthuka nakakhulu ngokomoya.a Manje uYomara, uMarcelo, noHiver bangamaphayona avamile. UMarcelo uyinceku ekhonzayo. Isonto lonke bahlale bematasa kakhulu ngezinto ezingokomoya. Intshiseko yabo yenza nabanye bashiseke.

Lezi zelamani zikwazisa ngempela ukusekelwa yibandla ngothando. “UYomara uthi: “OFakazi basibonisa uthando lobuKristu lwangempela siqala nje ukuhlangana nabo.” UMarcelo uyanezela: “Sinabangane abahle ebandleni futhi siyingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke obuhlanganiswe uthando.” UYomara nabafowabo balangazelela isikhathi lapho beyobona umhlaba uguqulwa wenziwa ipharadesi.​—IHu. 37:10, 11; Isaya 35:5.

a Incwajana ethi Learn to Read Braille yenzelwe ukusiza umuntu oyimpumputhe noma ongaboni kahle akwazi ukufunda nokubhala i-braille.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela