Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 1/22 kk. 15-18
  • Ukukhulisa Umntwana Endle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhulisa Umntwana Endle
  • I-Phaphama!—2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abanakekeli Abangakholeki
  • Ukunakekela Kwezinyoni
  • Ukuvikela Komzali
  • Izilwane Ezincelisayo
  • “Isakhamuzi Sasehlathini Esihle Ukuzedlula Zonke”
    I-Phaphama!—2000
  • Indlela Izilwane Ezondlana Futhi Zinakekelane Ngayo
    I-Phaphama!—2005
  • Lokho Izinsana Ezikudingayo Nezikufunayo
    I-Phaphama!—2004
  • Abazali Abathembekile Ababambisanayo
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 1/22 kk. 15-18

Ukukhulisa Umntwana Endle

Ngumlobeli we-Phaphama! eKenya

EMATHAFENI ase-Afrika angodedangendlale abanotshani, kuzalwa umntwana. Uthi dinsi phansi ekuphumeni kwelanga. Unina uyagoba kancane futhi aphakamise umntanakhe omanzi nocwebezelayo ukuze ame ngezinyawo ezintengantengayo. Abanye omama nodadewabo bayagijima basondele ukuze bazombuka, bamthinte futhi bamnuke umntwana omncane. Njengoba linesisindo esingamakhilogremu angu-120 kuphela futhi lingaphansi kwamasentimitha angu-90 ukuphakama, inkonyane lendlovu liletha injabulo kwamanye amalungu omhlambi.

Kude lé ebangeni eliyizinkulungwane zamakhilomitha, eMelika, isidleke esincane esingaphansi kwesithupha sinamathele egatsheni lesihlahla. Lapha umbhangqwana wama-bee hummingbird, angangezinambuzane, unakekela amaphuphu amabili amancane. Njengoba zindiza ngejubane elimangalisayo, lezi zinyoni ezimibalabala zingabazali abanesibindi futhi ziyozama ukuxosha izilwane ezinkulu ngisho nabantu abasondela emaphuphwini abo.

Abantwana bezilwane bayasikhanga sonke. Izingane ziyajabula lapho kuzalwa umdlwane. Ubani ongajatshuliswa ukubona umthinyane udlala, ukubona inkawu encane enhle ibambelele eboyeni bukanina, noma iphuphu lesikhova likhiphe amehlo amakhulu phakathi esidlekeni?

Abantwana bezilwane ngokuvamile bayakwazi ukuzenzela izinto ngokungafani nababantu. Abanye bathi bezalwa bebe sebegijima lapho nje izinyawo zabo ezincane zithinta inhlabathi. Abanye bashiywa bodwa ukuze bazivikele futhi bakhule. Nokho, ukukhula kwabantwana abaningi bezilwane nezinambuzane kuncike ekondliweni abazali, babavikele, babaphe ukudla, babaqeqeshe futhi babanakekele ngenxa yokuba khona kwesibopho esiqinile phakathi kwabazali nabantwana babo.

Abanakekeli Abangakholeki

Izinambuzane eziningi, izinhlanzi, izilwane eziphila emanzini nasezweni nezihuquzelayo azinandaba nenhlalakahle yabantwana bazo. Nokho, kunezinye ezihluke ngokuphawulekayo. Esinye isilwane ongeke ukholwe ukuthi siyanakekela ingwenya yaseNayile esabekayo. Lesi silwane esinonya sinakekela ngezinga eliphawulekayo. Ngemva kokubekela amaqanda esihlabathini esifudumele, abazali bahlala eduze ukuze bavikele inzalo yabo yakusasa. Lapho izingwenya ezincane sezizochanyuselwa, ziqala ukububula, zinikeza unina uphawu lokuba asuse inhlabathi. Kamuva, esebenzisa imihlathi yakhe enamandla, ngesineke uqoqa abantwana bakhe abachanyuselwe abayise osebeni lomfula ukuze abageze isihlabathi. Ubaba naye waziwa ngokuthi uyabathatha abantwana ayobageza. Izinsuku ezimbalwa, abantwana baba seduze kukanina emanzini, bemlandela njengamachwane edada. Ngaleyo ndlela bayazuza emandleni akhe amakhulu okubavikela.

