Isinyathelo 2
Yakhani Ikhaya Elinothando
Kungani kufanele nithathe lesi sinyathelo? Izingane zidinga uthando futhi azikhuli kahle ngaphandle kwalo. Ngawo-1950, isazi semvelaphi nenhlalo yabantu uM. F. Ashley Montagu sabhala: “Ukuze akhule umuntu udinga ukondliwa ngothando; umthombo wayo yonke impilo ukuboniswa uthando, ikakhulukazi phakathi neminyaka eyisithupha yokuqala yokuphila.” Abacwaningi banamuhla bayavumelana nesiphetho sikaMontagu sokuthi “izingane zibhekana nemiphumela elimazayo uma zingalutholi ngokwanele uthando.”
Inselele: Ukuphila kuleli zwe elingenalo uthando futhi elinobugovu kulimaza izibopho zomkhaya. (2 Thimothewu 3:1-5) Imibhangqwana eshadile ingase ithole ukuthi ubunzima bezimali nobungokomzwelo bokukhulisa izingane benza izinkinga zomshado ezikhona zibhebhetheke. Ngokwesibonelo, ukungavumelani kombhangqwana oshadile ngendlela yokuyala nokuvuza izingane kungase kwandise izingxabano phakathi kwabantu ababili kakade abakuthola kunzima ukukhulumisana.
Ikhambi: Hlelani isikhathi sokuba ndawonye njengomkhaya njalo. Imibhangqwana eshadile nayo kudingeka ihlele isikhathi sokuba ndawonye iyodwa. (Amose 3:3) Sisebenziseni ngokuhlakanipha isikhathi lapho izingane sezilele. Ningavumeli i-TV ukuba iniphuce lezi zikhathi eziyigugu. Gcinani uthando luvutha emshadweni wenu ngokubonisana uthando njalo. (IzAga 25:11; IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:7-10) Esikhundleni ‘sokusola’ njalo, funa izindlela zokuncoma oshade naye usuku ngalunye.—IHubo 103:9, 10; IzAga 31:28.
Tshela izingane zakho ukuthi uyazithanda. UJehova uNkulunkulu wabekela abazali isibonelo ngokuzwakalisa obala uthando ngeNdodana yakhe, uJesu. (Mathewu 3:17; 17:5) UFleck, ongubaba ohlala e-Austria, uthi: “Ngiye ngathola ukuthi izingane zithi azifane nezimbali ezithile. Njengoba nje lezi zitshalo ezincane zibheka elangeni ukuze zithole ukukhanya nokufudumala, izingane zibheka kubazali bazo ukuze zithole uthando nesiqinisekiso sokuthi ziyaziswa njengamalungu omkhaya.”
Kungakhathaliseki ukuthi ushadile noma ungumzali ongayedwa, uma usiza umkhaya wakho ukuba uhlakulele ukuthandana futhi uthande noNkulunkulu, ukuphila komkhaya wakho kuyothuthuka.
Kodwa iZwi likaNkulunkulu lithini ngokusebenzisa igunya lobuzali?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
“Uthando . . . luyisibopho esiphelele sobunye.”—Kolose 3:14