Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 5/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqongelela Izitembu—Umsebenzi Wokuzilibazisa Onehuha Futhi Ongenisa Imali Eshisiwe
    I-Phaphama!—1995
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2001
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 5/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

UBraille Ngiyanihalalisela ngesihloko esithi “ULouis Braille—Waletha Ukukhanya Ezigqileni Zobumnyama.” (September 8, 2000) Uthisha-nhloko wesikole engisebenza kuso uyimpumputhe. Wahlabeka umxhwele ngempela lapho ngimfundela lesi sihloko. Kwabekwa ikhophi yalo magazini emtatsheni wezincwadi wesikole.

M.A.S., Brazil

Ukuzindla Ngifisa ukunibonga ngesihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ukuzindla Okuzuzisayo.” (September 8, 2000) Manje ngiyabona ukuthi bengiphambanisa ukwakha amaphupho nokuzindla. Ngokusebenzisa eyabaseFilipi 4:8, sengiyayazi indlela efanele yokuzindla ngezinkinga zami. Ngibonga kakhulu!

W. P., Poland

Ama-beaver Ngineminyaka engu-15 ubudala futhi ngifisa ukunibonga ngesihloko esithi “Umgawuli Wezingodo Omdala Usasebenza.” (September 8, 2000) Ngiyakujabulela ukufunda ngezilwane nendlela eziphila ngayo. Kodwa ngangingazi ukuthi ama-beaver amatasa kangaka! Ngicabanga ukuthi iyamangalisa indlela azinakekela ngayo wona nemikhaya yawo!

S. J., United States

Ngineminyaka eyishumi ubudala, futhi ngasifunda lesi sihloko ngihlezi ngasemfudlaneni othile. Ngangiwabona ngeso le ngqondo ama-beaver esebenza umshawushile. Ngiyazijabulela izihloko ezikhuluma ngezilwane ngoba zingisiza ukuba ngazise zonke izinto ezimangalisayo uJehova azenzile.

B. P., United States

Izibalo Eziyiphutha? Ngifisa ukuniqaphelisa iphutha nje elincane esihlokweni esithi “Ukufuna Umphakathi Ophelele.” (September 22, 2000) Naveza ukuthi kungathatha iminyaka engu-26 ukufunda imiqulu engu-200 enamakhasi ayinkulungwane umunye. Ngokwezibalo zami, kungathatha isikhathi esingaphansi kweminyaka emine.

P. I., Romania

Siyabonga ngephuzu olivezayo. Nakuba kuyiqiniso ukuthi ukufunda imiqulu elandisa indaba engu-200 enamakhasi ayinkulungwane umunye kungathatha isikhathi esincane, ukwaziswa okuqongelelwa yi-Human Genome Project kuhlanganisa uhlelo lokwakheka kwe-DNA, okungaba yinselele ukukufunda futhi kudle nesikhathi.—ED.

Ngicabanga ukuthi nenza iphutha elivamile esihlokweni esithi “Lokho Ihlo Lenyama Elingeke Likubone.” (August 22, 2000) Lapho, nakhuluma ngezibonakhulu ezingakhulisa izinto izikhathi eziyisigidi, “okufana nokukhulisa isitembu sokuposa silingane nezwe elincane.” Izitembu zokuposa eziyisigidi zingalingana endaweni yezitembu eziyinkulungwane ziphindwe kayinkulungwane. Ake sithi isitembu ngasinye singamasentimitha angu-2,5 uhlangothi ngalunye, lokhu kungakha isikwele esingaba amamitha angu-25 uhlangothi ngalunye. Nginomuzwa wokuthi alikho izwe elincane kangako!

R. C., United States

Esikhundleni sokucabanga ukuthi isitembu esisodwa singalingana endaweni yezitembu eziyinkulungwane ziphindwe kayinkulungwane, cabanga ngesikwele sezitembu eziyisigidi ziphindwe kasigidi, ngenxa yokuthi isibonakhulu sikhulisa uhlangothi olulodwa lwento. Lokho bekungacishe kulingane nezwe elilodwa elincane eliyisiqhingi.—ED.

Ukuphepha Kwezindiza Nginibhalela incwajana yokubonga ngesihloko esithi “Ukwenza Ukuhamba Ngezindiza Kuphephe Kakhudlwana.” (September 22, 2000) Ngiyakuthanda ukuhamba ngendiza, kodwa ngemva kokufunda lesi sihloko, ngiyaqaphela ukuthi kuwumsebenzi omkhulu nesikhathi ukuqeqesha abashayeli bezindiza, kucatshangelwa ukuphepha kwethu.

E. P., Virgin Islands

Ubuncane Lapho nje ngibona isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngimncane Kangaka?” (September 22, 2000), ngahlengezela izinyembezi. Ngineminyaka engu-16 futhi nginesisindo esingamakhilogremu angu-45. Ngenxa yokuthi ngimncane, benginomuzwa wokuthi ngimubi futhi angikhangi. Lapho ngifunda lesi sihloko, ngakujabulela ukusikisela kwaso okuwusizo. Isiphetho sangithinta inhliziyo kakhulu ngoba sangiqaphelisa ukuthi uJehova ubona inhliziyo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela