Ingabe Singasisindisa Isihlahla Se-candelabra?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRAZIL
ININGIZIMU yeBrazil yake yagcwala izihlahla zikaphayini. Ukufana kwazo nothi lwesibani olunamagatsha kwenza ukuba olunye uhlobo lubizwe ngokuthi “isihlahla se-candelabra.” Lwaziwa nangokuthi uphayini waseParaná noma uphayini waseBrazil.
Izigaxa ezilenga esihlahleni se-candelabra zinkulu kunopapamuzi, ezinye zinesisindo esingamakhilogremu amahlanu. Isigaxa singaba nezinhlamvu ezingu-150, ezibizwa ngokuthi ama-pinhão ngesiPutukezi. Uma isigaxa sesivuthiwe, siyaqhekeka sibange umsindo omkhulu, bese kuchitheka izinhlamvu ezingaphakathi.
Abantu, izinyoni nezilwane ziyazidla lezi zinhlamvu, ezinephunga nokunambitheka okunjengama-chestnut. Ama-pinhão—awumthombo okahle wamaprotheni ne-calcium—ayewukudla okuyinhloko kwezinye izizwe zabomdabu eningizimu yeBrazil. Lezi zinhlamvu zisasetshenziswa nanamuhla. Ngokwesibonelo, eSifundazweni saseBrazil iSanta Catarina, ziyatholakala ezidlweni zendawo njengakuyi-paçoca de pinhão (ama-pinhão agayiwe).
Lasishonela isihlahla se-candelabra lapho izifiki zaseYurophu zekhulu le-18 zibona ukuthi sinokhuni oluhle. Ngokushesha, kwagawulwa izihlahla ze-candelabra ukuze kwakhiwe imizi noma ukuze nje kutholakale indawo yamasimu kakolweni nezivini. Ngokuhamba kwesikhathi, kwagawulwa izihlahla eziningi kunezazitshalwa. Manje, sekusele amahlashana ambalwa agqagqene. Ngenxa yalokho, intengo yesihlahla se-candelabra imba eqolo. “Uphayini awuselona nje ukhuni,” kusho indoda esineminyaka engu-50 isebenza ngokhuni lwe-candelabra. “Unjengegolide.”
Abacwaningi bathi ukube bekungengenxa ye-azure jay, ngabe kade yaqothulwa i-candelabra. Le nyoni ematasa idla izinhlamvu zesihlahla se-candelabra, igcine ezinye oleleni nasezithonjeni zezihlahla ezifile. Kamuva eziningi zalezi zinhlamvu ziyamila. Khona-ke, ngomqondo othile, i-azure jay ingumtshali omatasa wezihlahla ze-candelabra! Nokho, ngokudabukisayo inani lama-azure jay liyancipha ngenxa yokuqothulwa kwamahlathi kaphayini.
Ezinye izinkampani ezigawula imithi seziqale ukulondoloza iziqephu zamahlathi nokutshala kabusha ama-candelabra ezingxenyeni ezithile zeningizimu yeBrazil. Mhlawumbe lokhu kusho ukuthi isihlahla se-candelabra siyophinde sichume.
[Izithombe ekhasini 11]
Isigaxa ngasinye sinama-“pinhão” angaba ngu-150
[Umthombo]
Tree and cones: Marcos Castelani