Ngokumangalisayo, ezinye izinhlanzi zingabazali esingababiza ngokuthi bakahle. Ama-tilapia amaningi, ayizinhlanzi zasemanzini angenasawoti, zizalela amaqanda bese ziwagcina emilonyeni yazo ukuze avikeleke. Uma zichamusela, izinhlanzi ezincane ziyazibhukudela ngokukhululeka, kodwa zihlala ziseduze kwabazali bazo. Uma kusondela ingozi, inhlanzi engumzali iyakhamisa ukuze abantwana bangene bacashe. Uma ingozi isidlulile, abantwana baphinde baphume bazenzele izinto zabo ezivamile.

Izintuthwane, izinyosi nomuhlwa kunakekela futhi kuvikele abantwana bako ngendlela ephawulekayo. Njengoba zaziwa ngokuthi izinambuzane ezihlala ndawonye, zihlala ngamaqulo, zakhe izindlu zamaqanda azo futhi zilethele abantwana bazo ukudla. Inyosi iyisibonelo esaziwayo salokhu. Izinkulungwane zalezi ‘zinyosi ezimatasa’ zisebenza ndawonye zinakekela abantwana esidlekeni. Ukuhlakanipha okungokwemvelo kuzenza zikwazi ukwakha, ukulungisa nokuhlanza indawo yazo, zize zilawule ngisho nezinga lokushisa nokubanda nomswakama.

Ukunakekela Kwezinyoni

Izinyoni eziningi zingabazali abakahle kakhulu, zichitha isikhathi esiningi namandla zikhetha indawo yokwakha isidleke, zisakhe bese zinakekela umkhaya wazo. Enye insingizi yeduna ekhuthele yase-Afrika yabonwa ivakashela isidleke sayo izikhathi ezingaphezu kuka-1 600 ihambisa izingcezu ezingu-24 000 zezithelo kumngane wayo phakathi nenkathi yezinsuku ezingu-120 yokukhulisa amachwane!

I-albatross ezulazulayo ingomunye umnakekeli onokwethenjelwa. Inyoni engumzali indiza izinkulungwane zamakhilomitha ifuna ukudla kuyilapho umngane wayo othembekile eyilinda ngesineke esidlekeni ize ibuye.

Ezindaweni eziwugwadule, ezinye izinyoni zisebenzisa indlela ephumelelayo yokuqeda ukoma kwamaphuphu azo. Zindizela endaweni enamanzi, zicwilise izimpaphe zazo zesifuba bese ziphindela esidlekeni, kulapho amaphuphu ephuza khona ezimpapheni zawo ezimanzi.

Lapho umsebenzi wokondla imilomo eminingi uba umthwalo onzima, ezinye izinyoni zicela usizo lwezinye ukuze zigade abantwana bazo. Laba basizi ngokuvamile kusuke kungabantwana bazo asebekhulile futhi bayazimisela ukondla nokuvikela amaphuphu.

Ukuvikela Komzali

Ukuvikela amaphuphu kuwumsebenzi wasikhathi sonke. Abazali ngokuvamile bavula izimpiko bamboze isidleke lapho lina, bagcine amaphuphu abo efudumele futhi omile. Amasomi ahamba phambili ekubeni abagcini bekhaya. Ukuze zivikele isidleke sazo singabi nezintwala namazeze, lezi zinyoni ezihlakaniphile ziqoqa izimvuthu zezitshalo ezithile ezinobuthi zizifake ngaphakathi nasemaceleni esidleke. Lokhu kusebenza njengesibulala-zinambuzane esibulala noma sivimbele izinambuzane eziyingozi.

