Ukubuka Okwezwe
“Bekungaba Ngcono Sibasungule”
UProfesa Anatoly P. Zilber, usihlalo we-Department of Intensive Care and Anesthesia, ePetrozavodsk University nase-Republican Hospital of Karelia, eRussia, uncoma oFakazi BakaJehova, uthi: “Abalusebenzisi kabi uphuzo oludakayo, ababhemi, ababona abathandi bemali, abazephuli izithembiso zabo noma bafakaze amanga . . . Abalona ihlelo eliyimfihlakalo kodwa bayizakhamuzi ezilalela umthetho.” Uyanezela: “Bangabantu abahloniphekile, abajabulayo, abanesithakazelo kwezomlando, izincwadi, amakhono nakuzo zonke izici zokuphila.” Bese kuthi ngemva kokubala ushintsho oluwusizo olulethwe oFakazi ekuhlinzeni ngaphandle kwegazi, lo profesa athi: “Uma sishintsha amazwi kaVoltaire, singathi ukube oFakazi BakaJehova bebengekho bekungaba ngcono sibasungule.”
Ukudlondlobala Kwemfashini?
I-Times yaseLondon iphawula ukuthi izicathulo eziphakeme (platform shoes), “eziyinto ebalulekile entsheni ethanda izimfashini,” kanye nezinezithende eziphakeme (amaxhumela) zibangela ukulimala kwabantu ababalelwa ku-10 000 ngonyaka eBrithani. USteve Tyler, umkhulumeli we-British Standards Institution, uthi: “Ukulimala okuvame kakhulu okokusonteka noma ukwenyela kwamaqakala nokwephuka kwemilenze, kodwa lezi zicathulo zingase zibangele nezinkinga zomgogodla, ikakhulukazi emantombazaneni amancane imizimba yawo esakhula.” EJapane izicathulo eziphakeme ziye zabangela ukufa kwabesifazane ababili ezinyangeni zamuva. Kwesinye isenzakalo isisebenzi sasenkulisa esineminyaka engu-25 esasigqoke izicathulo eziphakeme ezingamabhande ezingamasentimitha angu-13 ukuphakama sakhubeka, saphuka amathambo ogebhezi, safa. Enye intokazi yafa lapho imoto eyayihamba ngayo ishayisa isigxobo sikakhonkolo ngoba umshayeli akakwazanga ukubamba imoto ngoba wayegqoke amabhuzu aphakeme ngamasentimitha angu-15. Zizama ukugwema ukumangalelwa, ezinye izimboni ezizikhiqizayo seziqale ukufaka amalebula okuxwayisa ezicathulweni zazo.
Imisebenzi Yasendlini Yezingane
I-Toronto Star ibika ukuthi: “Abazali banamuhla abaxinekile bayayekelela uma kuziwa ekutheni izingane zabo zibasize endlini.” UJane Nelsen, umbhali wencwadi ethi Positive Discipline uthi nakuba imisebenzi yasendlini “ingeke ibe yinto ebalulekile ezinganeni,” imisebenzi enjalo “yakha ukuzethemba nokuzihlonipha.” Ngokombiko owavela kumagazini i-Child, eminye imisebenzi yasekhaya izingane ezineminyaka emibili kuya kwemithathu ezingayenza ingahlanganisa ukuqoqa amathoyizi nokufaka izingubo ezingcolile kubhasikidi. Izingane ezineminyaka emithathu kuya kwemihlanu zingalungisa itafula, zifake izitsha lapho zigezwa khona, futhi zigcine izindawo zazo zokudlala zihlanzekile. Lezo ezineminyaka engu-5 kuya kwengu-9 zingandlala imibhede yazo, zihhale amahlamvu, zisiphule ukhula, kanti lezo ezineminyaka engu-9 kuya kwengu-12 zingenza imisebenzi enjengokugeza nokwesula izitsha, ukuchitha udoti, ukugunda utshani nokuhlanza phansi. UNelsen unezela ukuthi “kuyasiza ukuzinqumela isikhathi sokuqeda.”
