“Isidumbu” Siyavuka
Ngumlobeli we-Phaphama! E-INDONESIA
NGO-JULY 17, 1997, kwakhishwa isimemezelo esingavamile ezindabeni zezwe zakusihlwa e-Indonesia. Kwakuqhakaze esinye sezitshalo ezinezimbali esikhulu kunazo zonke emhlabeni. Kungani ukuqhakaza kwesitshalo kwakungaze kube indaba esematheni ezindabeni zakusihlwa. Ngoba lesi sitshalo siyinqaba—singaqhakaza izinsuku ezimbili noma ezintathu izikhathi ezintathu noma ezine kuphela phakathi nokuphila kwaso kweminyaka engu-40. Ngemva kwalesi simemezelo izivakashi eziningi zathutheleka eBogor Botanical Garden, lapho kukhona khona lesi sitshalo, nalapho ziziningi ngamaphesenti angu-50 ngaphezu kokujwayelekile. Eqinisweni, kwatheleka izivakashi ezingaphezu kuka-20 000 ngosuku olulodwa zizobona lesi sitshalo!
Igama lesayensi lalesi sihlahla i-Amorphophallus titanum. Abanye balinqamulela bathi i-titan arum, kodwa abantu base-Indonesia abaningi basibiza ngokuthi imbali eyisidumbu ngoba iphunga elisikhiphayo lapho siqhakaza linuka njengenhlanzi ebolile noma igundane elibolile. Iphunga elinukayo litshela izinyosi ezithutha impova ukuthi le mbali isiqhakazile.
Ngaphandle kwephunga layo elihlukile, enye into eyenza i-titan arum ivelele ngubukhulu bayo. Isitshalo esesikhule ngokwanele sibedlula bonke abantu ngaphandle komuntu omude kunabo bonke. Esinye isitshalo eBogor Botanical Garden sakhula saba ngamamitha angu-2,5 ubude futhi sinamaqabunga amumethe izimbali amakhulu amise okwevazi futhi afingcizekile angamamitha angu-2,6 ububanzi. Lesi sitshalo esikhulu esinezimbali samila esigaxeni esasinesisindo esingamakhilogremu angu-100!
Naphezu kokuqhakaza ibe nkulu kakhulu, i-titan arum ngeke iqhoshe ngokuthi inembali enkulu kunazo zonke ezweni ngoba lesi sitshalo asakhiwa yimbali eyodwa kodwa sakhiwa yizimbali eziningi ezincane.
I-titan arum imane ingesinye sezibonelo ezibonisa ubuqiniso benkulumo yomhubi: “Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, . . . akukho okungafaniswa nawe.”—IHubo 40:5.