Ithendele elingumama libonisa ukuhlakanipha okukhulu uma livikela amaphuphu alo. Uma lisongelwa, libamba iphuphu lalo liliqinise phakathi kwemilenze nomzimba, livule amaphiko, bese liyandiza lithwele umthwalo walo oyigugu liwuyise endaweni ephephile. Abanye abazali abanesibindi ngokuhlakanipha benza sengathi balimele ukuze baphazamise izilwane ezihlaselayo zingezi emaphuphwini abo. Ebhabhalala phansi sengathi ulimele, umama uyenga umhlaseli asuke esidlekeni, athi esuka ebe endiza ebalekela endaweni ephephile uma ingozi isidlulile. Izinyoni ezinezidleke eziphansi zingase zitshiyoze ngobuqili ukuze zesabise abahlaseli. Isikhova saseNyakatho Melika i-burrowing sifutha njengenyoka uma umgodi waso usongelwa. Izihambi ezafika lapho kuqala zaziqiniseka ukuthi izikhova ezincane zihlala nezinyoka ezidlekeni zazo, futhi babengasondeli!

Izilwane Ezincelisayo

Ezilwaneni, izilwane ezincelisayo yizona ezivelele ngokunakekela kobuzali. Izindlovu ezingomama zizinikele kubantwana bazo, zakha isibopho esiqinile esingahlala iminyaka engu-50. Inkonyane lincike kakhulu kunina. Unina uyalivikela elangeni elishisayo ngomzimba wakhe omkhulu, alincelise kahle, futhi alivumele ukuba liphakamise umboko walo omncane lithathe izingcezu zezimila emlonyeni wakhe lidle. Njalo ugeza umntanakhe ngokumfafaza ngamanzi emhlane abese emhlikihla ngomboko. Ukukhulisa inkonyane lendlovu kuyindaba yomkhaya, njengoba ezinye izindlovu eziyizinsikazi emhlanjini zifeza indima ebalulekile ekondleni, ekufundiseni nasekuvikeleni abancane emhlanjini.

Esinye isilwane esincelisayo esikhulu, imvubu, singase sizalele inkonyane laso ngaphansi kwamanzi. Abantwana bakwazi kahle ukuncela bengaphansi kwamanzi, bakhuphuke ukuze bathole umoya, baphinde bacwile futhi baqhubeke nokuncela. Imvubu engumama ilivikela kakhulu inkonyane layo elisanda kuzalwa.

Izinkawu nazo zingomama abakahle. Ngemva kokuzala, umama ubamba umntanakhe amvikele phakathi namahora okuqala ambalwa emgaxe okungenani ngesandla esisodwa entanyeni noma emahlombe. Esontweni lokuqala, umntwana angase achithe isikhathi esiningi ebambelele eboyeni bukanina. Umama angase akuvumele ukuba umntanakhe abanjwe ezinye izinsikazi, ezingase zichithe isikhathi zimphulula, zimcwala, zimgona futhi zidlala naye.

Ngempela izilwane eziningi “zihlakaniphile ngokomzwelo wemvelo” futhi zibonisa ikhono elimangalisayo endleleni ezinakekela ngayo abantwana bazo. (IzAga 30:24-28, NW) Ikhono lazo lokubona isidingo futhi zihlole isimo bese zenza okudingekayo ngendlela ewubuhlakani alizenzakalelanga nje. Liwumphumela wokuklanywa okuhlakaniphile okuvela emthonjeni ohlakaniphile—uMdali wezinto zonke, uJehova uNkulunkulu.—IHubo 104:24.

[Isithombe ekhasini 15]

Amaphuphu ezikhova

[Isithombe ekhasini 16]

Ama-“tilapia” agcina amaqanda awo emlonyeni

[Umthombo]

Courtesy LSU Agricultural Center

[Izithombe ekhasini 16]

Izingwenya ziyababeletha abantwana bazo

[Umthombo]

© Adam Britton, http://crocodilian.com

[Isithombe ekhasini 17]

I-“albatross” nephuphu

[Isithombe ekhasini 17]

Insingizi

[Isithombe ekhasini 17]

Isomi

[Isithombe ekhasini 17]

Ithendele

[Isithombe ekhasini 18]

Izimvubu ezingomama zivikela kakhulu

[Umthombo]

© Joe McDonald

[Isithombe ekhasini 18]

Izimfene ezingomama zicwala abantwana bazo

[Isithombe ekhasini 18]

Izinkawu

[Umthombo]

© Joe McDonald

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela