[kusuka kwesobunxele kuya kwesokudla] UMarcelo, uYomara, noHiver. Ngamunye wabo uphethe umqulu weNguqulo Yezwe Elisha ye-braille yesiSpanishi
Izenzo Zabanye Zababonisa Uthando
UYOMARA nabafowabo—uMarcelo noHiver—bahlala esigodini esincane eGuatemala. UYomara waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi futhi ngokuhamba kwesikhathi abafowabo nabo bamjoyina. Kodwa kwakunenkinga. Bobathathu babengaboni, bengakwazi nokufunda i-braille. Ngakho, owayebaqhubela isifundo wayebafundela izigaba namavesi eBhayibheli.
Ukuya emihlanganweni nako kwakuyinselele. Babengakwazi ukuhamba bodwa baye eHholo LoMbuso, okwakuthatha imizuzu engu-40 ukuya kulo. Kodwa abazalwane ebandleni bahlela ukubasiza ukuze baye kuyo yonke imihlangano. Lapho lezi zelamani seziqale ukwenza izinkulumo zabafundi emhlanganweni waphakathi neviki, abazalwane bazisiza ukuba zizibambe ngekhanda izabelo zazo.
Ngo-Meyi 2019, imihlangano yebandla yaqala ukwenziwa esigodini abahlala kuso. Ngaleso sikhathi kwase kufike indoda nomkayo abangamaphayona bezohlala kuleso sigodi. Bazibekela umgomo wokufundisa lezi zelamani ukufunda nokubhala i-braille, nakuba kwabona babengakwazi. Baya emtapweni wolwazi ukuze bafunde ukuthi ifundwa kanjani i-braille nokuthi bangabafundisa kanjani abanye ukuyifunda.
UMarcelo ephendula emhlanganweni webandla
Ngezinyanga ezimbalwa, lezi zelamani zase zikwazi ukufunda i-braille ngokushelelayo futhi lokho kwazisiza zathuthuka nakakhulu ngokomoya.a Manje uYomara, uMarcelo, noHiver bangamaphayona avamile. UMarcelo uyinceku ekhonzayo. Isonto lonke bahlale bematasa kakhulu ngezinto ezingokomoya. Intshiseko yabo yenza nabanye bashiseke.
Lezi zelamani zikwazisa ngempela ukusekelwa yibandla ngothando. “UYomara uthi: “OFakazi basibonisa uthando lobuKristu lwangempela siqala nje ukuhlangana nabo.” UMarcelo uyanezela: “Sinabangane abahle ebandleni futhi siyingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke obuhlanganiswe uthando.” UYomara nabafowabo balangazelela isikhathi lapho beyobona umhlaba uguqulwa wenziwa ipharadesi.—IHu. 37:10, 11; Isaya 35:5.
a Incwajana ethi Learn to Read Braille yenzelwe ukusiza umuntu oyimpumputhe noma ongaboni kahle akwazi ukufunda nokubhala i-braille.