Intsha Nobugebengu
Ukuhlola kwe-Scottish Executive kwembula ukuthi eScotland amaphesenti angu-85 abafana namaphesenti angu-67 amantombazane aneminyaka ephakathi kuka-14 no-15 athi ayenze ubugebengu nyakenye. Iphephandaba laseGlasgow i-Herald libika ukuthi ezinganeni ezingu-1 000 ezahlolwa ezikoleni eziyisithupha, zingamaphesenti angu-12 kuphela ezathi azikaze zenze lutho oluyicala. Phakathi kobugebengu obavunywa, amaphesenti angu-69 abafana namaphesenti angu-56 amantombazane ayecekele phansi impahla. Amaphesenti angaba ngu-66 abafana namaphesenti angu-53 amantombazane ayentshontshe ezitolo, futhi ingxenye yabo yayintshontshe esikoleni. Obunye ubugebengu babuhlanganisa ukushisa impahla nokulimaza ngesikhali. Le ntsha yathi ukucindezela kontanga kwakuyisizathu esiyinhloko esenza ukuba yenze lobu bugebengu, kanti kuleyo eyayingaphezu kweminyaka engu-15 isizathu kwakuwukuthola imali ukuze iqhubeke nomkhuba wayo wezidakamizwa.
Abafundi Abaphazamisayo
Ngokuvamile, iJapane ibingenayo inkinga yokuvukela kwentsha. Kodwa manje othisha kulo lonke elaseJapane sebebika ukuthi sekuya kuba nzima ukulondoloza ukuthula emakilasini ngenxa yabafundi abahluphayo nabaphazamisayo. Uhulumeni wedolobha laseTokyo wabuza abafundi abaneminyaka engu-9, engu-11 nengu-14 ukuthi iyini imizwa yabo ngabanye abantu. Ngokwe-Daily Yomiuri, abangamaphesenti angu-65 bathi bayabacasukela futhi sebekhathele abangane babo, abangamaphesenti angu-60 bakhala ngabazali kanti abangamaphesenti angu-50 bakhala ngothisha. Abangamaphesenti angu-40 bathi abakwazi ukulawula intukuthelo yabo. Umfundi oyedwa kwabahlanu wathi intukuthelo uyikhipha ngokwephula izinto.
“Igciwane Eliyimfihlakalo”
I-New Scientist ibika ukuthi igciwane eliyimfihlakalo lingcolisa igazi kulo lonke izwe. “Akekho owaziyo ukuthi leli gciwane ‘i-TT’ liyingozi yini, kodwa kwesatshwa ukuthi lingase libangele isifo sesibindi.” Leli gciwane, elaqanjwa ngokuthi i-TT ngenxa yeziqalo zamagama esiguli saseJapane elaqala ukutholwa egazini laso, liye latholakala kokubili “kwabathekelisa ngegazi kanye nasezigulini ezinesifo sesibindi ezimpontshelwa igazi.” Eqinisweni, ukuhlola kwembula ukuthi leli gciwane likubantu baseCalifornia abathekelisa ngegazi abangu-8 kwabangu-102 igazi labo elatholakala lingenawo amagciwane, ahlanganisa igciwane lengculaza, nesifo sokusha kwesibindi kohlobo B nokohlobo C. Kulinganiselwa ukuthi izinga lokuthelelwana ngalesi sifo lingamaphesenti amabili eBrithani, amaphesenti amane kuya kwayisithupha eFrance, amaphesenti angu-8 kuya kwayishumi e-United States namaphesenti angu-13 eJapane. Ososayensi “abahlola igciwane i-TT emhlabeni wonke abafuni ukwethusa abantu,” kusho lesi sihloko, kodwa bafuna “ukuthola ukuthi leli gciwane liyingozi yini empilweni.”
Ibhande Lokuphila
Inkathi ngayinye abafuyi kwezinye izindawo eNingizimu Afrika babelahlekelwa amaphesenti angu-40 ezilwane zabo ezisanda kuzalwa ngenxa yezimpungushe. Akukhona nje kuphela ukuthi lokhu kwakucindezela ngokwezimali kodwa kwakubangela nokuba lande kakhulu inani lezimpungushe. Imizamo yokuqeda izimpungushe yaphelela eboyeni njengesithukuthuku senja futhi yayiyingozi kwezinye izilwane zasendle. Nokho, eminyakeni yamuva kuye kwatholakala ikhambi elihlakaniphile futhi lasetshenziswa. Yibhande elifakwa entanyeni yemvu elingaqinile kakhulu elihlehlisekayo neliphinde lisebenziseke futhi elingakuthiyi ukuhamba kwemvu noma lilimaze impungushe. Limane nje livimbele impungushe ukuba ingalumi imvu inxeba elibulalayo. Ngokwephephandaba i-Natal Witness, abalimi abaye basebenzisa leli bhande “baye babika ukuthi kuphele ngokushesha futhi kwaphela unomphela ukubulawa yizimpungushe.” Futhi ngenxa yokuthi izimpungushe zidla ukudla kwazo okungokwemvelo okuyizinambuzane, amabunzi nengcuba kuphela, inani lazo liyehla.
Iminyovu Eqopha Imithi
I-National Geographic ibika ukuthi umnyovu i-ichneumon unesitho sokuzalela amaqanda “esiqiniswe insimbi noma ukhethe.” Lo mnyovu usebenzisa ithuluzi lawo eliyinsimbi ukuba ubhole ujule eziqwini zesihlahla ukuze uzalele amaqanda phezu noma phakathi kwezinhlava ezisezihlahleni ezizigubhile. “Eminye ingagubha ijule ngamayintshi amathathu [amasentimitha angu-8] okhunini oluqinile,” kusho uDonald Quicke we-Britain’s Imperial College. Lapho le minyovu ifukamela, idla izinhlava eziqopha ukhuni bese iphumela ngaphandle kwesihlahla isebenzisa imilomo eqiniswe amaminerali avela ezinhlaveni ezidlile.
“Isimo Esiphuthumayo Esiwumshoshaphansi” ENdiya
I-Times of India ibika ukuthi: “Naphezu kwentuthuko kwezempilo nakwezenhlala-kahle eminyakeni embalwa edlule, ukungondleki kusalokhu ‘kuyisimo esiphuthumayo esiwumshoshaphansi’ eNdiya.” Ukungondleki kubangela izindleko ezingaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,4 zamaRandi eNdiya zokunakekela impilo nezibangelwa ukulahleka kwemikhiqizo. Ngokwalo mbiko, izingane zaseNdiya ezingaphezu kwamaphesenti angu-50 ezineminyaka engaphansi kwemine azondlekile, izinsana ezingamaphesenti angu-30 “zinesisindo esincane kakhulu,” futhi abesifazane abangamaphesenti angu-60 banesifo sokuntuleka kwegazi. Isazi sokuthuthukiswa kwezenhlalo eWorld Bank, uMeera Chatterjee, sithi “ukungondleki akuwohlozi nje kuphela ukuphila kwabantu nemikhaya kodwa kunciphisa nenzalo emalini etshalwe kwezemfundo futhi kube umgoqo omkhulu entuthukweni yezenhlalo nezomnotho.”
Abapristi Abangajabule?
Izikhathi ezintathu eminyakeni eyisithupha edlule, kuye kwahlolwa ukuthi umphakathi waseFrance ubabheka kanjani abapristi namuhla. Njengoba kwanyatheliswa ephephandabeni lamaKatolika i-Croix, ukuhlola kwamuva kwembula ukuthi amaphesenti angu-45 abantu baseFrance awababheki abapristi njengabantu abajabule noma abanelisekile. Ngokuvamile abantu basabheka umpristi njengomuntu onobungane kwabathile nanjengomuntu olalelayo. Nokho, leli phephandaba lithi “baya bencipha abantu baseFrance abambheka njengomuntu odingekayo emphakathini,” futhi bangamaphesenti angu-56 kuphela abambheka “njengofakazi kaNkulunkulu emhlabeni.” Bangaphansi koyedwa kwabathathu emphakathini futhi bangamaphesenti angu-51 kuphela abantu abaya njalo esontweni abangakhuthaza indodana yabo noma isihlobo ukuba sibe umpristi.