Othayi Esikhathini Esidlule Nanamuhla
SEKUYIZINKULUNGWANE zeminyaka amadoda enesithakazelo sokuhlobisa izintamo zawo. Ngokwesibonelo, cishe ngo-1737 B.C.E., uFaro waseGibithe wapha uJosefa umgexo wegolide.—Genesise 41:42.
Namuhla ezingxenyeni eziningi zomhlaba, amadoda afaka othayi. Ngokwemithombo ehlukahlukene, othayi ababekhona ngaphambi kothayi banamuhla basungulwa eNgilandi naseFrance ngasekupheleni kwekhulu le-16. Amadoda ayegqoka ibhantshi okwakuthiwa i-doublet. Ayefaka iziphika zokuhlobisa entanyeni. Ngokuvamile lesi siphika, esasingaba ugqinsi olungamasentimitha ambalwa, sasiba njengoqwembe olukhulu oluzungeza intamo. Sasenziwa ngendwangu emhlophe futhi senziwe siqine ukuze sihlale sinjalo.
Ngokuhamba kwesikhathi, isiphika sathathelwa indawo yilokho okwakubizwa ngokuthi ukhololo owehlayo. Lona kwakuwukhololo omhlophe owawumboza lonke ihlombe bese wehla ngesiphanga. Labo khololo babebizwa nangokuthi ama-Vandyke. AmaPuritan ayephakathi kwabanye ababebagqoka.
Ekhulwini le-17, kwasungulwa ibhantshi elide okuthiwa intolibhantshi elalembathwa ngaphansi kwebhantshi elivamile. Intamo yomuntu oligqokile yayivalwa ngendwangu enjengesikhafu, noma u-cravat. Le ndwangu yayiboshwa izungeze intamo izikhathi ezimbalwa. Imicu esele yayilengela ngaphambili ehembeni. Imidwebo eyenziwa engxenyeni yokugcina yekhulu le-17 ibonisa ukuthi abantu babezifela ngo-cravat ngaleso sikhathi.
O-cravat babenziwa nge-muslin, ilineni, ngisho noleyisi. Labo abenziwe ngoleyisi babebiza. Kuthiwa uJames II waseNgilandi wakhokha opondo abangu-36 nosheleni abayishumi (R230) ukuze athole owodwa ngesikhathi egcotshwa njengenkosi, okwakuyitshe lemali ngaleso sikhathi. Abanye o-cravat abenziwe ngoleyisi babebakhulu. Umdwebo kaCharles II osesontweni iWestminster Abbey ubonisa ukuthi owakhe wawungamasentimitha angu-15 ububanzi nangu-86 ubude.
Kwakunezindlela ezihlukahlukene zokubopha ifindo lika-cravat. Ngezinye izikhathi kwakubekwa umdweshu kasilika ku-cravat ukuze unganyakazi bese kuboshwa ifindo elikhulu ngaphansi kwesilevu. Lesi sitayela sokubopha indwangu entanyeni kwakuthiwa i-solitaire. Leli findo lalifana nobhothayi wesimanje. Kuthiwa kwakunezindlela okungenani eziyikhulu zokubopha u-cravat. UBeau Brummell, iNgisi elathonya izitayela zabesilisa zokugqoka, kuthiwa wachitha yonke ingxenye yosuku yasekuseni ebopha u-cravat owodwa ukuze ube nefindo elihle ayelifuna.
Ngawo-1860, u-cravat onemicu emide waqala ukufana nothayi banamuhla futhi wabizwa ngokuthi uthayi. Wawubizwa nangokuthi i-four-in-hand. Leli gama lalisuselwa efindweni elaliboshwa abagibeli bemijaho yamakalishi adonswa amahhashi amane. Kwase kuyisitayela ukugqoka amahembe anokhololo. Uthayi wawuboshwa ifindo ngaphansi kwesilevu, bese imicu yawo emide ilenga ngaphambili ehembeni. Wavela kanjalo-ke uthayi wesimanje. Olunye uhlobo lukathayi, ubhothayi, lwavama phakathi nawo-1890.
Namuhla abaningi babheka uthayi njengengxenye ebalulekile yokubukeka komuntu. Abanye abantu bangase bafinyelele ngisho neziphetho ngomuntu abangamazi kuye ngokuthi ufake uthayi onjani. Ngakho-ke, kuwukuhlakanipha ukufaka othayi abahlanzekile futhi abanemiklamo noma imibala evumelana nehembe lakho, ibhulukwe nebhantshi.
Ifindo umuntu alikhethayo kufanele alibophe ngobunono. Mhlawumbe ifindo elivame kakhulu i-four-in-hand. (Bheka umdwebo osekhasini 14.) Lihle futhi linesizotha futhi lamukelwa kabanzi njengendlela yokugqoka. Elinye ifindo elithandwayo i-Windsor knot, elithanda ukuba likhulu. Ngokuvamile kwenziwa isifaca kuthayi ngezansi nje kwefindo.
Amadoda amaningi awakuthandi ukufaka uthayi. Awakuthandi ukuklinyeka. Nokho, abanye abaye baba nale nkinga baye bathola ukuthi ukuklinyeka kubangelwa kakhulu ubungako behembe. Uma unale nkinga, qiniseka ukuthi ukhololo wehembe lakho awumncane kakhulu. Uma ukhololo ukulingana kahle, ungase ukhohlwe ngisho nokuthi ufake uthayi.
Emazweni amaningi uthayi ubhekwa njengengxenye ebalulekile yokugqokela ibhizinisi noma isenzakalo esibalulekile. Ngenxa yaleso sizathu, amadoda amaningi angamaKristu afaka uthayi lapho ehlanganyela ezicini ezibalulekile zenkonzo yawo. Yebo, uthayi entanyeni yendoda unganezela isithunzi futhi uyenze ibe nesizotha.
[Umdwebo ekhasini 14]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Indlela yokubopha ifindo i-four-in-handa
1 Qala ngokwehlisa ingxenye ebanzi kathayi ibe cishe amasentimitha angu-30 ngezansi kwengxenye encane, bese uyihambisa ngaphezu kwengxenye encane, ibuyele ngaphansi futhi.
2 Phinda uhambise ingxenye ebanzi ngaphezulu, bese uyifaka esikhaleni esivulekile.
3 Usabambe ingxenye engaphambili yefindo ngomunwe wakho kankomba, faka ingxenye ebanzi esikhaleni ngaphambili.
4 Qinisa ifindo ngesineke, ubambe ingxenye encane esekugcineni bese udonsa ifindo uliyise kukhololo.
[Umbhalo waphansi]
a Kuthathwe encwadini ethi Shirt and Tie.
[Izithombe ekhasini 15]
Izindlela zokubopha uthayi kusukela ekhulwini le-17 kuze kube namuhla